1/6/17

Izinto UPetru Abhekana Nazo: Lokho Akwaziyo Ngokujeziswa Nangokwahlulelwa

Ngesikhathi uPetru ejeziswe nguNkulunkulu, wathandaza, “O Nkulunkulu! Inyama yami ayilaleli futhi ungijezisile wangahlulela. Ngiyajabula ngokujeziswa nokwahlulelwa nguwe, ngisho noma ungangidingi, ubungcwele bakho kanye nezindlela zakho zokulunga ngiyakubona ekwahluleleni kwakho. Lapho ungahlulela ukuze abanye bazibone izindlela zakho zokulunga zokwahlulela ngizizwa ngibalulekile. Uma ngingakwazi ukubeka phambili izindlela zakho futhi ngenze ukuba izindlela zakho zokulunga zibonwe yiyo yonke indalo futhi uma zenza uthando lwami ngawe lube msulwa ukuze ngikwazi ukuba njengalowo olungile, lokho kuyosho ukuthi ukwahlulela kwakho kuhle ngenxa yentando yakho enhle.
Ngiyazi ukuthi kuningi ukuhlubuka okungaphakathi kimi nokuthi angikufanele ukuba ngize phambi kwakho. Ngifisa ungahlulele kakhulu kunakuqala, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima noma ezinsizini; ukuthi ungahlulela kanjani, kimina akunandaba. Uthando Lwakho luyamangalisa futhi ngizimisele ngokuba kowakho umusa ngingakhonondi neze.” Yilokhu uPetru ayesekwazi ngemva kokuba esezibonele ngawakhe umsebenzi kaNkulunkulu futhi lokho kwamenza wamthanda nakakhulu uNkulunkulu. Namuhla, uye wanqotshwa—kodwa lokhu kunqontshwa Kuye kwabonakaliswa kanjani kuwe? Abanye abantu bathi, “Ukunqotshwa kwami kungumusa omkhulu nokukhazimuliswa kukaNkulunkulu. Yima ngikuqaphela ukuthi ukuphila komuntu akuyilutho. Ukuphila akubalulekile, ngincamela ukufa. Nakuba umuntu echitha isikhathi sokuphila kwakhe ngokuzala, akhulise isizukulwane ngemva kwesinye, ngempela umuntu akashiywanga nalutho. Namuhla, ngemva nje kokunqotshwa nguNkulunkulu sengiyabona manje ukuthi angeke ngiphile kanje; ngiphilela ize. Akunankinga noma singafa sidlule kulokhu kuphila!” Ingabe uNkulunkulu usengabazuza laba bantu abazizwa benqotshwe ngale ndlela? Basengaba yizibonelo? Abantu abanjalo bayisifundo kulabo abathatha izinto kalula, kulabo abangenayo imigomo futhi abangakulweli ukuthuthuka benze kangcono! Ngisho noma bezibheka njengabanqotshiwe, abantu abanjalo akulula ukubenza baphelele. Lapho sekusondele ukuba uPetru afe, ngemva kokuba enziwe waphelela wathi, “O Nkulunkulu! Ukube nje iminyaka yami ibinganezelwa kancane, bengingafisa ukukuthanda ngokujulile nangendlela emsulwa.” Lapho esezobethelwa esiphambanweni, wathandaza ngenhliziyo, “O Nkulunkulu! Sesifikile sikhathi, leso obungihlelele sona phambilini. Kumele ngikufele, kumele ngivume phambi kwakho futhi nginokwethemba ukuthi uthando enginalo ngawe lungakujabulisa futhi lube msulwa. Namuhla kuyangiqinisekisa futhi kuyangiduduza ukwazi ukuthi njengoba ngibulawa, ngibulawa ngenxa yakho nokuthi kungigculisa kakhulu ukuthi ngibethelwa esiphambanweni ngenxa yakho ukuze kwenzeke intando yakho nanokuthi ngizobe sengikwazi ukunikela ngokuphila kwami kuwe. O Nkulunkulu, uyathandeka kakhulu! Ukuba uye wangivumela ngaphila, bengizoba nesifiso esijulile sokukuthanda nakakhulu. Uma nje ngisaphila, ngiyohlezi ngikuthanda. Ngifisa ukukuthanda kakhulu kunakuqala. Ngahlulele futhi ungijezise ngoba angiyena olungileyo, ngenxa yokuthi ngonile. Ukulunga kwakho Kuye kwaba sobala kimi. Ngibusisekile ngokuthi ngikwazi ukukuthanda ngokujulile futhi ngizimisele ukuhlale ngikuthanda kanjena ngisho noma ungangithandi. Ngifuna ukukubona ukulunga kwakho ngoba lokho kungenza ngiphile ukuphila okunenjongo. Sengiyabona manje ukuthi ukuphila kwami kubaluleke nakakhulu ngenxa yokuthi ngiyabulawa ngenxa yakho futhi ngizimisele ukukufela. Nakuba ngingakazizwa nganelisekile ngoba ngazi okuncane ngawe, ngiyazi ukuthi angeke ngizifeze ngokugcwele izifiso zakho futhi kuncane kakhulu engikwenzele khona. Ekuphileni kwami, angikwazanga ukuzinikela ngokuphelele kuwe; angisondele nakancane ekuzinikeleni kuwe ngokuphelele. Uma ngibuka emuva, ngizizwa ngifanele ukukubonga kakhulu kodwa manje yithuba lokuba ngilungise wonke amaphutha ami futhi ngikubonise uthando ebengikukweleta lona.”
Umuntu kumele aphishekele ukuphila okunenjongo futhi angeneliswa nje yilokho akwazi ukukwenza. Ukuze umuntu agcwalise ukuphila kukaPetru, kumele abe nolwazi futhi akwazi ukubhekana nezinto uPetru abhekana nazo. Akumele umuntu ajahe izinto ezinkulu neziphakeme kakhulu. Kumele afune ukujula kothando lukaNkulunkulu kanye nokuphila okunenjongo. Uma enza kanjalo uyobe esephila ukuphila kwangempela, ukuphila ngendlela uPetru aphila ngayo. Kumele ugxile ekukhuthaleleni ukuba sohlangothini lwangempela futhi ungakuvumeli ukuhlehlela emuva, uhlehliswa ubala ngesikhathi ungasawanakile amaqiniso angempela acacile nabalulekile. Uthando Lwakho kumele lube ngokoqobo futhi kumele uthole izindlela ezizokwenza ukhululeke ebubini, uphile ukuphila okungenazinkinga njengezilwane. Kumele uphile ukuphila okunenjongo futhi ungadlali ngokuphila kwakho noma uzibonakalise njengento engeyilutho. Wonke umuntu ozimisele ngokuthanda uNkulunkulu, awekho amaqiniso angenakuwathola futhi akukho ukungabi bikho kobulungiswa obenziwayo angeke akwazi ukumelana nakho. Iyiphi indlela ongaziphilela ngayo? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu futhi ungalusebenzisa kanjani uthando Lwakho ukuze umjabulise? Ayikho into ebaluleke ukudlula leyo ekuphileni. Ngaphezu kwakho konke, kumele ube nezifiso ezinjalo futhi ukwazi ukukhuthazela, ungafani nje nabantu abaphelelwa yithemba kalula. Kumele ukwazi ukuphila ukuphila okunenjongo futhi uwazi amaqiniso angempela futhi ungaziphathi budlabha, kube sengathi awunandaba nokuphila kwakho. Ngaphandle kokuba uqaphele, kungaphela ngokuphila kwakho kunganakekile, uyobe usenalo yini ithuba lokubonisa uNkulunkulu ukuthi uyamthanda? Ingabe umuntu uyakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngemva kokufa? Kumele ube nesifiso kanye nonembeza okunjengokukaPetru; ukuphila kwakho kumele kube nenjongo futhi akumele ube nesikhathi sokudlala ngokuphila kwakho! Njengoba ungumuntu, futhi ufuna uNkulunkulu, kumele uyiqaphele indlela oziphatha ngayo nendlela ozinikela ngayo kuNkulunkulu nokuthi uba kanjani nokholo Kuye futhi njengoba umthanda, kufanele umthande ngeqiniso, umthande kakhulu. Namuhla akufanele waneliseke kuphela ngokuthi unqotshwe kanjani kodwa kunalokho kumele uqaphele indlela ozohamba ngayo ukuya phambili. Kumele ube nezinto ezikukhuthazayo futhi ube nesibindi sokuba upheleliswe futhi ukugweme ukuzibona ungeke wakwazi kwenza lutho. Ingabe iqiniso liyakhetha? Ingabe iqiniso lihloselwe ukuphikisana nabantu? Uma ulifuna ngempela iqiniso, lingakuthonya? Uma umelana nokungabi bikho kobulungiswa, ingabe kuzokuqeda amandla? Uma ukufuna ngempela ukuphila, ingabe kuzokuhlula ukuphila? Uma uphila ngaphandle kweqiniso, kungekhona ukuthi iqiniso alikuqapheli, kodwa ube uziqhelelanisa nalo, angeke ukwazi ukumelana nokungabi bikho kobulungiswa, kungekhona ukuthi kukhona into embi ngobulungiswa kodwa ngenxa yokuthi ukholelwa ukuthi amaqiniso awasetshenziswanga kahle; uma ugcina ungakutholi ukuphila ngemva kokulwisana nakho iminyaka eminingi, kungekhona ukuthi ukuphila akunandaba nawe, kodwa ngenxa yokuthi awunandaba nokuphila futhi uziqhelelanisile nakho; uma uphila ekukhanyeni, kungekhona ukuthi ukukhanya ngeke kukhanye kuwe kodwa ngenxa yokuthi awuzange ukunake ukuba khona kokukhanya bese ukukhanya kuziqhelelanisa nawe. Uma ungakufuni ukuphila, kungaphethwa ngokuthi awuyinto yalutho futhi awunaso isibindi futhi awukwazi ukumelana namandla obumnyama. Awunamandla! Uyehluleka ukubalekela amandla kaSathane akuvimbezelayo futhi uzimisele ngokuphila lokhu kuphila okuthiwa kulondekile bese ufa ngenxa yokunganaki kwakho. Kumele ufune ukunqotshwa; lokhu kuyisibopho sakho. Uma uzimisele ngokunqotshwa, uzobe ukuxosha ukukhanya. Kumele ubhekane nezinsizi ngenxa yeqiniso, kumele futhi uzinikele eqinisweni futhi ukhuthazelele ukuhlambalazwa ngenxa yeqiniso nokuthi kumele uthole iqiniso ngaphansi kwezinsizi eziningi. Yilokhu okufanele ukwenze. Ungavumeli nje ukulahlekelwa yiqiniso ngenxa yokuthi ufuna ukuthula emndenini wakho noma ngenxa yokuthi awufuni ukulahlekelwa yisithunzi sakho kanye nobuqotho bakho ngenxa nje yenjabulo yesikhashana. Kufanele ufune konke okuhle futhi ufune indlela yokuphila ukuphila okunenjongo yangempela. Uma uphila ukuphila okuphansi ngaleyo ndlela futhi zingekho izinto ozifunayo, ingabe awudlali yini ngokuphila kwakho? Yini ongayithola ekuphileni okunjalo? Kufanele uzigweme zonke izinhlobo zokujabulisa inyama ngenxa yeqiniso nokuthi ungawalahli amaqiniso ngenxa yenjabulo yesikhashana. Abantu abenza kanjalo abekho qotho futhi abanaso nesithunzi; ukuphila kwabo akunayo injongo!
UNkulunkulu uyamjezisa futhi amehlulele umuntu ngoba lokho kuwufanele umsebenzi Wakhe futhi ngaphezu kwalokho umuntu uyakudinga lokho. Ukuze umuntu athole uthando lukaNkulunkulu, kumele ajeziswe futhi ahlulelwe. Namuhla, uye waqinisekiswa, kodwa lapho izinto zibambeka, zingenzeki ngendlela ofisa ngayo, usenkingeni; idumela Lakho lincane kakhulu futhi usuke usadinga isijeziso esikhulu kanye nokwahlulelwa ukuze uzuze ulwazi olujulile. Namuhla, uyamkweleta uNkulunkulu, uyamesaba futhi uyazi ukuthi unguNkulunkulu weqiniso, kodwa awumthandi ngokujulile, kusekude ukuba uthole uthando lweqiniso, ulwazi Lwakho luseluncane kakhulu futhi awukakabi nokuma okuhle. Lapho ubhekana nesimo esithile, kodwa awukakabi nabufakazi, kuncane kakhulu ongakwenza futhi awunayo indlela yokukwenza ngokoqobo. Abantu abaningi abanaki futhi bayavilapha; abakuvezi obala ukuthi bayamthanda uNkulunkulu, akukho abakwenzayo futhi akucaci ngabo ukuthi iyini imigomo yabo. Labo abenziwe baphelela abatholi ukuba ngabantu kuphela kodwa bathola amaqiniso angaphezu kwendlela evamile yomuntu yokucabanga; abawusebenzisi unembeza wabo kuphela ukuze babonise uthando lwabo kuNkulunkulu abamkweleta lona kodwa kunalokho baye bamazi uNkulunkulu futhi bakubona ukuthi uNkulunkulu uyathandeka futhi ufanelwe ukuthandwa ngumuntu nokuthi kuningi umuntu angakuthanda kuNkulunkulu nokuthi umuntu angeke akwazi ukusiza uNkulunkulu kodwa angamthanda kuphela. Uthando uNkulunkulu alubonisa labo abenziwe baphelela luyabasiza ukuze bakwazi ukwenza izinto ezibakhuthazayo. Okwabo nje ukuthanda ngothando olungafuni mbuyiselo. Ayikho into ebenza bamthande uNkulunkulu ngaphandle kolwazi abanalo Ngaye. Abantu abanjalo bakhathalela kuphela ukujabulisa uNkulunkulu ngisho noma kuthiwa uNkulunkulu akababonisi umusa. Ababheki amathuba kuNkulunkulu futhi abalukali uthando abanalo ngoNkulunkulu: Ungiphile, nami kumele ngikunike okuthile; uma unganginiki lutho nami ayikho into engizokunika yona. Labo abenziwe baphelela bahlale bazi ukuthi uNkulunkulu unguMdali, wenza umsebenzi Wakhe ngabo nokuthi njengoba benethuba futhi besesimweni sokufanelekela ukuba benziwe baphelele, kufanele baphishekele ukuphila okunenjongo futhi bamjabulise uNkulunkulu. Lokhu kuyafana nalokho uPetru abhekana nakho: Lapho ebuthakathaka, wathandaza kuNkulunkulu wathi, “O Nkulunkulu! Kungakhathaliseki ukuthi ngikuphi ngasiphi isikhathi, uyazi ukuthi uhlezi usengqondweni yami futhi ngifuna ukukuthanda, kodwa ngingelutho phambi kwakho, ngibuthakathaka futhi ngingenamandla, uthando lwami alwanele nokuzithoba kwami Kuwe akwanele. Angifanele ukuphila uma ngiqhathaniswa nothando Lwakho. Ngiyafisa ukuba ukuphila kwami akulona ize ukuze ngikwazi ukukubonisa uthando olungangoLwakho nokuba ngizinikele ngakho konke enginakho Kuwe. Uma ngingakujabulisa, mina njengesidalwa sakho ngiyoba nokuthula kwengqondo futhi akukho okunye engiyokhala ngakho. Nakuba ngibuthakathaka angeke ngizikhohlwe izeluleko kanye nothando Lwakho. Manje engikwenzayo akusoze kwalufinyelela uthando Lwakho. O Nkulunkulu, ngizizwa ngimubi phambi kwakho! Iyiphi indlela engingakubonisa ngayo uthando lwami, ngikujabulise futhi nginikele ngakho konke enginakho Kuwe? Uyabazi ubuthakathaka bomuntu; yini nje engangenza ngifanele uthando Lwakho? O Nkulunkulu! Uyakwazi ukuma kwami okungatheni nokuthi uthando lwami luyinto engekho. Yini engingakwazi ukuyenza ngokusemandleni ami onke kulesi simo? Ngiyazi ukuthi kufanele ngikubonise uthando njengoba nami ungibonise oLwakho, ngiyazi ukuthi kufanele nginikele ngakho konke enginakho Kuwe kodwa manje angiyilutho. Ngicela ukuba ungiphe amandla nokuqiniseka ukuze ngikwazi ukukunika uthando olujulile lokuzinikela Kuwe kanye nokunikela Kuwe konke enginakho; kungekhona kuphela ukuthi ngikunike uthando kodwa ngiphinde ngikulungele ukubhekana nesijeziso Sakho, ukwahlulelwa Nguwe kanye novivinyo ngisho nokuqalekiswa Nguwe okunzima. Ungivumelile ukuba ngilubone uthando Lwakho kodwa mina angikwazi ukukubonisa uthando ongibonise lona nakuba ngibuthakathaka, ngingenamandla, ngingakukhohlwa kanjani kodwa? Uthando, isijeziso kanye nokwahlulela kwakho kungenze ngakwazi, nakuba ngizizwa ngingakwazi ukukuthanda ngokujulile njengoba ungithanda, impela, uyababazeka! Kodwa ngingambuyisela ngani uMdali?” Kwakuwukunxusa kukaPetru lokho, nakuba wayengakafaneleki nhlobo. Ngaleso sikhathi wayezizwa sengathi ugwazwe enhliziyweni kabuhlungu, esebuhlungwini; wayazi ukuthi yini okungafanele ayenze ezimweni ezinjalo. Nokho waqhubeka ethandaza kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Umuntu unjengengane, unembeza wakhe ubuthakathaka futhi okuyikhona engingafinyelela kukho, ukukubonisa uthando olujule njengoLwakho. Namuhla, angikwazi ukukujabulisa noma ukwenza konke engingakwenza nokunikela ngakho konke enginakho Kuwe. Ngenze ngigqashule ekububuleni, kungakhathaliseki ukuthi ungahlulela kanjani, ungijezisa kanjani, kungakhathaliseki ukuthi yini oyithathayo kimi. Ziningi izikhathi lapho ungijezise khona nalapho ungahlulele khona, ngizisolile futhi ngahluleka ukufinyelela kubumsulwa noma ukufeza intando Yakho. Ukukubuyisela ngothando Lwakho ngikwenze ngaphandle kokucindezelwa futhi ngizizwa ngizenyanya nakakhulu.” Into eyenza uPetru athandaze ngale ndlela kuNkulunkulu kungenxa yokuthi wayefuna uthando lukaNkulunkulu. UPetru wayemfuna uNkulunkulu, emnxusa futhi ngaphezu kwalokho ezidelile evuma izono zakhe Kuye. Wazizwa emkweleta uNkulunkulu futhi wazenyanya, nokho ngadlela thize, wayengajabule neze. Wayehlezi ezizwa njengomuntu owayengafanele ukufeza intando kaNkulunkulu nongasoze akwazi ukwenza okukhulu nakakhulu. Ezimweni ezinjalo, uPetru ephishekela ukholo olwaboniswa uJobe. Wabona indlela ukholo lukaJobe olwalulukhulu ngayo ngoba uJobe wayebonile ukuthi konke ayenakho wakuphiwe nguNkulunkulu futhi kwakudaliwe ukuthi uNkulunkulu uzomphuca konke ayenakho, nokuthi uNkulunkulu wayengakunika nanoma ngubani ayengafisa ukumnika kona—umuntu onokuma okuhle phambi kukaNkulunkulu. UJobe akazange abubule kunalokho wayesamdumisa uNkulunkulu. UPetru naye wayezazi kahle futhi wathandaza ngenhliziyo wathi, “Namuhla akufanele nganeliseke ngokukubuyisela uthando Lwakho ngisebenzisa ukwahlulela kwami nangendlela mhlawumbe engikubuyisela ngayo uthando lwami ngoba imicabango yami mibi futhi ngiyehluleka ukukubheka njengoMdali. Ngenxa yokuthi angikakakulungeli ukukubonisa uthando, kumele ngenze ngendlela ezongenza ngikwazi ukunikela ngakho konke enginakho, engingakwenza ngoba kusuka enhliziyweni. Kumele ngikwazi konke okwenzile futhi ayikho enye indlela kumele ngibambe uthando Lwakho futhi ngikwazi ukukhuluma ngezindumiso Zakho ngidumise igama Lakho ukuze uzothola udumo olukhulu ngami. Kuyisifiso sami ukuba ngime ngiqine ekufakazeni ngawe. O Nkulunkulu! Uthando Lwakho luyigugu futhi luhle; ngingakufisa kanjani nje kodwa ukuba sezandleni zomubi? Angizange yini ngidalwe Ngawe? Ngingaphila kanjani kodwa ngaphansi kokubuswa nguSathane? Ngingamane ngincamele ukuba ngiphile ngaphansi kwesijeziso Sakho. Angizimisele ngokuphila ngaphansi kokubusa komubi. Ungathi ngingahlanzwa futhi ngikwazi ukunikela ngakho konke Kuwe, ngizimisele ngokunikela ngomzimba nangengqondo ekwahlulelweni nasekujezisweni Nguwe ngoba ngiyamzonda uSathane futhi angizimisele ngokuphila ngaphansi kwakhe. Ekwahlulelweni Nguwe, ungibonisa ukulunga Kwakho; ngiyajabula futhi angibubuli nakancane. Uma ngingakwazi ukwenza lokho ofuna izidalwa Zakho ukuba zikwenze, ngizimisele ukwenza kanjalo ukuphila kwami konke kuhambisana nesahlulelo Sakho, ngaso, ngiyozazi kahle izindlela Zakho ezingcwele futhi ngizoyeka ukuzibheka njengothonywe omubi.” uPetru wayethandaza njalo futhi ehlale efuna izindlela zokufinyelela kuNkulunkulu. Kungekhona kuphela ukuthi wayefuna ukufinyelela kulolo thando kodwa okungaphezu kwalokho wasifeza isabelo sakhe njengesidalwa. Kungekhona futhi ukuthi walahlwa ngunembeza wakhe, wakwazi ukwenza ngaphezu kwalokho unembeza wakhe owawufuna akwenze. Imithandazo yakhe yaqhubeka iya kuNkulunkulu kangangokuthi wayesenemigomo emikhulu nothando lwakhe ayenalo ngoNkulunkulu lwakhula lwaba lukhulu. Nakuba uPetru abhekana nobuhlungu obukhulu, akazange alukhohlwe uthando lukaNkulunkulu futhi waqhubeka efuna ukuqonda intando kaNkulunkulu. Imithandazo yakhe yayiba nalawa mazwi: Ayikho into engiyifezile ngaphezu kothando Lwakho. Angizange ngibunike ubufakazi Ngawe phambi kukaSathane, angizange ngizikhulule ethonyeni likaSathane futhi ngisaphila enyameni. Ngiyafisa ukumnqoba uSathane ngothando lwami ngenxa yokuthi ngifuna ukukujabulisa. Ngifisa ukuzinikela Kuwe, ngingazinikeli nakancane kuSathane ngoba uSathane uyisitha Sakho. Njengoba uPetru ayeqhubeka efuna ukwenza kanjalo, waqhubeka kakhulu nolwazi lwakhe lwakhulu kakhulu. Kungakabiphi, waqaphela ukuthi kufanele agqashule ethonyeni likaSathane futhi azinikele ngokuphelele kuNkulunkulu. Wakwazi ukukwenza lokho. Wakwazi ukulwisana nethonya likaSathane wadela nezinto ezazizojabulisa inyama futhi wayezimisele ukuba abhekane nokujeziswa nokwahlulelwa nguNkulunkulu. Wathi, “Ngisho noma ngiphila ngaphansi kwesijeziso nesahlulelo Sakho kungakhathaliseki ukuthi kusuke kunzima kanjani, angizimisele nhlobo ukuphila ngaphansi kokubuswa nguSathane okhohlisayo. Ngiyajabula ngokuphila ngaphansi kwesiqalekiso Sakho kunokuphila ngaphansi kokubusiswa nguSathane. Ngiyakuthanda ngokuba ngifune ukuphila ngaphansi kwesahlulelo Sakho futhi lokho kungijabulisa kakhulu. Isijeziso nesahlulelo silungile futhi singcwele; sikulungele ukungihlanza nokungisindisa. Ngingancamela ukuba ukuphila kwami konke kube ngaphansi kwesahlulelo Sakho, kube nangaphansi kokunakekelwa Nguwe. Angikufisi ngisho nakancane ukuphila ngaphansi kukaSathane; ngifisa ukuba ungihlanze ngibhekane nobunzima futhi angizimisele ukuxhashazwa nguSathane ngamaqhinga akhe. Mina, sidalwa Sakho, kufanele ngisetshenziswe Nguwe, ngithonywe Nguwe, ungijezise futhi ungahlulele. Kufanele uze ungiqalekise. Inhliziyo yami iyajabula lapho uzimisele ngokungibusisa ngoba ngilubonile uthando Lwakho. UnguMdali, mina ngiyisidalwa Sakho: Akufanele ngikuphoxe ngiphile ngaphansi kokubuswa nguSathane, futhi akufanele ngixhashazwe nguSathane. Kumele ngibe yisigqila Sakho kunokuba ngiphilele uSathane. Ngincamela ukuphila ngaphansi kwesijeziso Sakho, kunokujabula kakhulu futhi lokho kuyongilethela injabulo ngisho noma kufanele ngilahlekelwe umusa wakho. Ngiyajabula uma ungahlulela noma ungijezisa nakuba umusa Wakho ungekho phezu kwami; lesi yisibusiso esivela Kuwe esikhulu, umusa Wakho omkhulu. Nakuba uhlale uphakeme futhi unolaka kimi nalapho angikwazi ukukushiya futhi angikwazi ukukuthanda ngokwanele. Ngingancamela ukuba sendlini Yakho, ungiqalekise, ungijezise nalapho ungishaya, angizimisele ngokuphila ngaphansi kukaSathane futhi angizimisele ngokuzigcina ngimatasa ngokunaka inyama, kuncane kakhulu engingafuna ukukwenzela inyama.” Lwalumsulwa uthando lukaPetru. Lokhu kulandisa okomuntu owenziwe waphelela futhi okusezingeni eliphezulu kunelabanye abenziwe baphelela futhi akukho ukuphila okunenjongo okungaphezu kwalokhu. UPetru wasamukela isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu, wayebazisa ubungcwele bukaNkulunkulu akukho lutho kuye ayekubona kuyigugu kuye. Wathi, “USathane unginika injabulo ngezinto ezingenalusizo lwalutho kodwa angizilondolozi. Isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu siphezu kwami—ngizizwa ngibalulekile, ngithola injabulo futhi ngibusisekile. Ukube uNkulunkulu akangahlulelanga, ngangingeke ngimthande futhi bengiyohlala ngaphansi kokubusa kukaSathane, angilawule. Uma bekunjalo, bengingeke ngiphile njengomuntu obalulekile ngoba bengizobe ngingakwazi ukujabulisa uNkulunkulu futhi ngingakwazi ukuzinikela Kuye. Nakuba uNkulunkulu engangibusisi, engishiya ngingakhululekile, kube sengathi umlilo uyavutha ngaphakathi kimi ngingenakho ukuthula noma injabulo nanokuba isijeziso nesiyalo Sakhe singakaze sibe kude nami, ngiyakwazi ukuthola ukulunga Kwakhe. Ngizizwa ngifanele ukumbonga; akusekho phela ukuphila okuyigugu nokunenjongo emhlabeni. Evikelweni nasekunakekelweni Nguye sengiye ngaba yinto efanele isijeziso, isahlulelo, nokushaywa, ngisaqhubeka ngijabula ngalezi zinto ngoba zingangihlanza, zingishintshe futhi zingisondeze eduze noNkulunkulu zenze nothando lwami ngaYe lube msulwa. Lokhu kungenza ngikwazi ukwenza lokho okulindeleke kimi njengesidalwa, kungisondeze eduze kukaNkulunkulu kungibeke kude nokukhonza uSathane. Lapho ngingaphili ngaphansi kokubuswa nguSathane ngiyakwazi ukunikela ngakho konke kuNkulunkulu ngaphandle kokuzigodla—yilapho ngizizwa khona ngigculiseke kakhulu. Yisijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu okungisindisile futhi ukuphila kwami akuhlukaniseki nesijeziso kanye nesahlulelo sikaNkulunkulu. Ukube ukuphila kwami emhlabeni bekungaphansi kokubuswa nguSathane futhi kungekho ngaphansi kwesivikelo sikaNkulunkulu ngokujeziswa nangokwahlulelwa Nguye, bengiyohlala ngaphansi kokubuswa nguSathane futhi ngaphezu kwalokho bengingeke ngilithole ithuba noma izindlela zokuphila ukuphila okunenjongo. Ngaphandle uma isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu singazange singishiye bengizokwazi ukuhlanzwa nguNkulunkulu kuphela. Ngaphandle kwamazwi ahlabayo nobungcwele bukaNkulunkulu kanye nesahlulelo esiphakeme sikaNkulunkulu ngithole isivikelo esikhulu futhi ngaphila ngaphansi kokukhanya, ngathola izibusiso zikaNkulunkulu. Ukuze ngihlanzwe, ngikhululeke kuSathane ngiphile ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu—lokho kuyisibusiso esikhulu kakhulu ekuphileni kwami namuhla.” Yilokhu uPetru akuzwa ekuphileni kwakhe.
Izimo ezinjalo umuntu okumele alwele ukuzithola ngemva kokuba enziwe baphelela. Uma ungeke ufinyelele kulezo zimo, lokho kusho ukuthi ngeke uphile ukuphila okunenjongo. Umuntu uphilela inyama, okusho ukuthi uphilela isihogo futhi ngaphandle kwesahlulelo nesijeziso sikaNkulunkulu umuntu wenyanyeka njengoSathane. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe ngcwele? uPetru wayekholelwa ukuthi isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu kuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Yisijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame futhi azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile esingakhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula endleleni yakhe yokucabanga engatheni futhi kumenze ukuba aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunesijeziso nesahlulelo! UPetru wathandaza, “O Nkulunkulu! Uma nje ungijezisa futhi ungahlulela, ngiyokwazi ukuthi awuzange ungishiye. Ngisho noma kuthiwa awunginiki injabulo noma ukuthula, ungenze ngiphile ngezinsizi futhi ngithole izijeziso eziningi, uma nje ungangishiyanga inhliziyo yami iyokhululeka. Namuhla, isijeziso nesahlulelo Sakho siye saba yisivikelo sangempela kwaba yisibusiso sangempela kimi. Umusa ongibonisa wona uyangivikela. Umusa ongibonisa wona namuhla ungukubonakaliswa kobungcwele Bakho futhi uyisahlulelo nesijeziso sakho; ngaphezu kwalokho uwuvivinyo futhi ngaphezu kwalokho ungukuphila kokuhlupheka.” UPetru wayekwazi ukubeka eceleni izifiso zenyama futhi wafuna uthando olujulile nesivikelo sangempela ngoba uye wathola umusa omkhulu esahlulelweni nasesijezisweni sikaNkulunkulu. Uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi ashintshe ekuphileni kwakhe, uma efisa ukuphila impiloa enenjongo futhi afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele isahlulelo nesijeziso sikaNkulunkulu futhi amukele ukuyalwa nokushaywa nguNkulunkulu ukuze angaphili ngendleya yakhe ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu kungukukhanya futhi kuyithemba lokusindiswa komuntu nokuthi asikho isibusiso, umusa noma isivikelo somuntu esikhulu kunesikaNkulunkulu. Umuntu uphila ngaphansi kwethonya likaSathane futhi uphila enyameni; uma engahlanziwe futhi engasitholi isivikelo sikaNkulunkulu, uyoba mubi nakakhulu. Uma efisa ukuthanda uNkulunkulu kuyomele ahlanzwe futhi asindiswe. UPetru wathandaza, “Nkulunkulu, lapho ungiphatha ngobumnene ngijabula kakhulu, ngiduduzeke; futhi lapho ungijezisa ngizizwa ngiduduzeka futhi ngijabula nakakhulu. Nakuba ngibuthakathaka ngikhuthazelela ukuhlupheka ebengingakwazi, nakuba kunezinyembezi nokudabuka, uyazi ukuthi lokhu kudabuka kungenxa yokungalaleli kwami nangenxa yobuthakathaka. Ngiyakhala ngoba angikwazi ukukujabulisa, ngizizwa ngidabuka futhi ngiyazilahla ngoba angikufanele ukuma phambi Kwakho kodwa ngizimisele ukubambisisa ukuma okuhle futhi ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ami ukuze ngikujabulise. Isijeziso sakho singilethele isivikelo futhi singinike insindiso enkulu kakhulu; isahlulelo Sakho sivimba ukubekezela Kwakho. Ngaphandle kwesijeziso nesahlulelo Sakho ngabe angijabuli ngomusa kanye nobumnene Bakho obuthandekayo. Namuhla, ngikubona kahle ukuthi uthando uthando Lwakho ludlula ngale kwamazulu futhi ludlula yonke into. Uthando Lwakho alisona nje isihe nomusa wothando; ngisho nangaphezu kwalokho, luyisijeziso nokwahlulelwa. Isijeziso nokwahlulelwa Kwakho kuye kwangizuzisa nakakhulu. Ngaphandle kwesijeziso nesahlulelo Sakho, akekho noyedwa obengahlanzwa, akekho noyedwa obengaluzwa uthando lukaMdali. Nakuba ngiye ngakhuthazelela amakhulu ezivivinyo nezinsizi futhi sengike ngacishe ngafa, izinsizi ezinjalo [a] zingenze ngakwazi kahle kanye nensindiso Yakho ephakeme. Ukube ngiye ngahlukaniswa nesijeziso, isahlulelo kanye nesiyalo Sakho, lokho bekuyongenza ngibe sebumnyameni, ngaphansi kokubuswa uSathane. Yiziphi izinzuzo inyama yomuntu enazo? Ukube isijeziso nesahlulelo bekungishiya, lokho bekuyoba sengathi uMoya Wakho ungishiyile, kufane nokuthi usungishiyile, angiseNawe. Uma bekunjalo, bengizoqhubeka kanjani ngiphila? Uma unginika ukugula, uthathe inkululeko yami, ngingaqhubeka ngiphile, kodwa uma ngishiywa isijeziso kanye nokwahlulela kwakho, ngabe asisekho isidingo sami sokuba ngiqhubeke ngiphila. Uma bengiphila ngaphandle kwesahlulelo nesijeziso Sakho, engabe ngilahlekelwe uthando Lwakho, uthando olujule ngale ndlela yokuthi angikwazi ukulubeka ngamazwi ami. Ngaphandle kothando Lwakho, engabe ngiphila ngaphansi kokubuswa nguSathane futhi ngingahluleka ukubona ukukhazimula kobuso baKho. Uma uthi, kanjani, ngingaqhubeka kanjani ngiphila? Angeke ngikubekezelele ukuphila nobumnyama obunjalo. Ukuba Nawe kufana nokuthi ngiyakubona, ngakho ngingakushiya kanjani? Ngiyakuncenga ukuba uthathe ukunethezeka kwami okukhulu ngisho noma kuthiwa ukwenza ngamazwi ambalwa angenza ukuba ngingakhathazeki. Ngijabulile ngothando Lwakho futhi angikwazi ukuba namuhla ngiqhelelane Nawe; kanjani, kungenzeka yini ngingakuthandi? Sengiye ngaba nezinyembezi eziningi zokudabuka ngenxa yothando Lwakho, nokho bengihlezi nginomuzwa wokuthi ukuphila kanjena kunenjongo nakakhulu, kuyangicebisa, kungishintshe futhi kungenze ngikwazi ukubamba iqiniso okufanele libanjwe yizidalwa.”
Konke ukuphila kungaphansi kokubusa kukaSathane futhi akekho noyedwa ongakwazi ukuzikhulula ekuthonyweni nguSathane. Bonke baphila ezweni elenyanyekayo, elinenkohlakalo nobuze, elingenayo nencane injongo; baphilela leyo nkululeko yenyama, inkanuko, futhi baphilela noSathane. Ukuphila kwabo akubalulekile nakancane. Umuntu akakwazi ukuzitholela yena iqiniso eliyomkhulula ethonyeni likaSathane. Ngisho noma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu futhi elifunda iBhayibheli, akaqondi ukuthi angazikhulula kanjani ekulawulweni yithonya likaSathane. Kuzo zonke izizukulwane, abantu baye bathola le mfihlo yokuthi bambalwa kakhulu abaye bafinyelela kuyo. Njengoba umuntu emzonda kangaka uSathane, ezonda inyama yakhe, akakwazi ukunqoba ithonya likaSathane. Namuhla, ingabe usazimisele ukuphila ngaphansi kukaSathane? Awuzisoli ngezenzo zakho zokungalaleli, ingasaphathwa-ke eyokuthi ungcolile futhu awulaleli. Ngemva kokuphikisana noNkulunkulu, uze uthole ngisho ukuthula kwengqondo uzizwe umkhulu. Ingabe indlela ozizwa ngayo ayenziwa ukuthi ukhohlakele? Ingabe lokhu kuthula kwakho kwengqondo akwenziwa wukuthi awulaleli, uluhlaza? Umuntu uphila esihogweni esenzelwe umuntu, uphila ngaphansi kwethonya likaSathane; emhlabeni, lapho izipoki nabantu kuhlala khona, nalapho kungena enyameni yomuntu. Awuphili epharadesi elihle emhlabeni. Indawo uSathane asabusa kuyo, isihogo, indawo eyingozi. Uma umuntu engahlanziwe, kuyosho ukuthi ungcolile, ungowokungcola; uma engavikelekile futhi enganakekeliwe uNkulunkulu, usayisigqila sikaSathane; uma engahlulelwe futhi engajezisiwe lokho kusho ukuthi akanayo indlela yokuphunyuka ekucindezelweni ubumnyama bukaSathane. Ukukhohlakala kwakho okubonisayo kanye nokungalaleli kwakho kukodwa kubonisa ngokusobala ukuthi usaphila ngaphansi kokubuswa nguSathane. Uma ingqondo kanye nemicabango yakho kungazange kuhlanzwe futhi uma ukuma kwakho kungazange kwahlulelwe futhi ungajeziswanga lokho kusho ukuthi wena uqobo usalawulwa nguSathane, imicabango yakho ikhohliswa nguSathane, uphenduphendula imicabango yakho futhi usezandleni zakhe. Uyazibona yini ukuthi usuqhelelene kanjani nendlela uPetru ayephila ngayo? Ingabe wena uphila ukuphila okusezingeni eliphakeme kanjalo? Usukwazi kangakanani ukujeziswa nokwahlulelwa? Kungakanani osukubambile kwalokho uPetru akwazi? Uma namuhla uhluleka ukwazi, ingabe uzokwazi ukufinyelela lolo lwazi esikhathini esizayo? Umuntu oyivila noyigwala njengawe kulula ukuba angasazi isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu. Uma ujaha ukujabulisa inyama kanye nokufeza izifiso zayo, lokho kuyosho ukuthi ayikho indlela ongahlanzwa ngayo futhi ekugcineni uzobuyela kuSathane ngoba uphila ngendlela kaSathane nenyama. Njengoba izinto zinjalo namuhla, abantu abaningi abanandaba nokuphila, okusho ukuthi abanandaba nokuhlanzwa noma ukuthola ulwazi olunzulu ngokuphila. Bangenziwa kanjani ukuba baphelele? Labo abangakuphishekeli ukuphila, abanalo ithuba lokupheleliswa futhi labo abangaluphishekeli ulwazi lukaNkulunkulu futhi abangaluphishekeli ushintsho endleleni yabo yokuphila, abanayo indlela yokuphunyuka ithonya lobumnyama bukaSathane. Abakhathazeki kangako ngokuphathelene nolwazi lwabo ngoNkulunkulu kanye nokubhekana noshintsho ekuphileni, abanandaba nakho njengalabo abakholelwa enkolweni kuphela futhi bathanda kakhulu ukulandela imikhosi eyenziwayo ekukhonzeni kwabo uNkulunkulu. Ingabe lokho akukhona ukudlala ngesikhathi? Uma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu, kodwa engabi nandaba nezinto eziphathelene nokuphila, engaluphishekeli ushintsho endleni aphila ngayo, ulwazi ngemisebenzi kaNkulunkulu lona luze ekugcineni, lowo muntu angeke apheleliswe. Uma ufuna ukupheleliswa, kumele ubazi ubukhulu bemisebenzi kaNkulunkulu. Kumele ukuqonde ngokukhethekile ubukhulu besijeziso kanye nesahlulelo Sakhe, nokuthi kungani kusetshenziswa kubantu. Ingabe uyakwazi ukwamukela? Uma wahlulelwa kanjalo, uyakwazi ukufinyelela lapho uPetru afinyelela khona ngokolwazi? Uma uphishekela ulwazi ngoNkulunkulu kanye nemisebenzi kaMoya oNgcwele futhi ufuna nokushintsha izindlela zakho, uzoba nethuba lokupheleliswa. Ngokwalabo abazokwenziwa ukuba baphelele, lesi sinyathelo sokuvumela ukunqotshwa sibaluleke kakhulu; umuntu oye wanqotshwa kuphela oyothola ithuba lokupheleliswa. Ayikho into ebaluleke njengokunqotshwa ukuze umuntu akwazi ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ayikho into eyokuvimba ukuba ufeze indima yakho yokushumayela ivangeli, ngoba awujahi impilo, ushintsho kanye nokuzilungiswa, ngakho uzobe ungayazi kahle impilo. Phakathi namagxathu owathathayo, uye wenza njengesikhonzi, kodwa uma ungakufuni ukulwela ukuba njengoPetru ukulwela kwakho akufani nendlela uPetru apheleliswa ngayo, uma kunjalo, ngokwemvelo, angeke ube noshintsho endleleni yakho yokuphila. Uma ungumuntu ophishekela ukupheleliswa, kumele unikeze ubufakazi, uzobe usuthi: “Kula magxathu engiye ngawathatha emsebenzini kaNkulunkulu, ngiye ngawamukela umsebenzi wesijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu futhi ngiye ngakhuthazelela ukuhlupheka okunzima, sengiye ngamazi uNkulunkulu okuyinto eyenza umuntu ukuba aphelele, ngiwutholile umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngiye ngazuza ulwazi ngobungcwele bukaNkulunkulu futhi isijeziso Sakhe singisindisile. Ubungcwele Bakhe bufinyelele kimi futhi bungilethele izibusiso kanye nomusa Wakhe nokuthi isahlulelo nesijeziso Sakhe kuye kwangivikela futhi kwangingcwelisa. Ukube kuthiwa uNkulunkulu akaze angijezise futhi angahlulele, ukube akaze angithethise ngabe angizange ngimazi uNkulunkulu futhi ngabe angisindisiwe. Namuhla ngiyabona njengesidalwa, akukhona ukuthi umuntu ujabula ngezinto ezenziwe nguMdali, kodwa okungaphezu kwalokho okuyinto zonke izidalwa okufanele ziyijabulele, ukuma okuhle noNkulunkulu futhi zijabulele ukwahlulelwa nguye ngokulunga ngoba kufanele ukuba umuntu ajabule ngobuntu bukaNkulunkulu. Njengesidalwa esiye sonakaliswa nguSathane, kufanele ujabule ngobungcwele bukaNkulunkulu. Ebungcweleni Bakhe kunesijeziso nesahlulelo futhi ngaphezu kwalokho kunothando olukhulu. Nakuba ngingakwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu namuhla, ngiye ngaba nenhlanhla yokulubona, futhi ngiye ngabusiswa ngakho.” Lena yindlela etholwa yilabo abaye benziwa baphelela bathola nolwazi oluyilokho abakukhulumayo. Abantu abanjalo bafana noPetru; baye bayizwa indlela uPetru aphila ngayo. Bona labo bantu baye bazuza nokuphila babamba neqiniso. Uma umuntu ezwa lokho kuphila kuze kube sekugcineni, phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu, ngokuqinisekile uyoziphunyula ethonyeni likaSathane futhi azuzwe nguNkulunkulu.
Ngemva kokuba sebenqotshiwe, abubi khona ubufakazi obucacile ababa nako. Baye bamphoxa uSathane kodwa bangaphila ngamazwi kaNkulunkulu. Uye wasindiswa okwesibili; uthole umnikelo wesono, nokho awukakapheleliswa—yeka ukulahlekelwa okungaka. Kumele uqonde ukuthi ungena kuphi nokuthi yini oyishiyayo bese wenza kanjalo. Uma ekugcineni ungafinyeleli ekuphelelisweni, uyobe ungeyena umuntu wangempela futhi uyoba nokuzisola. Ekuqaleni uNkulunkulu wadala u-Adamu no-Eva bengabantu, okungathiwa, ngesikhathi beseseNsimini yase-Edene babengcwele bengenacala noma bengenakho ukungcola. Babethembekile kuJehova futhi bengazi lutho ngokungathembeki kuJehova. Lokhu kungenxa yokuthi babengakaphazanyiswa yithonya likaSathane, ungakabathinti ushevu kaSathane futhi bengabantu abamsulwa emlandweni wesintu. Babehlala eNsimini yase-Edene, bengenakho ukungcola, bengakabi sethonyeni lenyama kunalokho bemhlonipha ngokujulile uJehova. Kamuva, lapho belingwa nguSathane, badla ushevu wenyoka base beba nelukuluku lokungathembeki kuJehova, babe sebephila ngaphansi kwethonya likaSathane. Ekuqaleni, babengcwele futhi bemhlonipha ngokujulile uJehova; babengabantu kuphela uma bephila kanjalo. Kamuva, balingwa nguSathane, badla isithelo solwazi lokuhle nokubi ngemva kwalokho baphila ngaphansi kwethonya likaSathane. Kancane kancane, izingqondo zabo zadungwa nguSathane balahlekelwa ngubuntu bangempela, obuphelele. Umuntu wayenomoya kaJehova futhi kwakungekho nobuncane ukungamlaleli futhi bungekho nobubi enhliziyweni yakhe. Ngaleso sikhathi umuntu wayengumuntu wangempela, ophelele. Ngemva kokudukiswa nguSathane, umuntu waba yisilwane: Imicabango yakhe yagcwala ububi nokungcola ngaphandle kobuhle nobungcwele. Ingabe akuyena uSathane lowo? Uye wazibonela imisebenzi kaNkulunkulu nokho awukakashintshi noma awukahlanzwa. Usaphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi awuzithobi kuNkulunkulu. Lona ngumuntu oye wanqotshwa kodwa ongakapheleliswa. Kungani umuntu onjalo kuthiwa akakapheleliswa? Kungenxa yokuthi akakuphishekeli ukuphila kwangempela noma ulwazi ngemisebenzi kaNkulunkulu akukho okunye akufunayo kunokuphishekela izifiso zenyama kanye nokujabula isikhashana. Umphumela walokho ukuthi alubi bikho ushintsho ekuphileni kwakhe futhi akakutholi ukufana nomuntu wokuqala owadalwa nguNkulunkulu. Abantu abanjalo bayizidumbu eziphilayo, bangabafileyo abangenawo umoya! Labo abangaluphishekeli ulwazi ngezinto zomoya, ngokuphelela nangokuphila ngeqiniso, abaneliseka ngokunqotshwa okubi futhi abahlulekayo ukukushiya lokho kuphila ukuze baphile ngeqiniso, babe ngabantu abangcwele—abantu abanjalo abakasindiswa. Ngoba uma umuntu engaphili ngeqiniso, akakwazi ukuma aqine phakathi novivinyo lukaNkulunkulu; yilabo abangakwazi ukuma baqine phakathi nokuvivinywa nguNkulunkulu abaye basindiswa. Abantu engibafunayo abafana noPetru, okungabantu abaphishekela ukuphelela babe msulwa. Iqiniso namuhla linikwa labo abasebenza kanzima belifuna. Le nsindiso iqinisekisiwe kulabo abafuna ukusindiswa nguNkulunkulu futhi ayenzelwanga ukuba izuzwe nguwe kuphela kodwa kunalokho isho nokuthi ungazuzwa nguNkulunkulu. Uzuza uNkulunkulu ukuze Naye uNkulunkulu akuzuze. Namuhla ngiye ngakhuluma lawa mazwi kuwe futhi uwazwile nokuthi kufanele uphile ngokuvumelana nawo. Ekugcineni lapho usebenzisa lawa mazwi kuzoba yilapho ngiye ngakuzuza khona ngawo; futhi ngesikhathi esifanayo nawe uyobe uwazuzile, okusho ukuthi uyobe uthole insindiso yaphezulu. Lapho nje usuhlanziwe, uzoba ngumuntu wangempela. Uma wehlulwa ukuphila ngeqiniso noma wehlulwa ukuphila njengomuntu owenziwe waphelela, ngalokho kuyothiwa awuyena umuntu, uyisidumbu esiphilayo, isilwane ngenxa yokuthi awuphili ngeqiniso, okusho ukuthi awunawo umoya kaJehova nokuthi ungumuntu ofile ongenawo umoya wokuphila! Nakuba kuyinto engenzeka ukuba ufakaze ngemva kokunqontshwa, okutholayo ukusindiswa okuncane futhi usuke ungakabi umuntu ophilayo onomoya wokuphila. Nakuba uye wasizwa isijeziso nesahlulelo, ukuma kwakho akukawutholi umvuzo noma akukashintshwa; lokho okwenza ukuthi uqhubeke nobuntu bakho obudala futhi usengokaSathane nokuthi awukabi umuntu ohlanziwe. Yilabo abenziwe baphelela ababalulekile futhi abantu abanjalo baye bathola ukuphila kwangempela. Ngelinye ilanga omunye uyothi kuwe, “Usuke wawubona umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngakho khuluma kancane ngalokho okwaziyo ngomsebenzi Wakhe. UDavide wazibonela imisebenzi kaNkulunkulu futhi izenzo zikaNkulunkulu zaba kuye, noMose ngokunjalo wazibambisisa izenzo zikaJehova futhi bobabili bakwazi ukuzichaza futhi bengakhuluma ngokumangalisa kukaJehova. Uye wawubona umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu; kukhona ongakusho ngokuhlakanipha kwakhe? Kukhona ongakusho ngokubabazeka komsebenzi Wakhe? Yiziphi izinto uNkulunkulu aye wazifuna kuwe futhi uye wazithola zinjani? Usuye wawubona umsebenzi kaNkulunkulu phakathi nalezi zinsuku zokugcina; uyini umbono wakho omkhulu? Ungakhuluma ngakho? Ungakhuluma ngobungcwele bukaNkulunkulu?” Ungaphendula kanjani lapho ubuzwa le mibuzo? Uma ukwazi ukuthi, “UNkulunkulu ungcwele, uyasijezisa asehlulele, usiveza ngokungazigodli. UNkulunkulu akakwamukeli nhlobo ukusukelwa ngumuntu. Ngemva kokuzibonela umsebenzi kaNkulunkulu, sengiye ngabazi kahle ubulwane esiyibo futhi sengiye ngabubona nobungcwele bukaNkulunkulu,” omunye umuntu uzokubuza ukuthi yini enye oyaziyo ngoNkulunkulu? Umuntu ukuthola kanjani ukuphila? Ikhona imigomo ozibekele yona?” Uzophendula kahle uthi, “Izidalwa zikaNkulunkulu ziye zaba yizilwane ngemva kokudalwa nguNkulunkulu futhi azizange zihluke ezimbongolweni. Namuhla, ngisezandleni zikaNkulunkulu futhi kumele ngijabulise uNkulunkulu, kumele ngifeze izifiso zoMdali futhi ngilalele konke akufundisayo. Ayikho futhi enye indlela.” Uma ukhuluma ngezinto ezinjalo kuphela, umuntu okhulumayo ngeke akuqonde okushoyo. Uma bekubuza ngolwazi onalo ngomsebenzi kaNkulunkulu, basuke bebhekisela ezintweni oye wabhekana nazo. Basuke befuna ukuthola ulwazi onalo ngesijeziso nangesahlulelo sikaNkulunkulu ngemva kokuba uye wabhekana nakho futhi bakucele ukuthi ukhulume ngolwazi lwakho lweqiniso. Uma uhluleka ukukhuluma ngezinto ezinjalo, lokhu kubonisa ukuthi akukho ukwaziyo ngomsebenzi wanamuhla. Uhlezi ukhuluma ngenzwabethi noma ngalokhu okwaziwa nguwonkewonke; Akukho okwazi kahle, kuncane kakhulu okunesisindo olwazini lwakho nokuthi ubufakazi bakho abulona iqiniso ngakho abanye abantu awukwazi ukubakholisa. Ungamane nje ube ngumlandeli kaNkulunkulu futhi ungakuphishekeli ukuba nelukuluku lofuna ukwazi ngezinto eziningi. Nakuba ukuba ntukuntuku, ungaqondakali noma uyashisa noma uyabanda uzolwahlekelwa kakhulu bese uzibambezele kakhulu ekuphileni. Kumele uzikhohlwe izenzo zakho zobuvila nokungabi matasa, uze ujwayelane nezinto ezinhle futhi ukwazi ukumelana nobuthakathaka bakho ukuze ukwazi ukuthola iqiniso futhi uphile ngalo. Asikho isizathu sokwesaba ngobuthakathaka bakho nangamaphutha owenzayo kube sengathi ayizinkinga zakho ezinkulu. Inkinga yakho nephutha lakho elikhulu ungaqondakali kwakho ukuthi uyabanda noma uyashisa nanokungabi nesifiso sokufunisisa iqiniso. Inkinga enkulu eninayo iwukuthi ningamagwala kuyilapho nizijabulela izinto zinjengoba zinjalo bese ningenzi lutho ngazo. Lokho kuwugibe olukhulu kini futhi anikufuni nhlobo ukufuna iqiniso. Uma nilalela ngenxa yamazwi ajulile engiwakhulume kini, lokho kuyosho ukuthi anilubambile nhlobo ulwazi noma mhlawumbe anilazisi iqiniso. Uma nilalela ngenxa yokuthi. Ukulalela okunjengalokho enikwenzayo akunikezi ubufakazi futhi angikwamukeli. Omunye angase anibuze, “Uvelaphi ngempela uNkulunkulu wenu? Yini ephathekayo uNkulunkulu wenu anayo?” Uzophendula uthi, “Isijeziso nesahlulelo Sakhe.” “Ingabe uNkulunkulu akanawo umusa futhi akanalo uthando kumuntu? Uyakwazi lokhu?” Uzothi, “Lowo nguNkulunkulu wabanye. uNkulunkulu abantu benkolo abakholelwa kuye, akuyena owethu.” Uma abantu abanjengawe besakaza ivangeli, lokho kuyosho ukuthi indlela yeqiniso uyonakalisile, iyiphi indima onayo? Abanye abantu bangayithola kanjani indlela yeqiniso kuwe? Awuphili ngeqiniso futhi awulikhulumi nhlobo iqiniso ngaphezu kwalokho uyaliqeda. Yini ekwenza ufanelekele ukuphila phambi kukaNkulunkulu? Uma usakaza ivangeli kwabanye nalapho ukhuluma iqiniso futhi unikeza ubufakazi ngoNkulunkulu, uma uhluleka ukubazuza bayowaphikisa amazwi owakhulumile. Ingabe ukuba khona kwakho kuyabonakala? Usuye wabona omningi umsebenzi kaNkulunkulu, nokho lapho ukhuluma ngeqiniso, ukhuluma amazwi anengqondo. Ingabe ungumuntu onegalelo? Yiliphi igalelo onalo? Kwenzeka kanjani ukuba usuzibonele imisebenzi kaNkulunkulu emingaka kodwa ungabi nanoluncane ulwazi ngoNkulunkulu? Lapho bekubuza ukuthi yiluphi ulwazi onalo ngoNkulunkulu, bese uphelelwa amazwi noma mhlawumbe uphendule ngento engahlangene nombuzo abawubuzile—uthi ungonamandla, kuyoba yizibusiso lezo ezinkulu kowake wazithola eziyoletha injabulo enkulu kaNkulunkulu nokuthi alikho ilungelo oyoke ulibambe lokuba usondelane nobuntu bukaNkulunkulu. Kubaluleke ngani ukusho lokhu? Angamazwi angenasidingo, awuwangala! Unalolo lwazi oluningi ngomsebenzi kaNkulunkulu, ingabe wazi kuphela ukuthi ukujabula kukaNkulunkulu kuyiqiniso? Kumele uwazi umsebenzi kaNkulunkulu, ngaleyo ndlela uyokwazi ukunikeza ubufakazi obuyiqiniso kuNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuba labo abangazange balithole iqiniso ukuba banikeze ubufakazi ngoNkulunkulu?
Uma umsebenzi omngaka namazwi amangaka engakuthinti, kuyothi lapho kufika isikhathi sokumemezela ngomsebenzi kaNkulunkulu uyohluleka ukwenza isabelo sakho futhi uyohlazeka uphinde ululazeke. Ngaleso sikhathi uyoba nomuzwa wokuthi umkweleta okuningi uNkulunkulu nokuthi ulwazi onalo ngoNkulunkulu luyobe lukha phezulu. Uma ungaluphishekeli ulwazi ngoNkulunkulu namuhla, njengoba esasebenza, ngokuhamba kwesikhathi kuyobe sekubhedile, ithuba liyobe selikulahlekele. Ekugcineni luyobe lungasekho ulwazi ongakhuluma ngalo—uyosala ulambatha, ungenalutho. Pho, yini oyokwazi ukuyisebenzisa ekulandiseni kuNkulunkulu? Unaso isifiso sokubheka kuNkulunkulu? Manje, kumele uzame ukusebenza kanzima ukuze ekugcineni, ube njengoPetru, wazi ukuthi sizuzisa kanjani isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu kumuntu nokuthi wazi ukuthi ngaphandle kwesijeziso nesahlulelo Sakhe umuntu ngeke asindiswe kunalokho angacwila ekungcoleni kwakhe, azike nakakhulu obishini. Abantu sebeye bonakaliswa uSathane, omunye unake omunye futhi omunye uchachaza ekhanda lomunye, sebeye balahlekelwa ukumesaba uNkulunkulu futhi ukungalaleli kwabo kukhulu kakhulu, sebenemibono eminingi futhi yonke okungeka Sathane. Ngaphandle kwesijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu, ukonakala kona ngeke kuhlanzwe futhi umuntu ngeke asindiswe. Lokho okuboniswa yimisebenzi kaNkulunkulu ohamba ngezinyawo enyameni ivezwa kahle nguMoya nokuthi umsebenzi awenzayo uyilowo owenziwe nguMoya. Namuhla, uma ungenalo ulwazi ngomsebenzi Wakhe kusho ukuthi uyisiphukuphuku futhi kuningi okukulahlekele! Uma ungakayitholi insindiso kaNkulunkulu kusho ukuthi ukholo lwakho lungolwenkolo nokuthi ungumKristu wenkolo. Imisebenzi emisha kaMoya oNgcwele ikulahlekele ngenxa yokuthi ubambelele emfundisweni efile kanti abanye abaphishekela ukuthanda uNkulunkulu bayakwazi ukuthola iqiniso kanye nokuphila, kuyilapho ukholo lwakho alukwazi ukwamukelwa nguNkulunkulu. Kunalokho usuye waba ngumenzi wobubi, owenza izinto ezilimazayo nezingathandeki, usuke waba yisisulu senhlekisa kaSathane nesigqila sakhe. UNkulunkulu akayena owukuba umuntu akholelwe kuye kodwa kufanele athandwe, aphishekelwe futhi akhonzwe ngumuntu. Uma ungamphishekeli namuhla kusho ukuthi usuku luyofika lapho uyothi khona, “Ukube ngimlandele ngokuphelele uNkulunkulu futhi ngamjabulisa. Ukube ngiye ngaphishekela ushintsho. Yeka indlela engizisola ngayo ngokuthi angizange ngizinikele kuNkululunkulu ngesikhathi esifanele futhi angizange nguluphishekele ulwazi ngeZwi Lakhe. Kuningi uNkulunkulu akusho kudala; kungani ngingazange ngimfunisise? Ngibe yisiphukuphuku!” Uyozenyanya ngezinga elithile. Namuhla awuwakholwa amazwi engiwashoyo futhi awuwanakile; lapho kufika usuku lokuba umsebenzi Wakhe usabalale uyogcwala inzonto, uyozisola futhi ngaleso sikhathi uyomangala kakhulu. Nokho, kunezibusiso ongazijabuleli futhi kuneqiniso ongaliphishekeli. Ingabe awuziletheli ukweneliseka? Namuhla, nakuba sekuseduze ukuba isinyathelo esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu siqale, ayikho into ebaluleke njengalokho okulindeleke kuwe nalokho okufanele uphile ngakho isikhathi esithile. Miningi imisebenzi namaqiniso; ingawe akufanele ukuba kwaziwe nguwe? Ingabe isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu asikwenzi ukuba uzenyanye? Ingabe wenelisekile ngokuphila ngokuthula nangokujabula, nangokwenileseka kwenyama okwesikhashana ngaphansi kwethonya likaSathane? Ingabe ungumuntu omncane kunabo bonke abantu? Akekho oyisiphukuphuku njengalowo obone insindiso kodwa wangakuphishekela ukuyizuza: Bangabantu abazitika ngenyama futhi abajabula ngoSathane. Uthembela ekutheni ukholo lwakho kuNkulunkulu aluzoba nezinselele noma nezinsizi noma ubunzima obungatheni. Uhlezi uphishekela lezo zinto ezingenanzuzo futhi ukuphila kwakho awukwenzanga kwaba nenjongo, kunalokho ubeka imicabango yakho ngaphambi kweqiniso. Awulusizo lwalutho! Uphilisa okwengulube—yimuphi umehluko phakathi kwakho nezingulube kanye nezinja? Ingabe labo abangaliphishekeli iqiniso kunalokho bathanda inyama hhayi zonke izilo zasendle? Ingabe yilabo abafile abangenawo umoya kungekhona labo abayizidumbu eziphilayo? Mangaki amagama aye akhulunywa kuwe? Ingabe mncane umsebenzi owenziwe kuwe kuphela? Kungakanani engiye ngakunika khona? Ngakho kungani ungazange ukuthathe? Yini ongakhala ngayo? Akukhona yini ukuthi awuzuzanga lutho ngenya yokuthi uyithanda kakhulu inyama yakho? Futhi akukhona yini ukuthi imicabango yakho ibiyeqisa? Akukhona yini ukuthi uyisiphukuphuku? Uma ungakwazi ukuzithola lezi zibusiso, ungamsola yini uNkulunkulu ngokungakusindisi? Lokho okuphishekelayo kuwukuba ukwazi ukuthola ukuthula ngemva kokukholelwa kuNkulunkulu—ukuba izingane zakho zikhululeke ekuguleni, umyeni wakho athole umsebenzi oholela kahle, indodana yakho ithole umfazi omuhle, indodakazi yakho ithole umyeni wangempela, izimbongolo kanye namahhashi kukulimele kahle umhlabathi, unyaka wesimo sezulu esihle ukuze izitshalo zakho zingashi. Yilokhu okufunayo. Uphishekela kuphela ukuba uphile ngokunethezeka, ukuba kungenzeki ngozi emndenini wakho, isiphepho singakuthinti, ubuso bakho bungathintwa nayitshe elincane, zingakhukhuleki izitshalo zomndeni wakho, ungathintwa nayinoma iyiphi inhlekelele yemvelo, ukuba uphile ekwemukelweni nguNkulunkulu, uphile ngaphansi kwesivikelo esifudumele. Isiphukuphuku esinjengawe, esihlezi siphishekela inyama—unayo inhliziyo, unawo umoya? Ingabe uwusona isilo? Ngikunika indlela yeqiniso ngaphandle kokuba ngilindele ukuba ungibuyisele okuthile, kodwa wena akukho ukuzikhandla okwenzayo. Ingabe ungomunye wabakholelwa kuNkulunkulu? Ngibeka ukuphila kuwe, nokho wena awenzi lutho. Ingabe ukhona umehluko phakathi kwakho nengulube noma nenja? Izingulube zona azikuphishekeli ukuphila komuntu, azikudingi ukuhlanzwa futhi azikuqondi ukuthi ukuphila kuyini. Njalo ngosuku, uma nje sezidlile zasutha, zivele zizilalele. Mina ngikunikeze indlela yeqiniso, nokho wena awukakayitholi: Awuphethe lutho. Ingabe uzimisele ukuphila lokhu kuphila, ukuphila kwengulube? Sikuphi isidingo sokuphila kwabantu abanjalo? Ukuphila kwakho akuyilutho futhi kuyanyanyeka, uphila emanyaleni futhi ayikho imigomo onayo; ingabe ukuphila kwakho kubi ukwedlula bonke ububi? Ingabe uyanyanya lapho ubheka uNkulunkulu? Uma uqhubeka uzizwa kanjalo, ngeke yini uze uzuze utho? Indlela yeqiniso uyinikiwe, kodwa ungayithola kulele ekutheni yikuphi okuphishekelayo. Abantu bathi uNkulunkulu, unguNkulunkulu ongcwele uma nje umuntu emlandela kuze kube sekugcineni, ngokuqinisekile akakhethi, ungoNgcwele . Uma umuntu emlandela kuze kube sekugcineni, ingabe uNkulunkulu uyomkhipha inyumbazane umuntu? Angikhethi uma kuziwa kubantu futhi ngahlulela wonke umuntu ngobungcwele Bami, nokho kunezimfuneko ezikahle engizenzela umuntu okumele bonke abantu bazifeze kungakhathaliseki ukuthi bangobani. Anginandaba nokuthi uneziqu ezinkulu nezihlonishwa kangakanani; enginendaba nakho ukuthi uhamba endleleni Yami, nokuthi uyalithanda futhi ulomele yini iqiniso. Uma untula iqiniso, kunalokho udicilele phansi igama Lami, futhi ungahambi ngendlela Yami, umane nje ungilandele ngaphandle kokunaka, ngaleso sikhathi ngiyokushaya ngikujezisele ububi bakho, futhi yini ongabe usayisho? Ungakwazi yini ukuthi uNkulunkulu akekho ngcwele? Namuhla, uma wenza ngokuvumelana namazwi engiwakhulume kuwe, lokho kuyosho ukuthi ungumuntu engamamukelayo. Uthi uhlale uhlupheka ube ulandela uNkulunkulu, nokuthi usuye wamlandela ngisho nangezikhathi ezinzima futhi usuke waba nezikhathi ezimnandi nezinzima Naye, kodwa awukaphili ngamazwi uNkulunkulu awakhulumile; ufisa ukuba umlandele njalo ngosuku kodwa awukaze ukucabange ukuphila ukuphila okunenjongo. Uthi kunoma yisiphi isimo uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu ungcwele: Usuye wahlupheka, uhluphekela yena, futhi wazinikela Kuye futhi ususebenze kanzima naphezu kokungakutholi ukuqashelwa; ngokuqinisekile uNkulunkulu uzokukhumbula. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu ungcwele, nokho ubungcwele bakhe abathintwa ngisho nobuncane ububi: Ubungcwele bukaNkulunkulu abuhambi ngentando yomuntu noma abuthengwa. Bonke abavukelayo nabaphikisayo futhi abangahambi ngendlela Yakhe, bayojeziswa; abekho abayobe bexolelwe futhi abekho abayobuye badingeke uma kunesidingo! Abanye abantu bathi, “Namuhla ngizogijima, ngigijimele Wena; lapho kufika ukuphela, unganginika isibusiso esincane?” Ngakho ngiyakucela, “Wenzile ngokuvumelana namazwi Ami?” Ubungcwele lobu okhuluma ngakho buncike emalini. Ucabanga ukuthi ngingcwele kuphela, nokuthi kubo bonke abantu angikhethi nokuthi bonke labo abangilandelayo kuze kube sekugcineni bayaqiniseka ngokuthi bazosindiswa bathole nezibusiso Zami. Kunencazelo ejulile emazwini Ami okuthi “bonke labo abangilandelayo ngokuqinisekile bazosindiswa”: Labo abangilandela kuze kube sekugcineni yilabo abayothola ukwamukelwa Yimina ngokuphelele, bayilabo okuthi ngemva kokuba sengibanqobile, bafune iqiniso futhi benziwe baphelele. Iyiphi imfuneko wena oye wayifinyelela? Uye wafinyelela ukungilandela kwaze kwaba sekugcineni kuphela, kodwa yini enye? Uphilile ngokuvumelana namazwi Ami? Uye wafinyelela eyodwa kwezinhlanu izimfuneko zami, nokho awunaso isifiso sokufeza lezi ezinye ezine. Uye wathola indlela elula kakhulu futhi wayiphishekela ngesikhathi esifanayo ube uzicabanga njengonenhlanhla. Kumuntu Onjengawe, ubungcwele bami buhlanganisa isijeziso nesahlulelo sami, buyimpindiselo yami futhi buyindlela yami yokujezisa engcwele kubo bonke abenzi bobubi; bonke labo abangahambi endleleni Yami bazojeziswa, ngisho noma bengilandela ekugcineni. Lobu ubungcwele bukaNkulunkulu. Lapho lobu bungcwele buboniswa uma kujeziswa umuntu, umuntu uyomangala futhi uyozisola kakhulu ngokuthi ngesikhathi elandela uNkulunkulu akazange ahambe endleleni Yakhe. Ngaleso sikhathi wahlupheka kancane lapho elandela uNkulunkulu, kodwa akazange ahambe endleleni kaNkulunkulu. Yiziphi izaba umuntu onjalo angazibeka? Ayikho enye indlela ngaphandle kokujeziswa! Nokho engqondweni yakhe ulokhu ecabanga, “Akusenani, vele ngiye ngakulandela kwaze kwaba sekugcineni, ngakho ngisho noma ungijezisa, ngeke kube kubi kakhulu, ngeke ungijezise ngesihluku futhi ngemva kwalesi sijeziso uyobe usangifuna. Ngiyazi ukuthi ungcwele futhi ngeke ukuphathe ngaleyo ndlela kuze kube phakade. Futhi ngiyazi ukuthi angifani nalabo abayoqothulwa; labo abayoqothulwa bayothola isijeziso esikhulu kakhulu, kuyilapho ukujeziswa kwami kuzobe kukuncane.” Ubungcwele bukaNkulunkulu abuhlezi buyilokho okucabangayo noma okushoyo. Akukhona ukuthi labo abakwazile ukuvuma kahle izono zabo bayobonelelwa bajeziswe kancane. Ubungcwele bungubumsulwa futhi kuwukuma okungahambisani nokudelela komuntu nokuthi konke okungcolile nokungashintshi buyamnyanyisa uNkulunkulu. Ubungcwele bukaNkulunkulu abuwona umthetho kodwa bungumyalo: Bungumyalo embusweni futhi lo myalo bungukujeziswa ngobungcwele babo bonke abantu abangaphili ngeqiniso futhi abangakashintshi, futhi awukho umngcele wensindiso. Ngoba lapho umuntu ehlukaniswa ngokwalokho, abalungile bayothola umvuzo, ababi bona bayojeziswa. Ubungcwele bukaNkulunkulu buyilapho kucaciswa khona lapho umuntu eyogcina khona, yisikhathi lapho umsebenzi wensindiso ungasenziwa, umsebenzi wokusindisa abantu uyobe usuphelile futhi isahlulelo esinzima siyolethwa kulabo abenza okubi. Abanye abantu bathi, “UNkulunkulu ukhumbula wonke umuntu obevame ukuba sohlangothini Lwakhe. Nami ngingomunye wabazalwane futhi akunakwenzeka, ukuba uNkulunkulu akhohlwe ngamunye kithi. Siqinisekisiwe ngokuthi sizopheleliswa nguNkulunkulu. Angeke akhumbule ngisho noyedwa kulabo abangaphansi kwethu, labo abaphakathi kwabo abayopheleliswa bayaqinisekiswa ngokuba babe ngaphansi kwethu, esivame ukubhekana noNkulunkulu; akekho noyedwa phakathi kwethu uNkulunkulu oye wamkhohlwa, sonke siye samukelwa nguNkulunkulu futhi wasiqinisekisa ngokuthi uzosiphelelisa.” Nonke ninokucabanga okunjalo; ingabe ubungcwele lobu? Ingabe uye walisebenzisa iqiniso ekuphileni kwakho? Empeleni uhambe ukhuluma amahemuhemu anjengalawa—awunamahloni!
Namuhla, abanye abantu baphishekela ukusetshenziswa uNkulunkulu kodwa ngemva kokuba sebenqotshiwe ababe besasetshenziswa ngokuqondile. Njengoba kuyaye kushiwo namuhla ukuthi lapho uNkulunkulu esebenzisa abantu, kodwa uqhubeke ungakwazi ukukufeza, lokho kusho ukuthi awukapheleliswa. Ngamanye amazwi, ukufika kokuphela lapho umuntu epheleliswa kuyoveza ukuthi uNkulunkulu uyamsebenzisa yini noma akamsebenzisi. Labo abaye banqotshwa abayilutho ngaphandle kokuba yizibonelo zabantu abayekelelayo nabanombono ongaqondile; bangamasampula kodwa akukho okunye abayikho ngaphandle kokushintsha. Kuphela yilapho umuntu eba nokuphila, ukuma kwakhe sekushintshile futhi eseye wakwazi ukushintsha ngaphakathi nangaphandle oyokwenziwa aphelele ngokugcwele. Namuhla, yikuphi okufunayo, ukunqotshwa noma ukupheleliswa? Yikuphi odinga ukufinyelela kukho? Zingaki izimfuneko zokupheleliswa osuye wazigcwalisa? Yikuphi osuke wakugcwalisa? Kumele uzihlomise kanjani futhi kufanele uwanqobe kanjani amaphutha akho? Kufanele ungene kanjani endleleni yokupheleliswa? Ungazinikela kanjani ngokuphelele? Ucela ukupheleliswa, ngakho uyakuphishekela ubumsulwa? Ingabe uyakuphishekela ukujeziswa nokwahlulelwa ukuze uNkulunkulu akuvikele? Uyakuphishekela ukuhlanzwa ukuze ukwazi ukwamukela isijeziso nesahlulelo? Ucela ukumazi uNkulunkulu kodwa ingabe unalo yini ulwazi ngesijeziso ngangesahlulelo Sakhe? Namuhla, umsebenzi omningi engiwenzayo kuwe ukujezisa nokwahlulela; yikuphi okwaziyo ngalo msebenzi osuye wenziwa kuwe? Ingabe isijeziso nesahlulelo esiye senziwa kuwe sikuhlanzile? Ingabe sikushintshile? Ingabe kukhona esikwenzayo kuwe? Ingabe usukhathele kangako ngomsebenzi wanamuhla—iziqalekiso, izahlulelo nezambulo—noma konke lokhu ukubona kuyinzuzo? Uyamthanda uNkulunkulu kodwa kungani umthanda? Ingabe uthanda uNkulunkulu ngoba uye wathola umusa omncane noma umthanda ngoba usuye wathola ukuthula nenjabulo? Noma mhlawumbe umthanda ngemva kokuba usuhlanziwe yisijeziso nesahlulelo Sakhe? Yini ngempela ekwenza umthande uNkulunkulu? Yiziphi izimfuneko uPetru azifinyelela ukuze apheleliswe? Ngemva kokuba esenziwe waphelela, iyiphi indlela ebalulekile okuye kwaboniswa ngayo? Ingabe wayeyithanda iNkosi uJesu ngenxa yokuthi wayemfisa noma ngenxa yokuthi akakwazanga ukumbona noma ngenxa yokuthi uye wasolwa? Noma kungenzeka ukuba wayithanda iNkosi uJesu nakakhulu ngenxa yokuthi wayemukele ukuhlupheka nezivivinyo futhu wakwazi ukubona ukungcola nokungalaleli kwakhe futhi wakwazi ukubona ubungcwele beNkosi? Ingabe uthando lwakhe ngoNkulunkulu lwaba msulwa ngenxa yesijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu noma ngenxa yenye into? Okuyini leyo? Umthanda uNkulunkulu ngenxa yomusa wakhe futhi ngenxa yokuthi namuhla usuye wathola amanye amazwibela ezibusiso. Ingabe uthando lweqiniso lolu? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu? Ungasamukela isijeziso nesahlulelo Sakhe futhi ngemva kokuba usubone ubungcwele Bakhe, usukwazi ukumthanda ngeqiniso, njengokuthi usuye waqiniseka kakhulu futhi waba nolwazi Ngaye? NjengoPetru, ungasho yini ukuthi awukwazi ukumthanda ngokuphelele uNkulunkulu? Ingabe uphishekela ukunqotshwa ngemva kokujeziswa nangokwahlulelwa, noma ukuba uhlanzwe, uvikelwe futhi unakekelwe ngemva kokujeziswa nangokwahlulelwa? Yikuphi phakathi kwalokhu okuphishekelayo? Ingabe ukuphila kwakho kunenjongo noma akunayo nhlobo? Ingabe ufuna inyama noma iqiniso? Ufisa isahlulelo noma ukunethezeka? Ngemva kokuba usuthole izinto ezingaka ngomsebenzi kaNkulunkulu futhi usuye wabubona ubumsulwa nobungcwele bukaNkulunkulu, kufanele uphishekele kanjani? Kufanele uhambe kanjani kule ndlela? Ungalubonisa kanjani uthando lwakho ngoNkulunkulu? Ingabe kukhona okwenzile ukuze uthole isahlulelo nesijeziso sikaNkulunkulu? Kungakhathaliseki ukuthi unalo yini ulwazi ngesijeziso nangesahlulelo sikaNkulunkulu noma awunalo kulele ekutheni uphila kanjani futhi umthanda kangakanani uNkulunkulu! Izindebe zakho zithi uyamthanda uNkulunkulu, kodwa indlela ophila ingubuntu obudala nenkohlakalo; awumesabi uNkulunkulu, kukancane ukuba unonembeza. Ingabe abantu abanjalo bayamthanda uNkulunkulu? Ingabe abantu abanjalo baqotho kuNkulunkulu? Ingabe yilabo abamukela isijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu? Uthi uyamthanda uNkulunkulu futhi uyakholelwa Kuye, nokho awukufuni ukulahla imibono yakho. Emsebenzini wakho, ekungeneni kwakho, emazwini owakhulumayo nasempilweni yakho, akukho ukubonakaliswa kothando lwakho ngoNkulunkulu futhi akukho ukumhlonipha ngokujulile uNkulunkulu. Ingabe lona ngumuntu oye wathola isijeziso nesahlulelo? Umuntu onjalo angaba yini nguPetru? Ingabe labo abafana noPetru banolwazi kuphela kodwa bangalisebenzisi? Namuhla, iyiphi imfuneko edingekayo kumuntu ukuze aphile ukuphila kwangempela, okunenjongo? Ingabe imithandazo kaPetru yayingaphezu kwalokho ayekusho ngomlomo wakhe? Ingabe kwakungewona amazwi aphuma ekujuleni kwenhliziyo yakhe? Ingabe uPetru wathandaza kuphela futhi wangalisebenzisa iqiniso kuye? Ingabe ukuzikhandla kwakho kungenxa kabani? Ungazigcina kanjani uvikelekile futhi uhlanzekile phakathi nesijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu? Ingabe akumzuzisi ngalutho umuntu ukwahlulelwa nokujeziswa nguNkulunkulu? Ingabe konke ukwahlulela kuwukujeziswa? Kungaba yini ukuthula kanye nenjabulo kuphela, izibusiso zezinto ezibonwayo kanye nokunethezeka isikhashana okuzuzisayo ekuphileni komuntu? Uma umuntu ephila endaweni ejabulisayo nenethezekile, ngaphandle kokwahlulelwa ungahlanzwa? Uma umuntu efisa ukushintsha futhi ahlanzwe, angakwamukela kanjani ukupheleliswa kwakhe? Iyiphi indlela okufanele uyikhethe namuhla?
Imibhalo engezansi:
  1. Igama lokuqala lifundeka kanje “khona.”                                                                                    UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA

Awekho amazwana:

Thumela amazwana