Kumuntu kukhona izwi lokukholwa elingenasiqiniseko, nokho umuntu akazi ukuthi yini eyakha ukukholwa, angisaphathi ukuthi kungani enokholo. Umuntu uqonda okuyingcosana futhi umuntu uqobo lwakhe akanalwazi; umane abe nokukholwa Kimi ngokungacabangi nangokungabi nalwazi.
Nakuba engazi ukuthi kuyini ukukholwa Kimi, uyaqhubeka nokukwenza ngokuthatheka. Engikucelayo kumuntu akusikhona nje ukuthi angibize ngalendlela yokuthatheka noma akholwe Kimi ngokomkhuba ongenanjongo. Ngokuba umsebenzi engiwenzayo owokuthi umuntu aNgibone futhi afinyelele ekuNgazini, hhayi ukuthi umuntu ajabule nje kodwa ukuba aNgibheke ngendlela entsha ngenxa yomsebenzi Wami. Ngiye ngazibonakalisa ngaphambili ngezibonakaliso kanye nezimangaliso eziningi futhi ngenza izimangaliso eziningi. Abakwa-Israyeli ngesinye isikhathi bangibonisa uthando olukhulu futhi bahlonipha kakhulu ikhono lami elahlukile lokuphilisa abagulayo nokuxosha amadimoni. Ngesikhathi, amaJuda ecabanga ukuthi amandla Ami okuphilisa angubuciko futhi angaphezu kokuvamile. Ngokuba izenzo Zami eziningi zaloluhlobo, zonke zaNgilethela ukuphathwa ngenhlonipho; bazizwela ukuthandwa okukhulu ngenxa yamandla Ami onke. Ngalokho, noma imuphi owaNgibona ngenza izimangaliso waNgilandela eduze, ngalendlela yokuthi izinkulungwane zangilandela ukuze bangibukele ngiphilisa abagulayo. Ngabonakalisa izibonakaliso eziningi kanye nezimangaliso, kepha umuntu wangithathisa okwenyanga enekhono; Ngaphinda ngakhuluma amazwi amaningi okufundisa kulabo bantu ngaleso sikhathi, kepha baNgithathisa okothisha omkhulu kubafundi bakhe! Kuze kube namuhla, emva kokuba abantu sebebone okubhaliweyo ngomlando womsebenzi Wami, ukuhumusha kwabo kuyaqhubeka nokuthi Ngiyinyanga enkulu ephilisa abagulayo nothisha kwabangenalo ulwazi. Futhi baye bazinqumela bona ukuthi NgiyiNkosi uJesu Kristu enomusa. Labo abahumusha umbhalo kungenzeka ukuba baye babheka amakhono Ami ekuphulukiseni, noma mhlawumbe kube abafundi manje asebedlula uthisha wabo, nokho abantu abanjenga laba bodumo olukhulu, amagama abo aziwa umhlaba wonke, bangithathela phansi kakhulu okwenyanga! Izenzo Zami ziningi kunezinhlamvu zezihlabathi zolwandle, futhi ukuhlakanipha Kwami kukhulu kunokwawo onke amadodana kaSolomoni, nokho abantu bacabanga Ngami ngokungeya njengenyanga engelutho futhi uthisha ongaziwa kubantu! Bangaki abakholwa Kimi kuphela ukuze ngibaphilise? Bangaki abakholwa Kimi kuphela ukuze ngisebenzise Amandla Ami ukuze ngixoshe imimoya engcolile emizimbeni yabo? Futhi bangaki abakholwa Kimi ukuze bamukele ukuthula kanye nenjabulo Kimi? Bangaki abakholwa Kimi ukuze bathole Kimi ingcebo eningi ephathekayo, futhi bangaki abakholwa Kimi ukuze bachithe lokhu kuphila ngendlela ephephile futhi ukuze balondeke futhi baphile ezweni elizayo? Bangaki abakholwa Kimi ukuze bagweme ukuhlupheka esihogweni futhi bamukele izibusiso ezivela ezulwini? Bangaki abakholwa Kimi ukuze bathole intokozo yesikhashana kodwa bengangifuneli inzuzo yezwe elizayo? Ngesikhathi ngiletha intukuthelo phezu komuntu futhi nginqamule yonke injabulo kanye nokuthula owayenakho kwasekuqaleni, umuntu wabe eseba nokungabaza. Ngesikhathi Nginika umuntu ukuhlupheka kwase sihogweni futhi ngamphuca izibusiso zasezulwini, ihlazo lomuntu liphenduka intukuthelo. Ngesikhathi umuntu ecela ukuba Ngimphulukise, kepha aNgimamukelanga futhi Ngafikelwa ukucunuka ngaye, umuntu waziqhelelanisa kakhulu Nami wabe eselandela indlela yabathakathi kanye nabaloyi. Ngesikhathi ngithatha konke lokhu umuntu ekade ekuthathe Kimi, kube sekuyaphela konke ngaphandle komgudu. Ngakho-ke, Mina ngithi lowo muntu unokukholwa Kimi ngoba Mina ngenzelana umusa omkhulu, futhi kuningi kakhulu okuyinzuzo. AmaJuda akholwa Kimi ngenxa yomusa Wami, futhi baNgilandela noma kuphi lapho Ngiya khona. Lababantu abazikhukhumezayo futhi abanolwazi oluncane kanye nesipiliyoni esilinganisiwe, babefuna kuphela izibonakaliso nezimangaliso Mina engangizenza. BaNgibona njengenhloko yendlu yamaJuda engangiyenzela izimangaliso ezinkulu. Ngakho-ke, ngesikhathi ngixosha amadimoni kubantu, bathi ngingu-Eliya, nginguMose, ngingomunye wabaphrofethi bakudala, ngiyinyanga enkulu kunazo zonke. Ngaphandle kokuthi ngizisholo Mina ukuthi ngingukuphila, indlela, kanye neqiniso, akekho owabe azi ngobukhona Kwami noma ubunjalo Bami. Ngaphandle kokuthi Mina ngisho ukuthi izulu indawo lapho uBaba Wami ehlala khona, akekho obazi ukuthi NgiyiNdodana kaNkulunkulu, futhi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngaphandle kokuthi Mina ngisho ukuthi ngiyakuletha ukuhlengwa kubantu bonke futhi ngibe isihlengo sesintu, akekho owabe azi ukuthi Mina nginguMhlengi wesintu; abantu babengazi kuphela njengendoda enomusa futhi enesihawu. Futhi ngaphandle kokuthi Mina ngikwazi ukuchaza konke Ngami, akekho owakwazi ukungibona, futhi akekho owakholwa ukuthi Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu ophilayo. Umuntu wayenalolu hlobo lokukholwa Kimi, futhi engikhohlisa Mina ngale ndlela. Umuntu angafakaza kanjani Ngami uma eNgibona ngale ndlela?
Umuntu uyakholwa Kimi kodwa angeke afakaze Ngami, futhi ngaphambi kokuba Mina ngizenze ngaziwe, umuntu angeke afakaze ngami. Umuntu ubona kuphela ukuthi Mina ngidlula okudaliweyo kanye nabo bonke abantu abangcwele, futhi ubona nokuthi umsebenzi engiwenzayo angeke abantu bekwazi ukuwenza. Ngakho-ke, kusukela kumaJuda kuya kubantu abakhona manje, noma ubani owabona imisebenzi Yami yenkazimulo ugcwele ilukuluku Ngami, kepha awukho namunye umlomo wokudaliweyo ongafakaza Ngami. UBaba kuphela ofakaza Ngami; Yena wangenzela indlela phezu kwakho konke okudaliweyo. Ngaphandle kwalokho, noma ngabe ngasebenza kanjani, umuntu wayengeke azi ukuthi ngiyiNkosi yendalo, ngokuba umuntu wazi ukuthatha kuphela, akanakho ukukholwa Kimi ngenxa yemisebenzi Yami. Umuntu uyangazi Mina ngenxa yokuthi ngimsulwa futhi anginanto engihlanganisa nesono, ngoba ngingachaza izimfihlakalo eziningi, ngokuba ngingaphezu koquqaba, noma kungenxa yokuthi umuntu uzuze lukhulu Kimi. Nokho bayingcosana abakholwa ukuthi Mina ngiyiNkosi yendalo. Yingakho ngithi umuntu akazi ukuthi kungani ekholwa Kimi; akayazi injongo noma ukubaluleka kokukholwa Kimi. Iqiniso lomuntu liyasweleka, ngale ndlela yokuthi ucishe ngokungafanele kakhulu ukufakaza Ngami. Unokukholwa kweqiniso okuncane kakhulu futhi uzuze okuncane kakhulu, yingakho unobufakazi obuncane kakhulu. Nangaphezu kwalokho, uqonda okuyingcosana kakhulu bese untula okuningi, ngale ndlela yokuthi ucishe ungakulungeli ukufakaza ngemisebenzi Yami. Isisombululo sakho siyabhekeka ngempela, kodwa kungabe unesiqiniseko sokuthi uzokwazi ukufakaza ngempumelelo ngobukhona bukaNkulunkulu? Yini lena osudlule kuyo kanye noyibonile engaphezu kweyabangcwele kanye neyabaphrofethi bakudala, kodwa futhi ukwazi ukuletha ubufakazi obungaphezu kokwabangcwele kanye nokwabaphrofethi bakudala? Lokhu engikubeka phezu kwakho manje kudlula okukaMose futhi kukhulu kuno kukaDavide, ngokunjalo ngicela ukuba ubufakazi bakho budlule lokho okukaMose kanye nokuthi amazwi akho abe ngaphezu kwamazwi kaDavide. Mina ngikunika okuphindwe ngokwekhulu, ngokunjalo Mina ngicela ukuba ungikhokhele ngokufanayo. Kumele wazi ukuthi Yimina obeka ukuphila kubantu, kepha nguwe owanikela ukuphila Kimi futhi kumele ufakaze Ngami. Lokhu kungumsebenzi wakho, engawuthumela kuwe futhi okumele ungenzele wona Mina. Ngibekile yonke inkazimulo Yami kuwe, ngaphinda ngabeka phezu kwakho ukuphila okungatholwanga abantu abakhethiwe, ama-Israyeli. Ngokwelungelo, kumele ungifakazele Mina, futhi unikele ubusha bakho Kimi futhi ubeke phansi ukuphila kwakho. Kunoma ubani engibeka inkazimulo Yami kuye uyakufakaza Ngami futhi anikele ukuphila kwakhe ngenxa Yami. Lokhu kwakumisiwe kwakudala. Kuyinhlanhla yakho enhle ukuthi Mina ngabeka inkazimulo Yami phezu kwakho, kanti umsebenzi wakho ukufakazela udumo Lwami. Uma ukholwa Kimi ukuze uthole inhlanhla kuphela, ngalokho umsebenzi Wami angeke ube namthelela, futhi uyobe ungafezi umsebenzi wakho. Ama-Israyeli abona kuphela umusa, uthando, kanye nobukhulu Bami, kanti amaJuda afakazela kuphela ukubezela Kwami kanye nesihlengo. Babona umsebenzi kaMoya Wami umncane kakhulu; ngalendlela yokuthi izinga lokuqonda kwabo lalilingana nokukodwa ezinkulungwaneni eziyishumi uma kuqhathaniswa nalokhu okuzwile kanye nokubonile. Lokhu okubonile kudlula ngisho lokho okwabapristi abakhulu phakathi kwabo. Ngalolusuku, iqiniso oye waliqonda lidlula elabo; lokhu okubonile namuhla kudlula lokho kweSikhathi soMthetho, ngokunalo nangeSikhathi Somusa, futhi nalokho odlule kukho kudlula nokukaMose kanye no-Eliya. Ngokuba lokho okwaqondwa ama-Israyeli kwakungumthetho kaJehova kuphela kanti nalokho abakubona kwakungumhlane kaJehova; lokho okwaqondwa amaJuda kwakungukuhlengwa nguJesu kuphela, lokho abakwamukelayo kwakungumusa obekwe nguJesu kuphela, futhi nalokho abakubona kwakungumfanekiso kaJesu kuphela phakathi kwendlu yamaJuda. Lokhu okubonayo namuhla inkazimulo kaJehova, isihlengo sikaJesu kanye nayo yonke imisebenzi Yami yalolusuku. Wawezwa futhi amazwi woMoya Wami, wabonga nokuhlakanipha Kwami, wafinyelela nasekwazini izimangalizo Zami, futhi wafunda ngesimo Sami. Ngikutshelile futhi ngohlelo Lwami lonke lokwenza izinto. Lokhu okubonile akusiyena nje uNkulunkulu unothando nomusa, kodwa yilowo ogcwele ukulunga. Uyibonile imisebenzi Yami emangalisayo futhi wazi nokuthi Mina ngigcwele intukuthelo enolaka kanye nobukhosi. Okunye futhi, ubukwazi nokuthi ngehlisela ulaka Lwami phezu kwendlu ka-Israyeli, futhi namuhla, lufikile kuwe. Uye waqonda kakhulu ngezimfihlakalo Zami ezisezulwini ngaphezu kuka-Isaya ngokunjalo noJohane; wazi kakhulu ngomzwangedwa Wami kanye nokuba sebungozini Kwami okudlula bonke abangcwele bezizukulwane ezadlule. Lokhu okwamukelile akusilona nje iqiniso Lami, indlela Yami, ukuphila Kwami, kodwa umbono kanye nesambulo esingaphezu kwesikaJohane. Uye waqonda izimfihlakalo eziningi futhi nobuso Bami beqiniso; uye wamukela ukwahlulela Kwami okuningi futhi wazi kakhulu ngobumina obulungileyo. Ngakho, noma uzalwe ngezinsuku zokugcina, ukuqonda kwakho yilokho kokudala kanye nokudlulile; uphinde wazi futhi okosuku lwanamuhla, kanti okunje kwenziwe isandla Sami. Lokhu engikucela kuwe akunzima, ngokuba ngikunike okuningi kakhulu futhi kuningi okubone Kimi. Ngakho-ke, ngiyakucela ukuba ungifakazele Mina njenalokhu benza abangcwele bakudala, kanti lokhu ikhona kodwa okuyisifiso Sami.
Bekuyilokhu kunguBaba Wami ofakaza Ngami, kodwa ngifuna ukuthola udumo olukhulu futhi namazwi okufakaza avele emilonyeni yendalo. Ngakho nginikela konke Okwami kuwe ngenjongo yokuthi wena ufeze umsebenzi wakho futhi ulethe isiphetho emsebenzini Wami phakathi kwabantu. Kumele uqonde ukuthi kungani unokukholwa Kimi. Uma ungilandela nje njengosafunda umsebenzi Kimi noma isiguli Sami, noma ukuba ngomunye wabangcwele Bami ezulwini, ngakho imizamo yakho iyakuba ize. Ukungilandela ngale ndlela kuwukuchitha imizamo; ukuba nalolu hlobo lokukholwa Kimi kungukuchitha izinsuku zakho futhi ukusaphaza ubusha bakho. Bese kuthi ekugcineni, ungatholi lutho. Kungabe lokhu akusikhona yini ukusebenzela ize? Kudala ngasuka phakathi kwamaJuda futhi angisesiyo inyanga yomuntu noma umuthi wokwelapha womuntu. Angiseyiso isilo somthwalo esiqhutshwa umuntu noma ohlaba ngokwentando; kodwa Mina ngizile phakathi kwabantu ukuze ngahlulele futhi ngijezise umuntu, kanye nokuthi umuntu angazi Mina. Kumele wazi ukuthi ngake ngenza umsebenzi wokuhlenga; Mina ngake ngaba uJesu, kodwa ngangingeke ngibe uJesu kuze kube phakade, njengalokhu ngake ngaba uJehova kodwa ngemuva ngaba uJesu. Mina nginguNkulunkulu wabantu, iNkosi yendalo, kodwa angikwazi ukuhlala nginguJesu kuze kube phakade noma ngibe uJehova kuze kube phakade. Mina bengiyilokhu umuntu akubona kwinyanga, kodwa angeke kushiwo ukuthi uNkulunkulu uyinyanga yabantu. Ngakho uma usabheka izinto ngendlela endala yokukholwa kwakho Kimi, ngakho akukho oyakukuzuza. Nanoma ngabe ungidumisa kanjani Mina namuhla: “UNkulunkulu umthanda kangakanani umuntu; Yena uyangiphilisa futhi anginike izibusiso, ukuthula, kanye nenjabulo. UNkulunkulu muhle kangakanani kumuntu; uma sinokukholwa Kuye, ngakho akumele sikhathazeke ngemali nangengcebo…,” Namanje anginakwazi ukuphazamisa umsebenzi Wami wendabuko. Uma ukholwa Kimi namuhla, uyakwamukela inkazimulo Yami yodwa futhi bese ulungela ukuba ufakazi Wami, konke okunye kuyolandela. Lokhu kumele ukwazi ngokucacileyo.
Manje usuyazi ngeqiniso ukuthi kungani ukholwa Kimi? Ingabe uyayazi injongo nokubalukeka komsebenzi Wami? Ingabe uyawazi umsebenzi wakho? Igabe uyakwazi ubufakazi Bami? Uma ukholwa nje Kimina, kodwa inkazimulo Yami kanye nobufakazi Bami kungabonakali kuwe, ngakho Mina kade ngakulahlela kude. Kulabo abazi konke, sekukhona nameva emehlweni Ami, kanti endlini Yami, bangamatshe esikhubekiso. Bawukhula okumele lusiphulwe emsebenzini Wami, nangaphandle komncane umsebenzi kanye nangaphandle kwesisindo; Mina kade nganengeka ngabo. Kulabo abangenabo ubufakazi, intukuthelo Yami iphezu kwabo njalo, kanti futhi nentonga Yami ayiduki kubo. Mina kade ngabanikela ezandleni zomubi, futhi abanazo izibusiso Zami. Ngalolo suku, isijeziso sabo siyoba buhlungu kakhulu kunesabesifazane abayiziwula. Manje ngenza umsebenzi okumele wenziwe Yimi kuphela; Mina ngiyakubopha wonke ukolweni ngezinyanda, ngiwahlanganise nalawo meva. Lokhu kungumsebenzi Wami manje. Lameva azovunwa ngesikhathi sokuvuna Kwami, bese kuthi izinhlamvu zikakolweni ziqoqelwe enqolobaneni, bese kuthi lawo meva avuniwe aphoswe emlilweni ukuze ashiswe abe umlotha. Umsebenzi Wami manje ukubopha abantu babe izinyanda, okusho ukuthi, ngibanqobe ngokupheleleyo. Bese Mina ngiqala ukuvuna ukuze ngiveze isiphetho sabantu bonke. Ngakho kumele wazi ukuthi kumele ungigculise Mina manje kanye nokuthi kumele uhlale usemngqeni ngokukholwa Kimi. Engikufunayo ukwethembeka kwakho kanye nokulalela manje, uthando lwakho kanye nobufakazi bakho. Nanoma ngabe awazi okwamanje ukuthi buyini ubufakzi noma luyini uthando, kemele ulethe Kimi konke okwakho, bese ubuyela Kimi okuyiyona ngcebo onayo: ukwethembeka nokulalela kwakho. Kumele wazi, isivumelwano sokwehlula Kwami uSathane kuncike ekwethembekeni nasekulaleleni komuntu, njengo kwesivumelwano ekunqobeni umuntu ngokupheleleyo. Umsebenzi wokukholwa kwakho Kimi ukufakaza Ngami, ukwethembeka Kimi hhayi komunye, kanye nokulalela kuze kube sekugcineni. Ngaphambi kokuba ngiqale igxathu elilandelayo lomsebenzi Wami, kungabe uzofakaza kanjani Ngami? Uzokwethembeka futhi ungilalele kanjani? Ingabe unikela ngakho konke ukwethembeka kwakho emsebenzini wakho noma uzovele udikibale? Ingabe uzozithoba ezinhlelweni Zami (noma ngabe ukufa noma ukubhujiswa) noma ubalekele phakathi nendawo ukugwema ukujeziswa? Mina ngiyakujezisa ukuze ube ufakazi Wami, futhi wethembeke Kimi futhi ulalele Mina. Okunye, ukujeziswa ngalesisikhathi kuwukwambula igxathu elilandelayo lomsebenzi Wami bese uvumela umsebenzi ukuba uqhubekele phambili ngaphandle kokuphazanyiswa. Ngalokho Mina ngiyakukhuthaza ukuba uhlakaniphe futhi impilo yakho noma ukubaluleka kobukhona bakho ungakuphathi njengesihlabathi esingenamsebenzi. Kungabe uyazi kahle ukuthi umsebenzi Wami olandelayo kuyoba imuphi? Kungabe uyazi yini ukuthi Mina ngiyakusebenza kanjani ngezinsuku ezizayo nanokuthi uyakwambulwa kanjani umsebenzi Wami? Kumele wazi ukubaluleka kokwazi umsebenzi Wami, okunye futhi, ukubaluleka kokukholwa kwakho Kimi. Mina ngikwenzile okuningi; ngingadikibala kanjani sengiphakathi nendawo njengoba ucabanga? Mina sengenze umsebenzi omningi; ngingawubhubhisa kanjani? Impela, Mina ngizile ukuze ngilethe lesisikhathi ekugcineni. Lokhu kuyiqiniso, kodwa nangaphezulu kumele wazi ukuthi ngiqala inkathi entsha, ukuze ngiqale umsebenzi omusha, futhi, ngaphezu kwakho konke, ukusabalaliswa kwevangeli lombuso. Ngakho kumele wazi ukuthi umsebenzi manje ukuqala kwenkathi, futhi ngibeke isisekelo sokusabalalisa ivangeli bese ngiletha inkathi ekugcineni nenkathi elandelayo. Umsebenzi Wami awulula ngalendlela ocabanga ngayo, futhi awusiyo into engenamsebenzi noma engasho lutho njengokuba ungakholwa. Ngakho-ke, Mina ngiyakutshela njengasekuqaleni: Kumele unikele impilo yakho emsebenzini Wami, futhi nangaphezulu, kumele uzinikele enkazimulweni Yami. Okunye, ukufakaza kwakho Ngami ilokhu ebengikade ngikulindile, ikakhulukazi bengikulangazelela ukuba usabalalise ivangeli Lami. Kumele uqonde ukuthi kukhonani enhliziyweni Yami.
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA
Awekho amazwana:
Thumela amazwana