12/26/16

Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumelela UNkulunkulu

Umuntu abelokhu ephila ngaphansi kwefu lamandla obumnyama, eboshiwe engakhululiwe emandleni kaSathane. Futhi isimo somuntu, emuva kokuqhutsheziswa uSathane, ukhohlakala kakhulu. Ngamanye amazwi, umuntu uqhubeka nokuphila nenkohlakalo yesimo sobusathane, engakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Ngakho, uma umuntu efisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele aqedwe ukuzitshela ukuthi ungolungileyo ngokwakhe, ukuzibona ebalulekile ngokwakhe, ukudelela, ukuphakama, kanye nalokho okungokwesimo sikaSathane. Ngaphandle kwalokho, uthando lomuntu luwuthando olungacolisisekanga, futhi olungeke lugunyazwe uNkulunkulu. Uma umuntu engalungisiwe ngokuqondile, kubhekanwe naye, ahlukaniswe, ahlungwe, aqondiswe, athotshiswe, noma acolisiswe uMoya Oyingcwele, ngeke aze akwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso.


Uma uthi ingxenye yendlela oziphatha ngayo imele uNkulunkulu okwenze ukuthi ukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso, bese kuba nguwe okhuluma amagama endelelo futhi uwumuntu oyisiwula. Abantu abanjalo bayizingelosikazi! Isimo somuntu semvelo azalwa naso ngeke sikwazi ukumela uNkulunkulu ngokuqondile. Umuntu kumele asikhiphe ngokulungiswa uNkulunkulu, bese anakekela futhi anelise intando kaNkulunkulu futhi adlule emsebenzini kaMoya Oyingcwele, ngaphambi kokugunyazwa uNkulunkulu. Akekho umuntu ophila enyameni ongakwazi ukumela uNkulunkulu ngokuqondile ngaphandle kokuba abe umuntu osetshenziswa uMoya Oyingcwele. Nokho, isimo somuntu onjalo kanye nendlela aphila ngayo kungethiwe kumele uNkulunkulu ngokugcwele; kungathiwa nje indlela aphila ngayo ilawulwa uMoya Oyingcwele. Isimilo salowo muntu ngeke sikwazi ukumela uNkulunkulu.
Yize isimo somuntu sigcotshwa uNkulunkulu - lokhu akuphikiseki futhi kungathathwa njengento enhle - kuqhutshezelwe uSathane. Yingakho isimilo somuntu siyisimo sikaSathane. Umuntu angase athi uNkulunkulu, ngokwesimilo, uwuqonda emsebenzini Wakhe, futhi naye uziphatha ngale ndlela; naye unalolu hlobo lwesimo, futhi uthi isimo sakhe simele uNkulunkulu. Ngabe uhlobo luni lomuntu lolu? Ngabe isimo sobusathane senkohlakalo singakwazi ukumela uNkulunkulu?
Noma ubani othi isimo sakhe simele uNkulunkulu udelela uNkulunkulu, futhi wethuka uMoya Oyingcwele! Uma kubhekwa indlela uMoya Oyingcwele asebenza ngayo, umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ngowokunqoba kuphela, ngakho isimilo esiningi sobusathane senkohlakalo sabantu kumele sihlanzwe. Indlela umuntu aphila ngayo isewumfanekiso kaSathane. Ngabe ukulunga komuntu kumele izenzo zenyama yomuntu. Empeleni, kumele uSathane futhi ngeke kukwazi nhlobo ukumela uNkulunkulu. Yize noma umuntu evele esemthanda uNkulunkulu kangangokuba ukwazi ukuthokozela izulu kancane esemhlabeni, ukwazi ukwenza izitatimende ezinjengezithi: “Nkulunkulu! angikwazi ukukuthanda ngokwanele," futhi sefinyelele esicongweni, ungesho ukuthi uphila ubuNkulunkulu noma umele uNkulunkulu ngoba imvelo yomuntu ayifani nekaNkulunkulu. Umuntu angephile ubuNkulunkulu, njengoba engeke akwazi ukuba wuNkulunkulu. Indlela umuntu aphila ngayo imele uMoya Oyingcwele ngokwalokho uNkulunkulu akudinga kubantu.
Zonke izenzo kanye nemisebenzi kaSathane ibonakaliswa ngomuntu. Manje zonke izenzo nemisebenzi yomuntu ibonakalisa uSathane ngakho ingemele uNkulunkulu. Umuntu weyame kuSathane, futhi isimo somuntu asimele isimo sikaNkulunkulu. Abanye abantu banesimo esihle; uNkulunkulu angase enze umsebenzi othile ngaso futhi umsebenzi wabo ulawulwe uMoya Oyingcwele, kube isimo sabo esingeke sikwazi ukumela uNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu kubo usebenza futhi wandisa lokho osekukhona ngaphakathi kubo. Kungaba abaphrofethi bakudala noma abantu abasetshenziswa uNkulunkulu, akukho okumela Yena ngqo. Bonke abantu bagcina sebethanda uNkulunkulu ngaphansi kokucindezelwa yilokho okubazungezile, futhi akekho olangazelela ukwenza okufunekayo ngokwempoqo. Yini elungile? Konke okuvela kuNkulunkulu kulungile. Nokho, isimo somuntu siqhutshezelwe uSathane futhi asinakummela uNkulunkulu. Uthando kuphela, ukuvuma ukuhlupheka, ukulunga, ukuthoba, ukuzehlisa, kanye nobumfihlo yobuNkulunkulu ngqo kumele uNkulunkulu. Lokhu kudalwa wukuthi ngenkathi Efika, Wayengenasono ngokwemvelo futhi wavela ngokuqondile kuNkulunkulu; Akalethwanga uSathane. UJesu kuphela ongekho esesimweni senyama sokona futhi akamele isono; ngakho, izenzo Zakhe, imisebenzi kanye namazwi, kuze kube yisikhathi sokufeza umsebenzi Wakhe ngokubethelwa esiphambanweni (okubandakanya ukubethelwa esiphambanweni) konke kumelela uNkulunkulu ngokuqondile. Lesi simo sikaJesu sanele ukuze sifakazele ukuthi noma omuphi umuntu onesono ngeke akwazi ukumelela uNkulunkulu, futhi isono somuntu simelela uSathane. Lokhu kusho ukuthi, isono asimeleli uNkulunkulu futhi uNkulunkulu akanasono. Ngisho nomsebenzi awenza emntwini ngoMoya Oyingcwele ungathathwa ngokuthi ulawulwe uMoya Oyingcwele futhi kuthiwe wenziwa umuntu enzela uNkulunkulu. Ngokomuntu, akusona isono sakhe noma isimo okumelela uNkulunkulu. Ukubheka umsebenzi owenziwe kumuntu ngoMoya Oyingcwele namuhla futhi ngaphambilini, okuningi kwenziwa uMoya Oyingcwele. Yilokhu okwenze abantu baba nokuphila. Nokho, lolu uhlangothi olulodwa, futhi bambalwa kakhulu abaphila ngeqiniso ngemva kokulungiswa nokuqondiswa uMoya Oyingcwele. Lokhu kusho ukuthi, umsebenzi kaMoya Oyingcwele kuphela okhona futhi ukubambisana phakathi kwawo nomuntu akukho. Ingabe ukubona ngokucacile lokhu manje? Ngakho-ke, kumele wenzeni ukuze usebenze ngokuzimisela noMoya Oyingcwele, futhi ngokwenza njalo, ugcwalise umsebenzi wakho?
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA
Facebook

Awekho amazwana:

Thumela amazwana