Kunemfisayo enhliziyweni yakho. Angeke uyazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenakho ukukhanya. Inhliziyo yakho kanye nomoya wakho kwathathwa ngomubi. Amehlo akho agutshazelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivalekilwe ngamazwi enkohliso futhi awulizwa iphimbo likaJehova elibhongayo, noma umsindo wamanzi agelezayo evela esihlalweni sobukhosi. Usulahlekelwe yikho konke lokho obekumele kube ngokwakho kanye nakho konke uMninimandla Onke abezehlisele phezu kwakho.
Usungene olwandle lwentukuthelo engenamkhawuko, kungekho namandla okuhlengwa, kungenathemba lokusinda, usilelwe kuphela ukuzabalaza nokutatazela uye le nale.… Kusukela ngaleso sikhathi, uneshwa lokuba uhlushwe ngomubi, ugcinwe le kude nezibusiso zikaMninimandla Onke, ungena kufinyelela ezidingweni zikaMninimandla Onke, bese uqala indlela engena kubuyela emuva. Ukumenyezwa okuyisigidi angeke kusakwazi ukuvusa inhliziyo yakho nomoya wakho. Ulala ubuthongo obude ezandleni zomubi, osekuyengele embusweni ongapheliyo, kungekho nkombandlela, kungekho nezimpawu zomgwaqo. Kusukela manje, usulahlekelwe ubungcwele bakuqala, ubumsulwa, kanye nokuthi usuqale ukuzifihla ekunakekelweni kukaMninimandla Onke. Omubi ugoqoza inhliziyo yakho kuyo yonke indaba nokuthi useyimpilo yakho. Awusamesabi, awusamgwemi, awusamngabazi. Kunalokho, sewumthatha njengoNkulunkulu osenhliziyweni yakho. Usuyaqala ukumenza igugu, udumisa yena, awusahlukani naye njengesithunzi sakhe, kanye nokuthi sewuzibophezele ngokuvumelana omunye komunye ekuphileni nasekufeni. Awunalwazi nhlobo ukuthi uvelaphi, kungani ukhona, noma kungani ufa. Ubheka uMninimandla Onke njengesihambi; awuyazi nemvelaphi Yakhe, kungasaphathwa konke lokho Yena asekwenzele khona. Konke okuvela Kuye sekuyazondeka kuwe. Awukwazisi noma wazi inani lakho. Uhambisana nomubi, kusukela ngosuku waqala ukuthola ukunikezelwa okuvela kuMninimandla Onke. Wena kanye nomubi nihamba iminyaka eyizinkulungwane yezishingishane nezichotho. Ngokuhlanganyela naye, nimelene noNkulunkulu, oyisiqalo sempilo yakho. Awuphenduki, ingasaphathwa eyokuthi uyazi ukuthi sewufike esigabeni sokushabalala kwakho. Uyakhohlwa ukuthi omubi usekulingile, wakuzwisa ubuhlungu; usukhohlwe nayi mvelaphi yakho. Kanjalo nje, omubi ubekulimaza kancane kancane, ngisho namanje. Inhliziyo yakho nomoya wakho awusenamuzwa futhi usubolile. Awusakhalazi manje ngezinhlupheko zasemhlabeni, awusakholelwa ekutheni umhlaba awunabulungiswa. Awusenandaba ngobukhona buka Mninimandla Onke. Lokhu kungenxa yokuba sewuthatha omubi njengobaba wakho weqiniso, nokuthi angeke usakwazi ukwehlukana naye. Lena yimfihlo esenhliziyweni yakho.
Njengoba sekuqala ukusa, inkanyezi yokusa iyaphuma empumalanga. Lena yinkanyezi engakaze ibekhona phambilini. Ikhanyisa isibhakabhaka esibenyezela njalo futhi yokhela ukukhanya obesekushabalele ezinhliziyweni zabantu. Abantu abasenaso isizungu, ngenxa yalokhu kukhanya, ukukhanya okukhanya phezu kwakho kanye nabanye abantu. Kodwa nguwe wedwa osalokhu ulele ebumnyameni basebusuku. Awukwazi ukuwuzwa lomsindo, noma ukubona ukukhanya, awukwazi nokuqaphela isaziso sokufika kwezulu elisha kanye nomhlaba omusha, isikhathi esisha. Ngoba ubaba wakho ukutshela ukuthi, “Mtanami, ungavuki, isikhathi sisekahle. Phandle kuyabanda, hlala endlini, kungenzeka inkemba nomkhonto ukuhlabe emehlweni.” Ukholelwa kuphela ezelulekweni zikayihlo, ngoba ukholelwa ukuthi ubaba wakho uqinisile njengoba ubaba wakho emdala kunawe, nokuthi ubaba ukuthanda ngeqiniso. Iseluleko esinjalo kanye nothando olunjalo lwenza ungabe usakholelwa enganekwaneni yokuthi kunokukhanya emhlabeni, ungabe usaba nendaba noma izwe lineqiniso. Awusakhathalele ukwethembela ekusindisweni nguMninimandla Onke. Uyasijabulela isimo esenzekayo njengoba sinjalo, awusenathemba lokuvela kokukhanya, kanye nokuthi awusabheki ngisho naphandle ulindele ukubuya kukaMninimandla Onke wasemandulo. Emehlweni akho, konke lokho okuhle angeke kusavuseleleka, noma kuqhubeke kube khona. Emehlweni akho, ikusasa nengomuso lesintu liyashabalala futhi lifiphale. Ubambelela uqinise ezingutsheni zikababa wakho, uzimisele ngokuhlupheka nindawonye, wesaba ukulahlekelwa umlingani wakho ohambisana naye kanye nokulahlekelwa yindlela yohambo lwenu olude. Izwe elibanzi nomhlaba oluvindi selwenze iningi lwenu, nabambelela naqinisa nangokuzethemba ekubambeni amaqhaza ehlukene kulo mhlaba. Sekwakheke “amabutho amaningi” angakwesabi ukufa nhlobo. Ngaphezu kwalokho, sekwakheke inqwaba engasena muzwa kanye nabantu abakhubazekile, abaqondi ngenhloso yokuthi bazalelwa ini. Amehlo kaMninimandla Onke abheka nxazonke isintu esihlukumezeke kakhulu, ukuzwa ukuklewula kwabase nhluphekweni, ebona ukungazisoli kwalabo abasenhluphekweni, futhi ezwa nokungakwazi ukuzisiza kanye nokwesabela isintu esesilahlekelwe yinsindiso. Isintu senqaba ukunakekela Kwakhe, sihamba ngendlela yaso, futhi sibalekelana nokufuna amehlo Akhe. Sincamela ukunambitha konke okubaba kwasolwandle olujulile, ndawonye nesitha. Ukububula kukaMninimandla Onke angeke kusezwala. Izandla zika Mninimandla Onke azisavumi ukuthinta isintu esidangele. Uyawuphinda futhi umsebenzi Wakhe, ukubuyisa nokulahlekelwa, isikhathi nangokuphindiwe. Kusukela ngaleso sikhathi, Uyakhathala, futhi azizwe ekhathele, ebese ewuyekela umsebenzi esandleni Sakhe, futhi angabe esahamba phakathi kwabantu… Abantu bonke abanalwazi ngalezi zinguquko, abanalwazi ngokufika nokuhamba, ukudumala nokuphoxeka kuka Mninimandla Onke.
Konke lokhu kulo mhlaba kuyashintsha ngokushesha emicabangweni kaMninimandla Onke, phansi kwamehlo Akhe. Izinto isintu ezingakaze zizwe ngazo zingafika kungazelelwe. Kepha nokuthi, lokhu isintu okwakulokhu kungokwaso kungavele bengazanga kubalahlekele. Akukho namunye ongaqonda ukuthi ukuphi uMninimandla Onke, futhi ngaphezu kwalokho, akukho namunye ongakuzwa ukubabazeka kukaMoya Ongcwele kanye nobukhulu bamandla empilo kaMninimandla Onke. Ukubabazeka Kwakhe kusekutheni Yena ukwazi ukubona lokho abantu abangeke bakubone. Ubukhulu Bakhe busekutheni Yena ulahlwa kanjani ulahlwe yisintu kodwa ebe esindisa isintu. Uyayazi incazelo yokuphila nokufa. Ngaphezu kwalokho, Yena uyayazi imithetho yokuphila kwesintu, leso Yena asidala. Yena uyisisekelo sobukhona bomuntu kanye Nomsindisi wesintu ukuze asivuse futhi. Udicilela phansi izinhliziyo ezijabulile ngenhlupheko abuye akhuphulele phezulu izinhliziyo ezidabukile ngenjabulo. Konke lokhu kungumsebenzi Wakhe, kanye nesu Lakhe.
Isintu, esashiya ukulethelwa impilo evela kuMninimandla Onke, asazi ukuthi kungani sabakhona, kepha futhi sesaba ukufa. Akukho ukwesekeleka, alukho nosizo, kodwa isintu sisalokhu singabaza ukuvala amehlo aso, ukubekezelela konke, sizama ukukhipha impilo eyisinengiso kulo mhlaba emzimbeni ngaphandle kokuqonda ngemiphefumulo. Uphila kanjalo, awunathemba; naye uphila kanjalo, ngokungena nhloso. Ukhona Ongcwele Yedwa emlandweni oyofika ukusindisa labo ababubuliswa inhlupheko kanye nabakade belindele ukufika Kwakhe. Lokhu kukholelwa angeke kwenzeka kuze kube manje kubantu abangena ndaba. Nakuba kunjalo, abantu basalokhu belangazelela lokho namanje. UMninimandla Onke unomusa kulabo abahlupheke ngokweqile. Ngesikhathi esifanayo, Yena ukhathele yilabo bantu abangenakuqonda, ngoba Yena kumele alindele isikhathi eside impendulo evela kubantu. Ulangazelela ukufuna, ukufuna inhliziyo yakho nomoya wakho. Ufuna ukukunikeza ukudla namanzi kanye nokukuvusa, ngakho ungasomi, angalambi. Ngenkathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uMninimandla Onke, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini. Useceleni kwakho ukubhekile, elindele ukuthi ubuyele emuva. Ulindele usuku lapho ingqondo yakho ibuyela ikhumbula: ubuyelwe ukukhumbula iqiniso lokuthi wena wavela kuNkulunkulu, ngandlela thize nandawana thize wake walahleka, walahlekelwa ngumqondo endleleni, ebese futhi, ungazelele waba “nobaba.” Waphinde futhi wabona ukuthi uMninimandla Onke ubekade ebukela laphaya, elindele ukubuya kwakho sonke lesi sikhathi. Ukulindele esezinhlungwini, elindele ukuphendulwa ngale kokuthola impendulo. Ukubuka kwakhe akunalo inani futhi kungokwenhliziyo nomoya womuntu. Mhlambe lokhu kubheka akubekelwe sikhathi, futhi mhlambe lokhu kubheka kungenzeka sekufike ekugcineni. Kodwa kumele wazi ukuthi inhliziyo yakho nomoya wakho kukuphi kahlehle njengamanje.
Nhlaba 28, 2003ihlo emangal
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA
Awekho amazwana:
Thumela amazwana