2/7/17

Ukwazi uNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni uNkulunkulu Nokudeda Kokubi

Wonke umuntu kumele ahlole kabusha ukuphila kwakhe kokukholelwa kuNkulunkulu ukubheka ukuthi, ekulandeleni uNkulunkulu, uqondisisile ngeqiniso, nokuthi ufinyelelile ekumazini ngeqiniso uNkulunkulu, nokuthi ingabe ngokweqiniso uyasazi yini isimo somqondo sikaNkulunkulu ngezinhlobo ezahlukene zabantu, kanye nokuthi ngabe ngokweqiniso uyakuqondisisa yini lokho uNkulunkulu akwenza kuye nokuthi ingabe uNkulunkulu uzibheka kanjani zonke izenzo zakhe.
LoNkulunkulu, ohlale eseduze nawe, ekuqondisa endleleni yokuqhubeka kwakho, elungiselela isiphetho sakho, futhi egcwalisa izidingo zakho, kungakanani wena, uma sekuhlaziywa, okuqondisisayo futhi okwaziyo ngempela Ngaye? Ingabe uyakwazi lokho Akwenzayo kuwe zonke izinsuku na? Ingabe uyazazi izimiso nezinhloso lezo Yena asusela kuzo konke ukwenza Kwakhe na? Ingabe uyazi ukuthi Yena ukuqondisa kanjani na? Ingabe uyazazi izindlela Yena akunikeza ngazo na? Ingabe uyazazi izindlela Yena akuhola ngazo na? Ingabe uyakwazi lokho Yena afisa ukukuthola kuwe kanye nalokho Yena afisa ukukufeza kuwe na? Ingabe uyasazi isimo Sakhe asithathayo ngezindlela ezinhlobo-nhlobo owenza ngazo na? Ingabe uyazi noma ungumuntu othandwe Nguye na? Ingabe uyawazi umsuka wokuthokoza Kwakhe, intukuthelo, ukudangala kanye nenjabulo, imicabango nemibono engasemuva kwazo, kanye nengqikithi Yakhe na? Ekugcineni, ingabe uyazi ukuthi unhloboni loNkulunkulu okholelwa kuye na? Ingabe le mibuzo kanye neminye iwuhlobo lwento ongakaze uyiqondisise noma ucabange ngayo na? Ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, ingabe uke wathi, ngokwazisa ngempela nokuzwa amazwi kaNkulunkulu, wakususa futhi wakhanyisa ukungaqondi kwakho Ngaye? Ingabe ngemva kokwamukela ukuqondiswa uNkulunkulu nokujeziswa, wafinyelela ekuzithobeni kanye nokunakekela na? Ingabe uke, phakathi kokujeziswa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, wafinyelela ekwazini ukuvukela kanye nobusathane bemvelo yomuntu waphinde wazuza isijumpana nje sokuqondisisa ngobungcwele bukaNkulunkulu na? Ingabe uke, ngaphansi kokuqondiswa kanye nokukhanyiseleka ngamazwi kaNkulunkulu, waqala ukubheka ngenye indlela ukuphila na? Ingabe uke, phakathi kwezivivinyo ozithunyelelwe nguNkulunkulu, wakuzwa ukungakubekezeleli Kwakhe ukona komuntu kanjalo nokuthi yini lena Yena ayidingayo kuwe nokuthi ingabe ukusindise kanjani na? Uma ungazi nokuthi kuyini ukungamqondisisi uNkulunkulu, noma ukususa kanjani lokhu kungamqondisisi, umuntu angathi awukaze ungene ekuhlanganyeleni ebunyeni beqiniso noNkulunkulu futhi awukaze umqondisise uNkulunkulu, noma okungenani umuntu angathi awukaze ufise ukumqondisisa Yena. Uma ungazi ukuthi kuyini ukuqondiswa nokujeziswa nguNkulunkulu, kusho ukuthi ngokweqiniso awazi ukuthi kuyini ukuzithoba nokunakekela, noma okungenani awukaze uzithobe noma unakekele uNkulunkulu. Uma ungakaze ukuzwe ukujezisa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, ngakho ngokweqiniso ngeke wazi ukuthi buyini ubungcwele Bakhe, futhi uzoba nokungakhanyiseleki kakhulu, ngokuthi kuyini ubumbuka bomuntu. Uma ungakaze ngokweqiniso ube nokubheka ukuphila ngendlela enhle, noma inhloso elungile empilweni, kodwa selokhu usesimweni sokudideka nokungathathi sinqumo ngekusasa lendlela yakho empilweni, uze ufike esigabeni sokuba unqikaze ukuya phambili, kuyacaca ukuthi awukaze ukuthole ukukhanyiselwa nokuqondiswa kukaNkulunkulu, nokuthi umuntu angathi futhi, awukaze unikezwe noma uvuselelwe ngamazwi kaNkulunkulu. Uma ungakaze udlule ekuvivinyweni nguNkulunkulu, kusho ukuthi ngokuqinisekile angeke wazi ukungabekezeleli kukaNkulunkulu iziphambeko zomuntu, futhi ngeke uqondisise lokho ekugcineni uNkulunkulu akudingayo kuwe, futhi nakancane kakhulu, ngeke uqonde lokho, ekugcineni, okungumsebenzi Wakhe wokuphatha nokusindisa umuntu. Akukhathaleki ukuthi mingaki iminyaka umuntu ekholelwa kuNkulunkulu, uma engakaze azizwele noma azicabangele noma yini emazwini kaNkulunkulu, ngokweqiniso akahambi endleleni eqonde ensindisweni, ukholo lwakhe kuNkulunkulu ngokuqinisekile alujabulisi, ukwazi kwakhe uNkulunkulu nakho kuyize, futhi kuyacaca, ukuthi akazi lutho ngempela, ukuthi kuyini ukukhonza uNkulunkulu.

Izinto nobuyena bukaNkulunkulu, ingqikithi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu-konke sekwenziwe kwaziwa emazwini Akhe ngesintu. Lapho ezizwela yena amazwi kaNkulunkulu, umuntu kuyothi ngesikhathi ewenza noma ewagcwalisa, afike ekuqondisiseni injongo kaNkulunkulu esemazwini uNkulunkulu awakhulumayo. Futhi uyoqondisisa umthombo nesisusa samazwi kaNkulunkulu, futhi aqondisise aphinde athakasele umthelela ohloswe ngamazwi kaNkulunkulu. Kubantu, lezi yizo zonke izinto umuntu okumele azizwe, aziqonde futhi afinyelele kuzo, ukuze afinyelele eqinisweni nokuphila, afeze izinhloso zikaNkulunkulu, abe ngoguqukile isimweni sakhe, futhi akwazi ukuzithoba ebukhosini nakumalungiselelo kaNkulunkulu. Khona ngalesosikhathi umuntu ezizwela, eqonda, futhi, efinyelela kulezi zinto, kancane kancane uyobe esezuze ukuqondisisa uNkulunkulu, futhi ngalesosikhathi uyobe esezuze amazinga ehlukene Okumazi. Lokhu kuqondisisa nokwazi akuveli entweni ethile umuntu ayicabangile noma azenzele yona, kodwa kunalokho kuvela, kulokho akuthakaselayo, azizwelayo, akuzwayo, kanye nalokho akufakazelayo ngaphakathi kuye. Kuphela, kungemuva kokuthakasela, ukuzizwela, ukuzwa, kanye nokuzifakazela lezinto, lapho ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu luthola uhlonze; ulwazi kuphela lolo aluthole ngalesi sikhathi, olungoloqobo, oluyilo futhi oluqinisekile. Futhi lesimo-sokuthola ukuqondisisa okuyikhonakhona nolwazi lukaNkulunkulu ngokuthakasela, ngokuzizwela, ngokuzwa, nokufakazelana namazwi Akhe-yiyo kanye inhlanganyelo phakathi komuntu noNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lwenhlanganyelo, umuntu ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekubambeni izinhloso zikaNkulunkulu, ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekwazini izinto nobuyena bukaNkulunkulu, ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekwazini ingqikithi kaNkulunkulu, ufinyelela kancane kancane ekuqondisiseni nasekwazini isimo sikaNkulunkulu, ufika ekubeni nencazelo eyiyo kanye nesiqiniseko sangempela, ngeqiniso lokubusa kukaNkulunkulu ngaphezu kwakho konke okudaliwe. Futhi uzuza ukuqonda okunohlonze nolwazi ngobunjalo kanye nesikhundla sikaNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu uyaguquka, isinyathelo ngesinyathelo, imibono yakhe ngoNkulunkulu, angabe esamcabanga Yena esusela phezu kweze, noma azinikezele ezinsolweni anazo Ngaye, noma ukungamqondisisi Yena, noma ukumgxeka Yena, noma enze izahlulelo Ngaye, noma amngabaze Yena. Ngenxa yalokhu, umuntu uyoba nezinkulumo-mpikiswano ezimbalwa noNkulunkulu, uyoba nokuxabana okumbalwa noNkulunkulu, nokuthi uyokuba nezigameko ezimbalwa lapho eyovukela uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, ukunakekela komuntu nokuzithoba kuNkulunkulu kuyokhula kakhulu, kanti ukuhlonipha kwakhe okukhulu ehlonipha uNkulunkulu, kuyoba ngokoqobo futhi ngokujulilwe. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu ngeke nje kuphela athole iqiniso nokubhabhathiswa ekuphileni, kodwa ngesikhathi esifanayo uyobuye athole ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu akayukugcina nje ngokuguqulwa esimweni sakhe kuphela nokuthola insindiso, kodwa ngesikhathi esifanayo uyobuye alethe ukuhlonipha nokudumisa kweqiniso kwesidalwa esidaliwe sikwenza kuNkulunkulu. Ekubeni ekade enalolu hlobo lokuhlanganyela, ukholo lomuntu kuNkulunkulu angeke lusaba yinto engazeki, noma isethembiso esinikezwe ngezindebe zomlomo nje, hhayi ngeqiniso, noma uhlobo lokulandela okunobumpumputhe nokwenza izithixo. Ngalolu hlobo kuphela lokuhlanganyela ukuphila komuntu kuyokhula kufinyelele ekuvuthweni usuku nosuku, futhi yimanje kuphela lapho isimo sakhe siyoguquka ngokuhamba kwesikhathi, nokholo lwakhe kuNkulunkulu, kancane kancane luyodlula ekungaqondakalini kahle nasokholweni olungaqinisekile lube ukuzithoba ngeqiniso nokunakekela, luze lufinyelele ekuhlonipheni okukhulu okuyikho. Futhi umuntu uyobuye, ekufuneni uNkulunkulu, kancane kancane aqhubeke asuke esimweni sokuba ngoyethile, ongenzi lutho abe sesimweni sokukhuthala; uyothuthuka, ekubeni ngomunye okwenziwa kuye aye ekubeni ngothatha izinyathelo ezinhle; ngokuhlanganyela okuwulolu hlobo kuphela, umuntu uyofinyelela ekuqondisiseni ngeqiniso, nasekwazini uNkulunkulu ngeqiniso. Ngoba iningi labantu alikaze lingene ekuhlanganyeleni kweqiniso noNkulunkulu, ulwazi lwabo ngoNkulunkulu luma esigabeni sokucabanga, esigabeni sezincwadi nezimfundiso. Okungukuthi abantu abaningi, kungakhathaleki ukuthi mingaki iminyaka bekholelwa kuNkulunkulu, basekude kakhulu ekumazini uNkulunkulu basame endaweni lapho babekhona besaqala, babishe esisekelweni sezinqubo zakudala zokukhonza, nobuyephuyephu bazo bemibala yasemandulo nezinkolelo-ze eseziphelelwe yisikhathi. Ukuthi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu, lubhajwe ekuqaleni kwalo, kuchaza ukuthi lufana nolungekho nje. Ngaphandle kokuqinisekisa komuntu ngesikhundla nobuyena bukaNkulunkulu ukholo lomuntu kuNkulunkulu lusalokhu lusesimweni sokuba yindida engaqondakali. Lokhu njengoba kunjalo, umuntu angaba nokudumisa uNkulunkulu okungakanani?

Akukhathaleki noma luqine kangakanani ukholo lwakho ebukhoneni Bakhe, lokhu angeke kwathatha indawo yolwazi lwakho ngoNkulunkulu, noma inhlonipho yakho ngoNkulunkulu. Akukhathaleki noma uzijabulele kanjani izibusiso Zakhe nomusa Wakhe, lokhu akusoze kwathatha indawo yolwazi lwakho lukaNkulunkulu. Akukhathaleki noma uzimisele kanjani ukungcwelisa konke okwakho futhi ukhiphe konke ngenxa Yakhe, lokhu ngeke kuyithathe indawo yolwazi lwakho ngoNkulunkulu. Noma mhlawumbe usuwejwayele kakhulu amazwi Akhe awakhulumile kuze kube usuwazi ngenhliziyo futhi usungawaqala ngasekugcineni; noma ngabe kunjalo, lokhu akusoze kwathatha indawo yolwazi lwakho lukaNkulunkulu. Noma ngabe umuntu uzimisele kanjani ukulandela uNkulunkulu, uma engakaze abe nokuhlanganyela okuyikho noNkulunkulu, noma abe nolwazi lwamazwi kaNkulunkulu, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu luyoba ngolungekho ngaphezulu kwento engelutho noma iphupho lasemini elingapheliyo; ngenxa yalokho okungenzeka ube nawo “amahlombe acoliwe” noNkulunkulu ezedlulela, noma uhlangane Naye ubuso nobuso, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu luyoqhubeka kule yinto engenalutho, nokuthi ukuba semqoka kwakho kuNkulunkulu akukho nje ngaphezu kwesiqubulo esingena lutho noma umbono nje ongathi shu.

Abantu abaningi babambelela ekufundeni emazwini kaNkulunkulu usuku nosuku, baze bafike ezingeni lokuzibophezela ngokucophelela ukukhumbula izigatshana ezikhona lapho ngokugcwele njengezinto zabo okungezabo ezibizayo, nokuthi ngaphezu kwalokho bashumayele ngamazwi kaNkulunkulu yonke indawo, banikeze futhi basize nabanye njengendlela yamazwi Akhe. Bacabanga ukuthi ukwenza lokhu kungukuveza ubufakazi kuNkulunkulu, ukuveza ukufakazela amazwi kaNkulunkulu, ukuthi ukwenza lokhu kungukulandela indlela kaNkulunkulu; bacabanga ukuthi ukwenza lokho kungukuphila ngamazwi kaNkulunkulu, ukuthi ukwenza lokho kungukuletha amazwi Akhe ekuphileni kwabo kwangempela, ukuthi ukwenza lokhu kuyobenza bakwazi ukuthola ukunconywa nguNkulunkulu, nokuthi basindiswe futhi bapheleliswe. Kodwa, ngisho sebeshumayela amazwi kaNkulunkulu, abahambisani namazwi kaNkulunkulu ngokwenza, noma bazame ukuzifaka bona emgqeni walokho okwambulwe kubo ngamazwi kaNkulunkulu. Kunalokho, basebenzisa amazwi kaNkulunkulu ukuzizuzela ukuthandwa nokwethenjwa ngabanye ngokubakhohlisa, ngokungena ekuphatheni ngokwabo, nokuthi basebenzise budlabha nokuntshontsha udumo lukaNkulunkulu. Bethemba, ngokungena mpumelelo, ukusebenzisa ithuba abalinikezwa ngokusabalalisa amazwi kaNkulunkulu ukuba baklonyeliswe ngomsebenzi kaNkulunkulu nokunconywa Nguye. Mingaki iminyaka eseyedlule, kodwa laba bantu abagcinanga nje ngokungakwazi ukuthola ukunconywa nguNkulunkulu ngokushumayela amazwi Akhe, nokuthi hhayi kuphela ukuthi abakwazanga ukuveza indlela okumele bayilandele endleleni yokuveza ukufakazela amazwi kaNkulunkulu, futhi akukhona nje ukuthi abazange basize noma bazinikeze bona kuleyo ndlela yokunikeza nokusiza abanye ngokwamazwi kaNkulunkulu, nokuthi akukhona nje kuphela ukuthi abazange bamazi uNkulunkulu, noma bazivuse bona ekubalulekeni ngokweqiniso kuNkulunkulu, kuleyo ndlela yokwenza zonke lezi zinto; kodwa, ngokuphambene, ukungaqondisisi kahle ngoNkulunkulu kwaya kukhula ngokujula, ukungamethembi uNkulunkulu kwaya kuba mawala, kanye nemicabango yabo ngoNkulunkulu yaya ikhula ngokuba engakholakali. Begqugquzelwa futhi baqhutshwa yimicabango yabo ngamazwi kaNkulunkulu, bavela sengathi baphelele esimweni sabo, kube sengathi baveza amakhono abo bengasebenzisanga amandla kulula, kube sengathi sebethole inhloso yempilo yabo, kube sengathi sebezuze ukuphila okusha nokuthi sebesindisiwe, kube sengathi, ngamazwi kaNkulunkulu bebeka ngolimi oluginqika kahle uma bekhuluma, sebefinyelele ekuzuzeni iqiniso, babambelele ezinhlosweni zikaNkulunkulu, nokuthi sebevumbulule indlela yokumazi uNkulunkulu, kube sengathi, ngendlela yokushumayela amazwi kaNkulunkulu, sebake babhekana noNkulunkulu ubuso nobuso. Futhi, bahlale “benyakaziswa” ngemvula yezinyembezi, nokuthi, bahlale beholwa “uNkulunkulu” ngamazwi kaNkulunkulu, bavela njalo ngokungena mkhawuko bebambelele ngokujulile emseni Wakhe nenhloso elungile, futhi ngesikhathi esifanayo sebezuze ukubambelela ensindisweni kaNkulunkulu yomuntu kanye nokuphathwa Nguye, sebefike ekuyazini ingqikithi Yakhe, nokuthi sebeyakuqondisisa ukulunga kwesimo Sakhe. Besusela kulesi sisekelo, babonakala sengathi sebekholelwa ngokuqine kakhulu ebukhoneni bukaNkulunkulu, sebenolwazi olukhulu ngesimo sakhe esihloniphekile, nokuthi nangaphezu kwalokho bazizwe bejulile ebukhulwini Bakhe nasebungcweleni. Becwilile kulolu lwazi lokuzikhohlisa ngokwazi amazwi kaNkulunkulu, kungabukeka sengathi ukholo lwabo selukhulile, izinqumo zabo zokubekezelela ukuhlupheka seziqinisiwe, nokuthi ulwazi lwabo ngoNkulunkulu selujulile. Abazi ngempela ukuthi, kuze kube bawazwile amazwi kaNkulunkulu ngokuyikho, lonke ulwazi lwabo kanye nemibono yabo Ngaye iphuma ekuzicabangeleni ngokwabo nokungathekisa. Ukholo lwabo angeke lwabambelela kunoma yikuphi ukuhlolwa nguNkulunkulu, lokhu abakubiza ngokuthi ubungcwele babo nokuma angeke kwabambelela ngaphansi kokuvivinywa noma ukuhlolwa nguNkulunkulu, isinqumo sabo singukwakha ibhilidi elihle phezu kwesihlabathi, nalokhu abakubiza ngolwazi lukaNkulunkulu nakho akwehlukile nokuzakhela kwemicabango yabo. Eqinisweni, laba bantu, uma singasho kanjalo, abafaka umfutho emazwini kaNkulunkulu, abakaze nakanye bazi ukuthi luyini ukholo oluyilo, kuyini ukuzithoba kwangempela, kuyini ukunakekela kwangempela, noma kuyini ukwazi uNkulunkulu ngeqiniso. Bathatha abakucabangayo, imicabango, ulwazi, isiphiwo, izinqubo, izinkolelo-ze, kanye ngisho ukubaluleka kokulungileyo kwesintu, bese bekwenza “ukutshala isamba” kanye “nezikhali zempi” kokukholelwa kuNkulunkulu nokulandela Yena, baze bakwenze izisekelo zokholo lwabo kuNkulunkulu kanye nokumlandela. Ngesikhathi esifanayo, babuye bathathe lesi samba nezikhali bakwenze umfanekiso womlingo ngokwazi uNkulunkulu, ukwenzela ukuhlangana nokuncintisana nokuhlolisisa kukaNkulunkulu, ukuvivinya, ukujezisa, nokwahlulela.

Ekugcineni, lokho abakuhlanganisile kuselokhu kuyizinto ezingasho lutho ngaphandle kwezinqumo ngoNkulunkulu ezicwile ezincazelweni zezinkolelo, ezinkolelweni eziyize zakudala, kanye nakho konke lokho okungokwezokuthandana, okubukeka kambi kuhlekisa, futhi nokungaqondakali, kanye nendlela yabo yokwazi nokuchaza uNkulunkulu ifana naleyo yabantu abakholelwa kuphela Ezulwini Eliphezulu, noma Endodeni Endala Esesibhakabhakeni, kuyilapho ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe, isimo Sakhe, izinto Zakhe nobuYena, kanye nokunye, nakho konke okuphathelene nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu ngokwaKhe, ziyizinto ulwazi lwabo oluhlulekile ukuziqonda, azinamsebenzi walutho ngokuphelele futhi zikude le nokuqonda kwabo. Ngale ndlela, nakuba bephila ngaphansi kokunikezwa nokondliwa ngamazwi kaNkulunkulu, kusazifanela nje abakwazi ukuhamba endleleni yokumesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi. Iqiniso liwukuthi abakaze bafinyelele ekumazini uNkulunkulu, futhi bengakaze babe nokuxhumana okuqotho noma ukuhlanganyela Naye ngeqiniso, ngakho kunzima kakhulu kubona ukufinyelela ekubeni nokuqondana okunokuzwana noNkulunkulu, noma bavuse kubo ukholo, ukufuna ngokulangazelela noma ukudumisa uNkulunkulu. Ukuthatha kwabo amazwi kaNkulunkulu ngalendlela, ukuthatha uNkulunkulu ngalendlela-lokubuka kanye nesimo sengqondo kubenze baphoqeleka ukuba babuye belambatha emizamweni yabo, ibenze bangaphinde bakwazi ingunaphakade ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi. Injongo yalokho abakuhlosile, nendlela abahamba ngayo, ibonisa ukuthi bayizitha zikaNkulunkulu kuze kube phakade futhi abasoze bakwazi ukuthola insindiso.

Uma, esimweni somuntu ohambe ngokulandela uNkulunkulu iminyaka eminingi futhi ejabulela ukunikezwa ngamazwi kaNkulunkulu iminyaka eminingi, ukuchaza kwakhe uNkulunkulu kuyoba, ngokwenqikithi yalowo, kufane nokomuntu oziqhayisayo ngokukhonza izithixo, bese lokhu kukhombisa ukuthi lo muntu akakaze athole ubunjalo bamazwi kaNkulunkulu. Ukubheka isizathu salokhu, umuntu ubona ukuthi ngokusobala nje akakaze angene ekwazini amazwi kaNkulunkulu, nokuthi ngokwalesi sizathu ngokuseqinisweni, iqiniso, izinhloso, kanye nezimfuno esintwini, konke okuhambisana namazwi kaNkulunkulu, akunalutho nhlobo okunokwenza naye. Lokhu kusho ukuthi, kungakhathaliseki noma umuntu onjalo angasebenza kangakanani encazelweni esobala yamazwi kaNkulunkulu, konke kuyize leze: Ngoba noma yini ayilandelayo kumane kungamazwi nje, ngakho-ke lokho ayokuthola nakho kuyoba ngokwesidingo samazwi nje. Noma ngabe amazwi akhulunywe nguNkulunkulu, ngokubonakala kwangaphandle, ecacile noma kungawadidayo, onke ayiqiniso elisemqoka kakhulu kumuntu njengoba engena ekuphileni; awumthombo wamanzi okuphila lawo amenza ukuba aphile ngokomoya nangokwenyama. Anikeza lokho umuntu akudingayo ukuze aphile; izimfundiso zeBhayibheli ezingenakuphikwa inkolelo nomgomo wokuziphatha empilweni; indlela, inhloso, kanye nenkambo okufanele adlule kuyo ukuze athole insindiso; lonke lelo qiniso kumele abenalo njengesidalwa esiphambi kukaNkulunkulu; kanye neqiniso lokuthi umuntu kumele amesabe futhi amkhonze kanjani uNkulunkulu. Ayisiqiniseko esiqinisekisa ukuphila komuntu, ayisinkwa somuntu semihla ngemihla, nokuthi abuye futhi abe yisisekelo esiqinile esenza umuntu aqine futhi azimele. Acebile ngesiqiniseko sangempela seqiniso lesintu esejwayelekile njengalokhu ephilwa yisidalwa sesintu, acebile ngeqiniso lelo ngalo isintu sikwazi ukukhululeka ekukhohlakalisweni nokubalekela unoxhaka kaSathane, acebile ekufundiseni okungakhathali, ekugqugquzeleni, ekukhuthazeni, nasekududuzeni lokho uMdali akunikeza isintu esidaliwe. Ayisibani esiqondisayo nesikhanyisela umuntu ukuze aqondisise konke lokho okungokuhle, isiqinisekiso esiqinisekisa abantu bayophila futhi bafike ekuphatheni kwakho konke okulungileyo nokuhle, umbandela okuyiwo abantu, izehlo, nezinto ezilinganisekayo, kanye futhi nokwakha inkomba-ndlela eholela umuntu imqondise ensindisweni nasendleleni yokukhanya. Kusekwazini amazwi kaNkulunkulu ngeqiniso kuphela umuntu akunikezwa ngeqiniso nangempilo; yikulokhu kuphela lapho umuntu eqondisisa lokho isintu esejwayelekile, ukuthi iyini incazelo impilo, siyini isidalwa sangempela, kuyini ngempela ukuhlonipha uNkulunkulu; yikulokhu kuphela lapho umuntu eqondisisa ukuthi kumele anakekele kanjani ngokukaNkulunkulu, uwugcwalisa kanjani umsebenzi wesidalwa esenziwe, nokuthi angaba nakho kanjani ukufaniswa nomuntu okunguyena yena; yikulokhu kuphela lapho efinyelela ekuqondisiseni ukuthi kuyini okuqondwe ngokholo oluqinisekile nokukhonza okuqinisekile; yikulokhu kuphela lapho eqondisisa ukuthi ngubani uMbusi wamazulu nomhlaba kanye nazo zonke izinto; yilapho ke eqondisisa izindlela zokuthi Oyedwa onguMnikazi wakho konke okudaliwe abusa ngazo phezu kwakho, ahola, nanikeza ngazo izidalwa; kanye nokuthi yikulokhu kuphela lapho eqondisisa futhi abambe izindlela Oyedwa onguMnikazi wezidalwa zonke ezikhona, azibonakalisa ngazo nasebenza ngazo…. Uma ehlukene nokuba nolwazi oluyilo lwamazwi kaNkulunkulu, umuntu akanalo ulwazi oluyilo noma ukuqonda okungaphakathi emazwini kaNkulunkulu nase qinisweni. Lowo muntu onjalo ngokungangatshazwa uyisidumbu esiphilayo, igobolondo uqobo, nolwazi lonke analo olumayelano noMdali alunalutho nangayiphi indlela yokwenza naye. Emehlweni kaNkulunkulu, umuntu onjalo akakaze akholelwe Kuye, noma akakaze amlandele Yena, futhi uNkulunkulu akambheki njengomuntu okholelwa Kuye noma umlandeli Wakhe, akusaphathwa njengesidalwa esidaliwe sangoqobo.

Ukuze abe yisidalwa esiqotho, umuntu kumele azi ukuthi ngubani uMenzi wakhe, azi ukuthi wadalelwani, kumele ayenze kanjani imisebenzi yokuba yisidalwa esenziwe, nokuthi uyidumisa kanjani Inkosi yendalo yonke, kumele uqondisise, ubambelele, wazi, nokuthi unakekele izinhloso zoMdali, izifiso, nezimfuno, nokuthi kumele wenze ngokuhambisana nendlela kaMdali—wesabe uNkulunkulu udede kokubi.

Kuyini ukwesaba uNkulunkulu? Nokuthi udeda kanjani ebubini?

“Ukumesaba uNkulunkulu” akusho ukwethuka nokwesaba okungenagama, noma ukugwema, noma ukubeka laphaya kude, noma ukukhonza noma izinkolelo-ze. Kunalokho, kuwukuhlonipha, isithunzi, ukwethemba, ukuqondisisa, ukunakekela, ukuthobela, ukuzinikela, uthando, kanjalo nokudumisa okungena mbandela nokungena kukhalaza, ukubaleka nokuzinikezela. Ngaphandle kolwazi olukholekayo, isintu asisoze saba nokuthanda ngeqiniso, ukwethembeka ngeqiniso, ukuqondisisa kweqiniso, ukunakekela kweqiniso noma ukuhlonipha, kodwa ukwesaba nokungazinzi, ukungabaza kuphela, ukungaqondisisi, ukugwema nokudoja; ukungabi nolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu esingenakho ukugxila ngokujulile nobugwala; ukungabi nolwazi kweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke saba nakho ukukhonza kweqiniso nokuzinikezela, kuphela ukukhonza okuwubumpumputhe nezinkolelo-ze; ukungabi nolwazi kweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sakwazi ukwenza ngendlela kaNkulunkulu, noma ukwesaba uNkulunkulu, noma ukudeda kokubi. Ngenye indlela, konke ukwenza nokuziphatha ngakho umuntu ayozimbandakanya nakho kuyoba ngokugcwele ukuphikisana nokwedelela, okunezinsolo zokuhlambalaza kanye nokwehlulela okungalungile Ngaye, kanye nokuziphatha ngobubi benze okuphambanayo neqiniso nencazelo eyiqiniso yamazwi kaNkulunkulu.

Ukuba nokwethemba ngeqiniso kuNkulunkulu, isintu siyoba nolwazi oluyilo lokuthi singamlandela kanjani uNkulunkulu nokwethembela Kuye; ngokuba nokwethemba kweqiniso kuphela kanye nokuncika kuNkulunkulu isintu esingaba nokuqonisisa kweqiniso nokwazi; ngokuhambisana nokuqondisisa ngeqiniso uNkulunkulu kufika ukunakekela kwangempela Kwakhe; ngokunakekela uNkulunkulu ngokweqiniso kuphela isintu singaba nokuhlonipha; ngokwenhlonipho yeqiniso kuphela kuNkulunkulu isintu singaba nokuzinikela kweqiniso; ngokuzinikela kuNkulunkulu ngeqiniso kuphela isintu esingaba nokukhonza okungenamibadela nokungakhalazi; ngokwethemba nokwencika ngaeniso kuphela, ngokuqondisisa ngeqiniso nokunakekela, ukuhlonipha kweqiniso nokuzinikela ngeqiniso nokukhonza, isintu esingathola ukwazi isimo nengqikithi kaNkulunkulu, kanye nokwazi ubunjalo bukaMdali; ukufinyelela ekumazini uMdali kuphela isintu esingazivuselela ngakho ekudumiseni ngeqiniso nokuzinikezela; ukukhonza ngeqiniso kuphela nokuzinikezela kuMdali isintu esiyokwazi ukubeka eceleni izindlela zaso ezimbi, lokho kungukuthi, ukudeda kokubi.

Lokhu kuhlanganisa indlela ephelele “yokwesaba uNkulunkulu udede kokubi,” nokuthi kubuye kube yingqikithi ngokuphelele ekwesabeni uNkulunkulu nokudeda kokubi, kanjalo futhi njengendlela okumele ihanjwe ukuze ufinyelele ekwesabeni uNkulunkulu nokudeda kokubi.

Ukwesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi nokwazi uNkulunkulu kuxhumene ngezintambo eziningi ngokungehlukaniswe, nokuthi ukuxhumana phakathi kwazo kuyabonakala. Uma umuntu efisa ukuzuza ukudeda kokubi, kumele yena kuqala abe nokwesaba uNkulunkulu ngeqiniso; uma yena efisa ukuzuza ukwesaba uNkulunkulu ngeqiniso, yena kuqala kumele amazi uNkulunkulu ngeqiniso; uma efisa ukuthola ulwazi ngoNkulunkulu, yena kumele kuqala abenolwazi lwamazwi kaNkulunkulu, angene esiqinisekisweni samazwi kaNkulunkulu, abenolwazi lokujeziswa nokuqondiswa nguNkulunkulu, ukujeziswa nokwahlulelwa Nguye; uma yena efisa ukuba nolwazi lalawa mazwi kaNkulunkulu, yena kumele kuqala abhekane ubuso nobuso namazwi kaNkulunkulu, abhekane ubuso nobuso noNkulunkulu, nokunxusa uNkulunkulu amuphe amathuba okuwezwa amazwi kaNkulunkulu ngezindlela zonke ezahlukene ezifaka phakathi umuntu, izehlo, nezinto; uma yena efisa ukubhekana ubuso nobuso noNkulunkulu namazwi kaNkulunkulu, yena kumele kuqala abe nenhliziyo ngokulula nje, abe nenhliziyo elungile, akulungele ukwamukela iqiniso, uthando lokubekezelela ubuhlungu, isinqumo kanye nesibindi sokudeda kokubi, kanye nentshiseko yokuba yisidalwa esiqinisekile….Ngale ndlela, ukuya phambili kancane kancane, kuzokusondeza nakakhulu kuNkulunkulu, inhliziyo yakho iyoya ngokukhula ebungcweleni, nokuthi impilo yakho nokubaluleka kokuba uyaphila kuyoba, ngokuhambisana nolwazi lwakho lukaNkulunkulu, ngokusemqoka kakhulu nokuthi impilo yakho iyocwebezela nakakhulu. Kuze kube olunye usuku, lapho ozomuzwa khona uMdali kungaseyona imfumbe, ukuthi uMdali akakaze afihleke kuwe, uMdali akakaze abufihle ubuso Bakhe kuwe, ukuthi uMdali akakude neze nawe, Obulokhu umlangazelela emicabangweni yakho kodwa ongeke ufinyelele Kuye ngemizwa yakho, ukuthi Yena ungokoqobo futhi ngeqiniso uhlale ekubhekile kwesokunxele nesokudla sakho, esekela ukuphila kwakho, futhi elawula isiphetho sakho. Akakude noma akazifihlile Yena phezulu emafini. Useceleni kwakho, ukwengamele, Uyikho konke onako, Uwukuphela kwento unayo. UNkulunkulu onjalo ukuvumela ukuba Umthande ngenhliziyo, unamathele Kuye, ubambelele Kuye, umkhonze, wesabe ukulahlekelwa Nguye, nokuthi ungazimiseli ukuphinde umphike, ungamhloniphi Yena namanje noma uqhubeke nokumgwema noma umbeke kude le. Konke ofuna ukukwenza ukumnakekela Yena, ukumhlonipha Yena, uphindisele konke lokho Yena akunikeze khona, nokuzinikezela embusweni Wakhe. Awusakwenqabi manje ukuqondiswa, ukunikezwa, ukubhekwa, nokugcinwa Nguye, awusakwenqabi lokho Yena akushoyo nalokho akunqumela kona. Konke okufunayo ukumlandela Yena, uhambe eduze Kwakhe kwesokunxele noma kwesokudla Sakhe, konke okufunayo ukumamukela Yena njengokuphela kokuphila kwakho, ukumamukela Yena njengokuphela kweNkosi yakho njengokuphela kukaNkulunkulu wakho.

Ncwaba 18, 2014
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA

Awekho amazwana:

Thumela amazwana