1/21/17

Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho

Ngokubhekisisa ukwenza kanye nezenzo zenu ezimpilweni zenu, nonke nidinga ingxenye yamazwi nsuku zonke sokukunikeza nokukuvuselela kabusha, ngokuba uyashoda kakhulu, futhi nolwazi lwakho kanye nokukwazi ukwamukela kuncane kakhulu.
Ezimpilweni zenu zansuku zonke, niphila esimweni nasendaweni engenalo iqiniso nokuqonda okuyiko. Nishoda ngesisekelo samandla okubakhona futhi aninaso isisekelo sokungazi Mina noma iqiniso. Ukukholwa kwenu kumane kwakhelwe phezu kokwethemba okungacacile noma phezu kwemikhuba yezenkolo nolwazi olusekwe izifundiso kuphela. Nsuku zonke ngihlala ngibheka ukunyakaza kwenu futhi ngihlolisisa izinhloso zenu kanye nezithelo zobubi. Angikaze ngimthole noyedwa obeke inhliziyo yakhe kanye nomoya wakhe i-altare Lami ngeqiniso, engakaze agudluke. Ngakho-ke, angifisi ukuchitha onke amazwi engifisa ukuwasho kulabo bantu abanjalo ngeze leze. Enhliziyweni Yami, ngihlela ukuqedelela umsebenzi Wami ongakapheli kanye nokuletha insindiso esintwini okusamele ngisisindise. Nakuba kunjalo, ngifisa bonke abangilandelayo ukuba bathole insindiso kanye neqiniso izwi Lami elinika komuntu. Nginethemba lokuthi ngelinye ilanga uma uvala amehlo akho, uyobona umbuso lapho iphunga elimnandi ligcwalise umoya nemifula yamanzi okuphila igeleza hhayi izwe elifiphele elibandayo lapho ubumnyama busithibeze isibhakabhaka futhi lapho ubumayemaye kungena mkhawulo.
Usuku ngalunye, izenzo nemicabango yomuntu ngamunye ibhekwa Nguye futhi, ngesikhathi esifanayo, ingukulungisela ikusasa labo. Lena indlela okumele ihanjwe yibo bonke abaphilayo kanti nokuthi yilokho enginibekele ukuba nifinyelele kukho. Akekho namunye ongakubalekela lokhu futhi akukho nambandela wokusinda kulokhu obekiwe. Ngikhulume amazwi amaningi, kanye nangaphezu kwalokho ngenze imisebenzi eminingi kakhulu. Nsuku zonke, ngibheka umuntu enza lokho okumele akwenze ngokwemvelo yakhe ngokwendalo nokuthi iqhubeka kanjani. Ngokungazi, iningi selivele layithola “le ndlela elungile,” engiyibekele ukwambulela wonke umuntu. Vele sengibeke lonke uhlobo lomuntu ezimweni zemvelo ezahlukene, futhi wonke umuntu endaweni yakhe usevele ekukhombisile lokho okungubuyena akuthola ngokwemvelo. Akekho ozoba bophezela, akekho ozobayenga. Bakhululekile ngokugcwele futhi lokho abakushoyo kuyazivelela ngokwemvelo. Kukhona into eyodwa abahlale beyiqaphile, lokho ngamazwi Ami. Ngakho-ke, iningi labantu lifunda amazwi Ami ngokuzihudula ukuze isiphetho sabo kungabi ukufa, kodwa bebe bengawasebenzisi amazwi Ami kwabakwenzayo. Ngakolunye uhlangothi, abanye abantu bakuthola kunzima ukumelana nezinsuku ngaphandle kwamazwi Ami ukuba abaqondise futhi abasekele, ngakho ngokwemvelo babambelela emazwini Ami ngaso sonke isikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi, bathole imfihlo yempilo yomuntu, isiphetho sesintu, kanye nokubaluleka kokuba ngumuntu. Isintu asikho ngaphezu kokuba khona kwezwi Lami, nokuthi ngokwami ngivumela zonke izindaba zihambe ibanga lazo. Angenzi lutho oluphoqelela umuntu ukuba aphile ngokwamazwi Ami njengesisekelo sokubakhona kwakhe. Futhi labo abangenanembeza noma ukubaluleka kokuba khona kwabo baqaphela buthule indlela izinto ezihamba ngayo bese ngeqholo bashaya indiva amazwi Ami futhi bese bezenzela njengokuthanda kwabo. Baqala ukukhathala ngeqiniso kanye nakho konke okuphuma Kimi. Ngaphezu kwalokho, bayakhathale ukuhlala endlini Yami. Laba bantu bahlezi endlini Yami okwesikhashana ngenxa yesiphetho sabo nokubaleka isijeziso, noma ngabe bewenza umsebenzi. Kodwa izinhloso zabo kaziguquki, noma izenzo zabo. Lokhu kukhuthaza intshisekelo yabo ngezibusiso, nemvume yokudlula komuntu oyedwa engena embusweni lapho beyohlala khona inguna phakade, kanye nemvume yokudlula ungene ezulwini laphakade. Ngesikhathi belangazelela usuku Lwami ukuba lufike ngokushesha ngelinye ilanga, yingenkathi bezwa sengathi iqiniso seliyisikhubekiso, umgoqo obavimbe endleleni. Abasakwazi nokulinda ukubeka unyawo lwabo embusweni ukuze bajabulele izibusiso zaphakade zombuso wasezulwini, ngaphandle kokuba kudingeke ukuba balandele iqiniso noma bemukele isigwebo kanye nokujeziswa, futhi nangaphezu kwakho konke, ngaphandle kokuba kudingeke ukuba bahlale endlini Yami njengezikhonzi futhi benze njengalokhu ngibatshela. Laba bantu bangena endlini Yami hhayi ngoba bezogcwalisa inhliziyo yabo efuna iqiniso noma bezosebenzisana neziphathi-mandla Zami. Bahlose nje ukuba bangabi yingxenye yalabo abayobhujiswa esikhathini esizayo. Ngaleyondlela izinhliziyo zabo azizange zilazi iqiniso noma ukuthi lamukelwa kanjani iqiniso. Lesi yisizathu amadoda anje engakaze alenze iqiniso noma aqonde izinga elijulile lenkohlakala yawo, kepha behleli endlini yami “njengezikhonzi” kuze kube sekugcineni. Bayalinda “ngokubekezela” ukufika kosuku Lwami, futhi abakhathali njengoba beshona le nale ngenxa yomsebenzi Wami. Noma ngabe bazama kangakanani noma bangakhokha inani elingakanani, akekho oyobona ukuthi balihluphekele iqiniso noma bazidela ngaMi. Ezinhliziyweni zabo, abakwazi ukulinda usuku lapho ngiyoqeda ngenkathi yakudala, Ngaphezu kwalokho, banxanele ukwazi ukuthi angakanani amandla kanye namagunya Ami. Lokho abangakaze bazihluphe ukuphuthuma ukukwenza, ukuziguqula nolulandela iqiniso. Bathanda lokho osekungikhathazile kanti bakhathele yilokho engikuthandayo. Balangazelela lokhu engikuzondayo, ngesikhathi esifanayo besaba ukulahlekelwa yilokho engikuzondayo. Bahlala kulo mhlaba omubi kodwa abakaze babe nenzondo yawo futhi bayesaba kakhulu ukuthi uzobhujiswa Yimi. Izinhloso zabo ziyangqubuzana: Bajatshuliswa yilelizwe engilizondayo, kodwa ngesikhathi esifanayo bebe belangazelela ukuba ngisheshe ngilibhubhisi lelizwe. Ngaleyo ndlela, bayosinda ekuhluphekeni kokubhujiswa ebese beguqulwa babe amakhosi enkathi ezayo ngaphambi kokuthi bagudluke endleleni yeqiniso. Lokhu kungenxa yokuthi abalithandi iqiniso futhi bakhathele yikho konke okuvela Kimi. Mhlawumbe bayoba “ngabanye abalalelayo” okwesikhashana ngenhloso yokungalahlekelwa izibusiso, kodwa lomqondo wabo wokunxanela isibusiso kanye nokwesaba ukubhubha nokungena echibini elivuthayo lomlilo akusoze kwabasithekela. Njengalokhu usuku Lwami lusondela, intshisekelo yabo kancane kancane iya ngokuqina. Njengalokhu inhlekelele inkulu, yingesikhathi ibenza bazizwe bengenasizo, bengazi nokuthi kumele baqale kuphi ukuNgenza Ngijabule futhi bagweme ukulahlekelwa izibusiso lezo abebekade bezilangazelela. Lapho siqala isandla sami ukwenza umsebenzi waso, lamadoda ashisekela ukwenza okuthile njengabahamba phambili. Bacabanga ukuyaphambili emgqeni wokuqala webutho empini ngoba bethuthumela ukuthi kungenzenka ngingababoni. Benza futhi basho lokho abacabanga ukuthi kulungile, bengazi ukuthi ukwenza nezenzo zabo akukaze kuhambisane neqiniso, futhi bekumane kuphazamisa futhi kugxambukela ezinhlelweni Zami. Noma ngabe bebefake umfutho omkhulu futhi beneqiniso ezifisweni zabo nezinhloso zokubekezelela ubunzima, konke lokho abakwenzayo akusho lutho Kimina, ngoba angikaze ngibone ukuthi izenzo zabo zisuka ezinhlosweni ezinhle, futhi kukancane kabi ngibona bebeka utho ealtare Yami. Zinjalo izenzo zabo phambi Kwami kuleminyaka eminingi.
Ekuqaleni nganginesifiso sokukunikeza amaqiniso amaningi, kodwa njengokubona ukuthi umcabango wakho ngeqiniso uyabanda kakhulu futhi unokungakhathaleli, ngivele ngadikibala. Angifisi imizamo Yami imosheke, noma ngibone abantu bebambelela emazwini Ami kodwa zonke izindawo benza lokho okuNgiphikayo, beNgihlambalaza, futhi beNgithuka ngenhlamba. Ngenxa yesimo somqondo wakho kanye nobuntu bakho, ngimane ngikulethela ingxenye encane yamazwi asemqoka kakhulu kuwe njengesivivinyo Sami phakathi kwesintu. Yimanje kuphela lapho ngiqinisekisa ukuthi izinqumo nezinhlelo engizenzile ziyahambisana nokudingayo, futhi phezu kwalokho, ngiyaqinisekisa ukuthi umqondo eNgibheka ngawo isintu ulungile. Iminyaka eminingi yezenzo phambi Kwami inginike impendulo engingakaze ngiyithole ngaphambili. Futhi umbuzo kulempendulo uthi: “Uyini umqondo womuntu ngaphambi kweqiniso noNkulunkulu weqiniso na?” Imizamo engiyichithe ngomuntu, ifakazela ubukhona bokumthanda Kwami umuntu, nezenzo nokwenza komuntu phambi kobuso Bami, kufakazele ubukhona bokuzonda iqiniso nokumelana Nami komuntu. Ngaso sonke isikhathi ngikhathalela bonke abangilandelayo, kodwa asikho isikhathi lapho labo abangilandelayo bekwazi ukwemukela izwi Lami; behluleke bancama ukwemukela ngisho iziphakamiso ezivela Kimi. Yikho okungidumaza kakhulu kunakho konke. Akekho namunye okwazi ukuNgiqonda, nangaphezu kwalokho, akekho namunye okwazi ukuNgemukela, ngisho ngabe umqondo wami ngabo uneqiniso namazwi Ami amnene. Bonke benza umsebenzi abawunikeze Yimi ngokuhambisana nezinhloso zabo zasekuqaleni; abafuni nemicabango Yami, kukancane kakhulu lapho bebuza izicelo Zami. Basazitshela ukuthi bangisebenzela ngokukholeka, kodwa bebe bengivukela. Abaningi bakholelwa ukuthi amaqiniso angemukeleki kubo noma lawo abangeke bawenze akuwona amaqiniso. Kulamadoda anje, amaqiniso Ami aphenduka abe yinto yokuphikwa futhi ishaywe indiva inganakwa. Ngesikhathi esifanayo, ngibe sengiphenduka lowo otuswa ngumuntu ngomlomo njengoNkulunkulu, kodwa ngibuye ngithathwe njengomgxambukeli ongelona iqiniso, indlela, noma ukuphila. Akekho olaziyo leli qiniso: Amazwi Ami aliqiniso elingasose laguquka naphakade. Yimina enginikeza impilo yomuntu futhi Yimi kuphela oqondisa isintu. Ubumqoka kanye nencazelo yamazwi Ami akuncikile ekutheni, ngabe ayemukelela noma ayemukelwa yisintu, kodwa ngokuqiniseka kwamazwi Ami uqobo. Noma ngabe akukho namunye umuntu kulomhlaba ongawemukela amazwi Ami, isisindo samazwi Ami kanye nosizo lwawo esintwini awasoze alinganiswa muntu. Ngakho-ke, uma ubhekene nabantu abaningi abangivukelayo, abangiphikayo, noma labo abawedelelayo amazwi Ami, Isinqumo sami sithi: Yekela isikhathi kanye namaqiniso abe ngofakazi Bami futhi ukhombise ukuthi amazwi Ami aliqiniso, indlela kanye nokuphila. Wayeke akhombise ukuthi konke engikushilo kulungile, nokuthi ayilokho umuntu okumele agcwaliswe yikho, kanye, nangaphezu kwalokho, lokho umuntu okumele akwemukele. Ngiyovumela bonke labo abangilandelayo bazi leliphuzu: Labo abangakwazi ukwemukela amazwi Ami ngokugcwele, labo abangakwazi ukwenza amazwi Ami, labo abangayitholi inhloso yamazwi Ami, kanye nalabo abangayitholi insindiso ngamazwi Ami, yilabo abahlulelwe ngamazwi Ami, futhi, ngaphezu kwalokho, balahlekelwe yinsindiso Yami kanti nentonga Yami ayisoze yasuka kubo.
Mbasa 16, 2003
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA

Awekho amazwana:

Thumela amazwana