12/24/16

Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu

Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqondisisa iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala loku ukuthi abantu abafuni ukuzimisela, Elinye iphuzu ukuthi umuntu akazimisele ukukhokha inani, nokuthi enye imbangela yaloku ukuthi ukuhlakanipha kwabantu akuphelele, akakwazi ukubuka izinkinga angahlangabezana nazo ezikhona empilweni ngeso elidlulayo futhi akakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele.


 Njengalokhu umuntu enesipiliyoni esincane, ulwazi olulinganiselwe kanye nokuqonda okungaphelele kweqiniso, akakwazi ukuxazulula ubunzima ahlangabezana nabo emplilweni. Ukwazi kuphela ukukhuluma ngezindebe zomlomo ngokholo lwakhe kuNkulunkulu, kepha akakwazi ukwenza uNkulunkulu ingxenye yempilo yakhe yansuku zonke. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu unguNkulunkulu, nempilo iyimpilo, kube sengathi umuntu akana budlelwano noNkulunkulu empilweni yakhe lokhu abantu abakholelwa yikho Lendlela yokukholwa uNkulunkulu yenza umuntu angazuzeki uNkulunkulu aphinde alungisisiswe Nguye ngokuqinisileyo. .Empeleni, akusikho ukuthi izwi likaNkulunkulu aliphelele, kodwa kunalokho ukungakwazi komuntu ukwemukela izwi Lakhe ngokwanele. Singakusho ngokuphelele ukuthi cishe akekho umuntu okwazi ukwenza njengalokhu ayedaliwe uNkulunkulu owenza njengalokhu kwasekuqaleni uNkulunkulu ayedinga akwenze. Kunalokho, ukholo lwabo ngoNkulunkulu luya njengezinhloso zabo, ngokwemibono yabo yezenkolo abaziqambele yona, kanye namasiko. Bayingcosana labo abadlula ekuguqukeni kulandela ukwemukela kwabo izwi likaNkulunkulu bese benza njengokwentando Yakhe. Kunalokho, bayaqhubeka nalokho okuphambeneyo okungukweduka abakholwa yikho. Uma abantu sebeqala ukukholelwa kuNkulunkulu, bakwenza lokhu ngokulandela imigomo yemithetho ejwayelekile yenkolo, futhi baphile baphilisane nabanye ngokuphelele ngendlela abuka ngayo impilo. Sinjalo isimo sabantu abayisishiyagalo lunye kwabayishumi…. Bambalwa labo abasungula amanye amaqhinga nabashintsha impilo yabo ngemuva kokuqala ukukholelwa kuNkulunkulu. Akekho noyedwa okunakayo noma enze izwi likaNkulunkulu njengeqiniso.
Ake sithathe ukholo lukaJesu silwenze isibonelo. Noma ngabe umuntu emusha okholweni noma ngabe usenisikhathi eside ekholwa, konke kubekwe ngokulula nje ukusebenzisa noma yimaphi amathalente ababenawo nokukhombisa noma yimaphi amakhono abanawo. Abantu banezelela “Ukukholwa kuNkulunkulu,” lamagama amabili nje, ezimpilweni zabo asejwayelekile, kepha bengenzi zinguquko ezimweni zabo, kanti nokholo lwabo kuNkulunkulu alukhulanga nakancane. Intshisekelo yomuntu ayizange yashisa noma yabanda. Akazange asho ukuthi akakholwa, kepha futhi akazinikelanga ngokuphelele kuNkulunkulu. Akazange amthande uNkulunkulu ngeqiniso noma amhloniphe uNkulunkulu. Ukholo lwakhe ngoNkulunkulu lwalungolu-mbaxambili luqinisekile kodwa futhi kungazenzele lona yena, nokuthi washaya sengathi akaboni kanye nokuthi akazange alwenze ukholo lwakhe lube ngolushisekelayo. Waqhubeka ekulesosimo sokudideka kusukela ekuqaleni kwaze kwafika isikhathi sokufa kwakhe.. Kusho ukuthini lokhu? Namuhla, kumele uzibeke emgudwini oyiwo njengalokhu ukholelwa kuNkulunkulu weqiniso. Ukukholelwa kwakho kuNkulunkulu makungabi okokufuna izibusiso nje zodwa, kodwa ukufune nokumthanda nokumazi uNkulunkulu. Ngokukhanyiselwa Nguye kanye nokufuna kwakho, ungadla futhi uphuze izwi Lakhe, yandisa ukumqondisisa uNkulunkulu ngeqiniso, futhi ubenothando lukaNkulunkulu lweqiniso olusuka enhliziyweni yakho. Ngamanye amazwi, uthando lwakho lukaNkulunkulu lungolukholekile ngokweqiniso, ukuze angabikhona ongalucekela phansi noma ame endleleni yothando lwakho Ngaye. Ngalokho usendleleni eyiyo yokukholwa uNkulunkulu. Lokhu kuyisiqinisekiso sokuthi usungoka Nkulunkulu, ngokuba inhliziyo yakho seyithathwe nguNkulunkulu wayenza eYakhe nokuthi angeke usathatheka ngezinye izinto. Ngokolwazi lwakho, inani olikhokhayo, nomsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukukhulisa uthando lwakho lukaNkulunkulu olungena mkhawuko. Ngalokho ukhululekile ekuqhutshweni nguSathane usuphila ekukhanyeni kwezwi likaNkulunkulu. Ukuphela uma usukhululwe ngokupheleleyo ekuqhutshweni ubumnyama ungathathwa ngokuthi usumzuzile uNkulunkulu. Ekukholweni kwakho uNkulunkulu, kumele kube iyona njongo mgomo yakho lena. Lokhu kungumsebenzi womunye nomunye wenu. Akekho oyedwa wenu okumele azithambise njengoba izinto zinjengoba zinje. Awukwazi ukuba nemiqondo emibili ngomsebenzi kaNkulunkulu noma uwuthathe kalula nje. Kumele ucabange ngoNkulunkulu ngayo yonke indlela kanye nangaso sonke isikhathi, nokuthi wenze zonke izinto ngenxa Yakhe. Uma ukhuluma noma wenza izinto, kumele ubeke intando lwendlu kaNkulunkulu phambili. Yilokhu kuphela okuvumelana nentando kaNkulunkulu.
Iphutha elikhulu elenziwa ngumuntu okholwa nguNkulunkulu ukuthi ukholo lwakhe lungamagama kuphela, futhi uNkulunkulu akekho ezenzweni zempilo yakhe yansuku zonke. Bonke abantu, bayakholwa ngempela, ukuthi uNkulunkulu akayona ingxenye yezinsuku zabo. Miningi imithandazo eya kuNkulunkulu enengxenye encane ezinhliziyweni zabo, ngalokho uNkulunkulu uyamvivinya umuntu ephinda phinda. Njengalokhu umuntu engekho msulwa, uNkulunkulu akanakho okunye angakwenza kodwa ukuba amvivinye umuntu, ukuze umuntu azisole afinyelele ekumazini uNkulunkulu ngazo izivivinyo. Ngale kwalokho, abantu bonke bayoba ngabantwana bengelosi enkulu, bese beba ngabagcwele inkohlakalo kakhulu.
Ngokuqhubeka komuntu ekholwa uNkulunkulu, izinhloso zomuntu eziningi kanye nalokho azifunela khona ngokwakhe kubekwa eceleni njengalokhu usuke eqhubeka ehlanzwa. Ngale kwaloko akekho umuntu ongasetshenziswa uNkulunkulu, Uyena ohlanza umuntu kuqala. Ngeskhathi kuqhubeka loku kwenzeka, umuntu angakwazi ukufinyelela ekutheni azazi yena kanti noNkulunkulu angakwazi ukumshintsha umuntu, nokuthi uNkulunkulu akanayo indlela yokwenza kumuntu umsebenzi okufanele. Yingemuva kwalokho lapho uNkulunkulu engakwazi ukwenza umsebenzi empilweni yomuntu; futhi kungalendlela kuphela inhliziyo yomuntu engaguquka ngayo ibheke kuNkulunkulu ngokupheleleyo. Ngakho-ke, ukukholwa uNkulunkulu akusiyo into elula njengoba abantu abaningi besho. Ngokubuka kukaNkulunkulu, uma uzoba nolwazi kodwa ungabi nezwi Lakhe elingukuphila: uma uzoncika kolwakho ulwazi kodwa ungazifundisi ukwenza iqiniso noma uphile ngokwezwi likaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi ke awunayo inhliziyo enothando ngoNkulunkulu, nokuthi kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikabi ngekaNkulunkulu. Ukufinyelela ekumazini uNkulunkulu ngokuba ukholwe Nguye; loku kuwumgomo wokugcina ekumele umuntu nomuntu awufune. Kumele uzinikele ngomfutho ukuba uphile ngokwamazwi kaNkulunkulu ukuze akwazi ukufezeka ezenzweni zakho. Uma unolwazi lofundiso kuphela, ukholo lwakho kuNkulunkulu luyofana noluyize. Yikuphela uma ubuye wenze futhi uphile izwi likaNkulunkulu lapho ukholo lwakho luyothathwa njengoluphelele futhi uiyohambisana nentando kaNkulunkulu. Kulendlela, abantu abaningi bangakhuluma ngolwazi oluningi, kodwa ngesikhathi sokufa kwabo, amehlo abo ayogcwala izinyembezi, futhi bayozizonda ngokuba bechithe isikhathi sabo sokuphila nokuthi baphilele ize ebudaleni babo. Babenolwazi lokuqondisisa kuphela kodwa ababanganalo ithuba lokudumisa uNkulunkulu. Bachithe izimpilo zabo zonke belwa futhi behla benyuka, kepha ngehora lokufa, babe nokudumala ezinhliziyweni zabo. Kungehora lokufa kuphela lapho abaningi beyobuyela ezinqondweni zabo futhi babone incazelo yempilo. Uthi sizobe singakabadluli nje isikhathi? Kungani ungathathi usuku futhi ufune iqiniso leli olithandayo? Kungani uzolinda kuze kube kusasa? Uma empilweni yakho ungazange uhluphekele iqiniso noma ufune ukulizuza, kungenzeka ukuthi ufuna ukuzisola ngehora lakho lokugcina? Uma kunjalo, kungani-ke ukholelwa kuNkulunkulu? Eqinisweni, kunezikhathi eziningi lapho umuntu, uma enza imizamo yokuzinikela okuncane, ukuhlanganisa iqiniso kanye nezenzo futhi ngaleyondlela anelise uNkulunkulu. Inhliziyo yomuntu ngaso sonke isikhathi ihlale igutshezelwe ngamadimoni futhi ngakho angeke enze lutho ngokuka Nkulunkulu. Kunalokho, njalo wehla enyuka ebheka okwenyama, angabuyelwa yilutho ekugcineni. Kungalezi zizathu ukuthi umuntu ehlala esezinkingeni nasebuhlungwini. Ingabe lezi akuzona izinhlupho zikaSathane? Ingabe lokhu akukhona ukukhohlakala kwenyama? Akume ukwenza uNkulunkulu isilima umukhonze ngomlomo kuphela. Kunalokho, kumele uthathe izinyathelo ezibonakalayo. Ungazikhohlisi wena uqobo; ingabe lokhu kusho ukuthini? Yini ongayizuza ngokuphilela inyama yakho nokusebenzela udumo kanye nengcebo?
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA 

Awekho amazwana:

Thumela amazwana