Mangaki amasiko enkolo owagcinayo? Kukangaki uphikisana nezwi likaNkulunkulu nalapho uhambe indlela yakho? Kukangaki lapho wenze izwi likaNkulunkulu ngenxa yokuba ububhekelela umthwalo Wakhe ngokweqiniso futhi ufuna ukufezekisa intando Yakhe? Qonda izwi likaNkulunkulu futhi ulenze.
Bambelela emgomweni ngokwenza nangezenzo zakho; lokhu akusikho ukuhambisana nemithetho noma ukwenze njalo ngokungathandi kodwa wenzela ukuba ubonwe. Kanjalo, lokhu kuwukwenza iqiniso kanye nokuphila ngezwi likaNkulunkulu. Ukwenza okunjalo kuphela okumgculisayo uNkulunkulu. Noma yiliphi isiko elimjabulisayo uNkulunkulu aliwona umthetho kodwa lingukwenza iqiniso. Abanye abantu banokuthanda ukuzidonsela ukubukwa bona. Ngenkathi kukhona abafowabo nodadewabo, uthi uyambonga uNkulunkulu, kodwa ngemva kwabo, akalenzi iqiniso futhi wenza ngendlela ephambene ngokuphelele. Ingabe lokhu akufani nalokho kwabaFarisi abasenkolweni? Umuntu omthanda ngokweqiniso uNkulunkulu futhi oneqiniso yilowo owethembekile kuNkulunkulu, kodwa engakuvezi ngokusobala lokho. Uzimisele ngokulenza iqiniso uma izinkinga zivela futhi angakhulumi noma enze ngendlela ephambana nonembeza wakhe. Ukhombisa ukuhlakanipha lapho izinkinga zivela futhi ubambelela emgomweni ngezenzo zakhe, noma ngabe izimo zinjani. Umuntu onjenga lona owenza intando ngeqiniso. Kunabanye abakhuluma ngezindebe zomlomo ngokumbonga kwabo uNkulunkulu. Bachitha izinsuku zabo izinhlonze zabo zihlangene ngokukhathazeka, bafake umoya ongcolile, futhi benze sengathi banobuso obuswacile. Kuhlambalaza kanjani nje! Uma nje ubunokumbuza, “Iziphi izindlela ombonga ngazo uNkulunkulu? Ngicela ungitshele!” ubeyophelelwa ngamagama azowasho. Uma wethembekile kuNkulunkulu, ngakho ungakhulumi ngakho esidlangaleni, kodwa sebenzisa izenzo zakho zoqobo ukukhombisa uthando lwakho ngoNkulunkulu, futhi ukhuleke kuYe ngenhliziyo eqinisekileyo. Labo abasebenzisa amazwi kuphela ukubhekana noNkulunkulu bonke bangabazenzisi! Abanye bakhuluma ngokumbonga uNkulunkulu ngomkhuleko ngamunye, ebese futhi beqala ukukhala ngaso sonke isikhathi bethandaza, ngisho ngaphandle kokuqhutshwa nguMoya Oyingcwele. Abantu abanjengalaba bangenwe imikhuba nemibono; baphila ngaleyomikhuba nemibono enjalo, bahlale bekholelwa ukuthi izenzo ezinjalo ziyamjabulisa uNkulunkulu, nokuthi ubungcwele bokuzenzela noma izinyembezi zokuzidabukisa ziyilokho uNkulunkulu akufunayo. Yikuphi okuhle okungaqhamuka kulabo abazihlanyisayo na? Ukuze bakhombise ubuntu babo, abanye babo benza sengathi banokulunga uma bekhuluma kukhona abanye. Abanye bayazithoba ngamabomu uma kukhona abanye, njengezinyane elingenamandla nhlobo. Ingabe lena indlela yabantu basembusweni na? Umuntu wasembusweni kumele akhombise impilo futhi abe ngokhululekile, omsulwa futhi ovulelelekile, oqotho futhi nomuhle; umuntu ohlala esimweni senkululeko. Unesimilo futhi uhloniphekile, futhi angaba ufakazi lapho ehamba khona; lowo ungumuntu othandwa nguNkulunkulu kanye nomuntu. Labo abasanda kuphendukela okholweni banezenzo eziningi ezisobala; kumele kuqala bedlule esikhathini sokubhekana kanye nokwaphula. Labo abanokukholelwa kuNkulunkulu ezinhliziyweni zabo abakwazi ukubonakala ngokusobala kwabanye, kodwa ukwenza nezenzo zabo ziyatuseka kwabanye. Yilabo bantu abanjalo kuphela abangathathwa njengokuthi bayaliphila izwi likaNkulunkulu. Uma ushumayela lelivangeli zonke izinsuku kulomuntu futhi lokho, kubaletha ensindisweni, kepha ekugcineni, usaqhubeka ukuphila ngemithetho nemigomo, ngakho ngeke ulethe udumo kuNkulunkulu. Lolohlobo lwabantu bangabantu benkolo, futhi bangabazenzisayo.
Ngaso sonke isikhathi labobantu benkolo behlangana, babuza, “Dadewethu, kade unjani kulezi zinsuku?” Yena aphendule, “Ngizizwa nginokumbonga uNkulunkulu nokuthi angikwazi ukufezekisa intando yenhliziyo Yakhe.” Omunye athi, “Nami, futhi, ngiyambonga uNkulunkulu futhi angikwazi ukumgculisa Yena.” Le mishwana embalwa namazwi kuphela akhombisa izinto ezimbi ezisekujuleni phakathi ezinhliziyweni zabo. Amazwi anjalo angawokuhlambalaza futhi anokunganambitheki ngokwedlulele. Imvelo yalabantu baphikisana noNkulunkulu. Labo ababheke ubunjalo besimo bakhuluma noma yini esezinhliziyweni zabo futhi bavula izinhliziyo zabo enkulumweni. Akukho nakunye okungukwenza okuyiphutha, akukho nhlonipho noma izinkulumo ezingenaso isigqi. Bahlale beqonde ngqo futhi abahloniphi imithetho yasemhlabeni. Kunalabo abanothando lokuziveza ingaphandle, ngisho noma kungenzi mqondo. Uma omunye ecula, uqala ukudansa, abe engaboni ngisho nokuthi irayisi elisebhodweni lakhe selishile. Lolo hlobo lwabantu abanabo ubunkulunkulu, noma abahloniphekile, futhi bakhonze kakhulu ukuhlekisa. Zonke lezi yizindlela zokuzibonakalisa kokungabi bikho kwesiqinisekiso! Abanye bayahlangana ukuze baxoxe ngezindaba zempilo kumoya, futhi nakuba bengakhulumi ngokubonga kuNkulunkulu, bagcina uthando lwabo lweqiniso Kuye ngaphakathi ezinhliziyweni zabo. Ukumbonga uNkulunkulu akunanto enokwenza nabanye abantu; unokumbonga uNkulunkulu, hhayi umuntu. Ngakho kusizangani ukukhuluma ngakho sonke isikhathi kwabanye na? Kumele wenze mqoka ukungena kokuqinisekile, hhayi ukufuna ukubukwa noma ukubukisa.
Zimele ukuthini izenzo zomuntu ezinhle zokuzenzisa na? Zimele inyama, kanti ngisho imikhuba yangaphandle elungile kakhulu kuneminye, ayimeli ukuphila, kodwa inhliziyo yakho siqu. Imikhuba yangaphandle yomuntu ayisoze yafezekisa okufiswa uNkulunkulu. Uhlale njalo ukhuluma ngokumbonga kwakho uNkulunkulu, kepha awukwazi ukunikeza impilo yabanye noma ugqugquzele abanye ukuba bathande uNkulunkulu. Uyakholelwa ukuthi izenzo ezinjalo ziyomenelisa uNkulunkulu na? Ukholelwa ukuthi lokhu okufiswa yinhliziyo kaNkulunkulu, ukuthi lokhu kungoko moya, kodwa ngokweqiniso lokhu kuyamangaza! Ukholelwa ukuthi lokho okukujabulisayo kanye nalokho okufisayo yilokho uNkulunkulu ajabula ngakho. Ingabe lokho okujabulisa wena kumele lokho kukaNkulunkulu na? Ingabe isimilo somuntu singamela uNkulunkulu na? Lokho okukujabulisayo yikho kanye uNkulunkulu akuzondayo, nokuthi imikhuba yakho yiyo leyo uNkulunkulu ayizondayo nangayifuni. Uma uzizwa unokubonga, hamba uye kothandaza phambi kukaNkulunkulu. Asikho isidingo sokukhuluma ngakho kwabanye. Uma ungathandazi phambi kukaNkulunkulu kunokuba uqhubeke nokuzibizela ukunakwa kwakho phambi kwabanye, ingabe lokhu kungafezekisa okufiswa yinhliziyo kaNkulunkulu na? Uma izenzo zakho njalo zingezibonakalayo kuphela nje, lokhu kusho ukuthi kuyize leze kumuntu. Nhloboni yomuntu lowo owenza izenzo ezinhle ezingukuzenzisa kodwa ezingenakho ukuqiniseka na? Lab bantu abanjalo bangabaFarisi abazenzisayo kanye nabantu benkolo! Uma ungayeki ukwenzela ukubukwa, ngeke wenze izinguquko, ngakho izimpawu zokuzenzisa ezikuwe ziyokhula kakhulu kunakuqala. Ngokuya ngokukhula lezimpawu zokuzenzisa, yingenkathi ukuphikisana noNkulunkulu kudlondlobala, nokuthi ekugcineni, lolo hlobo lwabantu, ngiqinisekile bayolahlwa!
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA
Awekho amazwana:
Thumela amazwana