Ubuningi bomsebenzi kule minyaka eyizi-6,000 uhambe wahamba washintsha ngokuhambisana nesikhathi. Ukushintsho kulo msebenzi lwenzeke ngokuhambisana nesimo somhlaba wonke. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha uguquke kancane kancane ngokulandela ukushintsha kwemikhuba yabantu bebonke; hhayi ukuthi kwakuhlelwe ekuqaleni kokudala.
Ngaphambi kokuthi kudalwe umhlaba, noma emva nje kokuthi udaliwe, uJehova wayengakasihleli isigaba sokuqala somsebenzi, leso somthetho; isigaba sesibili, leso esomusa; noma isigaba sesithathu, esokunqoba, lezi ayezosebenza phakathi kweqembu labantu–abanye beyizizukulwane zikaMowabi, kanti kusukela kulokhu uzonqoba umhlaba wonke. Akazange akhulume la mazwi emva kokudala umhlaba; akazange akhulume lawa mazwi emva kukaMowabi, angiyiphathi-ke ekaLoti. Wonke umsebenzi Wakhe wenziwa ngokuzenzekela ngokwendalo. Lena yindlela uhlelo lomsebenzi Wakhe wokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha elenzeka ngayo; akunakwenzeka ukuthi wayelubhale phansi lolu hlelo lube Yishadi Lokufingqiwe leNtuthuko Yomuntu ngaphambi kokuthi adale umhlaba. Emisebenzini kaNkulunkulu, uchaza ngqo ngalokho ayikho Yena; akazikhathazi umqondo ezama ukwakha uhlelo. Yiqiniso, abaphrofethi abaningi bakhulume iziphrofetho eziningi, kodwa noma kunjalo akukashiwo ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ubuvele uwuhlelo olwenziwe; iziphrofetho zenziwa ngokomsebenzi kaNkulunkulu ngqo. Wonke umsebenzi Wakhe umsebenzi wangempela. Wenza umsebenzi Wakhe ngokuthuthuka kwesikhathi, futhi wenza umsebenzi Wakhe wempela ngokuhambisana nokushintsha kwezinto. Kuye, ukwenza umsebenzi kuyafana nokuphuza umuthi wokugula okuthile; ngenkathi enza umsebenzi Wakhe uyabheka; usebenza ngalokhu akubonile. Kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe, uyakwazi ukwembula ukuhlakanipha Kwakhe okukhulu nokuveza ikhono Lakhe elikhulu; uveza ukuhlakanipha Kwakhe okukhulu negunya Lakhe ngokomsebenzi wangaleso sikhathi enzele nokuthi labo bantu ababuyiswa Nguye ngesikhathi saleyo minyaka babone isimo Sakhe sonke. Unika abantu abakudingayo enze umsebenzi okumele awenze ngokomsebenzi okumele wenziwe ngokweminyaka ngayinye; unika abantu izidingo zabo ngokwezinga uSathane abakhohlakalise ngalo. Kwakuyile ndlela uJehova adala ngayo u-Adamu no-Eva ukuze babone uNkulunkulu emhlabeni futhi babe ngofakazi bakaNkulunkulu ezidalweni ezinye, kodwa u-Eva wona emva kokuba elingwe yinyoka; no-Adamu naye wenza okufanayo, ndawonye ensimini yase-Edene badla isithelo sesihlahla solwazi lokuhle nokubi. Ngalokho, uJehova wase eba nomunye umsebenzi okwakumele awenze kubona.
Wabona ubuze babo wase emboza imizimba yabo ngezingubo ezazenziwe ngesikhumba sesilwane. Emva kwalokhu, Wayesethi ku-Adamu, “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. … uze ubuyele emhlabathini, lokho wathathwa kuwo.” Kowesifazane Wathi, “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana kabuhlungu; nokunxanelwa kwakho kuyoba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” Ukusuka lapho wabaxosha eNsimini yase-Edene wabenza bahlala ngaphandle kwensimu, njengoba kwenza abantu besimanje emhlabeni. Uma uNkulunkulu edala umuntu ekuqaleni, akazange ahlele ukuthi umuntu alingwe yinyoka emva kokuba esedaliwe bese eqalekisa umuntu nenyoka. Wayengenalo uhlelo olunjalo; kwaba ukwenzeka nje kwezinto okwamunika umsebenzi omusha ezidalweni Zakhe. Emva kokuthi uJehova esewenzile umsebenzi Wakhe ku-Adamu no-Eva emhlabeni, abantu baqhubeka bashintsha iminyaka eyizinkulungwane eziningi, kwaze kwaba ukuthi “Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo. Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni Yakhe. ...Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.” Ngalesi sikhathi uJehova waba nomsebenzi omningi omusha, ngoba abantu abadala baba nezono eziningi emva kokuba belingwe yinyoka. Ngenxa yalokhu, uJehova wakhetha umndeni kaNowa kubo laba bantu wabasindisa, wase enza umsebenzi Wakhe wokubhubhisa umhlaba ngozamcolo. Abantu baqhubeka nokushintsha ngale ndlela kuze kube yimanje, beya bekhohlakala kakhulu, uma ukushintsha kwabo kufinyelela phezulu kakhulu, kuzoba ukuphela kwabantu. Kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni komhlaba, iqiniso langaphakathi lomsebenzi Wakhe selokhu laba kanjena. Kufana nokuthi abantu bazohlukaniswa kanjani ngokwezinhlobo zabo; bekude nabanye umuntu nomuntu ebekelwe uhlobo azongena kulo kwasekuqaleni, abantu bayahlungwa kancane kancane emva kokuthi bangene enqubweni yokuthuthuka. Ekugcineni, namuphi ongeke asindiswe ngokuphelele uzobuyiselwa “emadlozini” akubo. Awukho umsebenzi kaNkulunkulu owase uvele ulungiselwe ngenkathi kudalwa umhlaba; kunalokho, kwaba ukushintsha kwezinto okwenza uNkulunkulu enze umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo ngeqiniso kubantu. Lokhu kufana nokuthi uJehova uNkulunkulu azange adale inyoka ukuze ilinge owesifazane. Kwakungelona uhlelo Lwakhe oluthile, futhi kwakungeyona into ayihlela kudala ngenhloso; singathi nje lokhu kwakungalindelekile. Kwaba ngenxa yalokhu ukuthi uJehova axoshe u-Adamu no-Eva eNsimini yase-Edene wase efunga ukuthi angeke aphinde adale umuntu. Kodwa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kutholwa abantu kulesi sisekelo, njengephuzu engilibalule ekuqaleni: “Ukuhlakanipha Kwami kusebenza ngamacebo kaSathane.” Noma ngabe abantu bakhohlakala kangakanani noma inyoka ibalinga kanjani, uJehova wayesenakho ukuhlakanipha Kwakhe; ngakho-ke, ubelokhu enza umsebenzi omusha selokhu adala umhlaba, futhi akukho zinyathelo zalo msebenzi ezake zaphindwa. USathane uyaqhubeka nokwenza amaqhinga; abantu bayaqhubeka nokukhohlakaliswa nguSathane, kanti noJehova uyaqhubeka nokwenza umsebenzi Wakhe ohlakaniphile. Akakaze ahluleke, akaze ayeke umsebenzi Wakhe kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube yimanje. Emva kokuthi abantu bekhohlakaliswe uSathane, waqhubeka wasebenza kubantu ukuze anqobe isitha Sakhe esikhohlakalisa abantu. Le mpi izoqhubeka kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni komhlaba. Ekwenzeni wonke lo msebenzi, akazange - avumele kuphela abantu, abakhohlakaliswe uSathane, ukuthi bathole ukusindiswa Kwakhe okukhulu, kodwa wabenza ukuthi babone ukuhlakanipha Kwakhe, ukuba ubuninimandla onke kanye negunya Lakhe, kanti ekugcineni uzokwenza abantu babone isimo Sakhe sokulunga – ajezise ababi anike abalungile umvuzo. Ulwe noSathane kwaze kwaba namuhla kodwa akaze anqontshwe, ngoba unguNkulunkulu onobuhlakani, ukuhlakanipha Kwakhe kusebenza ngamaqhinga kaSathane. Ngalokho-ke akenzi kuphela konke okusezulwini kuthobele igunya Lakhe; kodwa uphinde enze konke okusemhlabeni kube isenabelo sezinyawo Zakhe, okunye, wenza bonke abenzi bokubi abahlasela bahlukumeze abantu bawele ekujeziseni Kwakhe. Yonke imiphumela yomsebenzi iphuma ngenxa yokuhlakanipha Kwakhe. Akakaze akuveze ukuhlakanipha Kwakhe ngaphambi kokuba khona kwabantu, ngoba wayengenasitha ezulwini, emhlabeni, noma emhlabeni jikelele, futhi yayingekho imimoya yobumnyama eyahlasela yonke into endalweni. Emva kokuthi ingelosi enkulu imthengisile, wadala abantu emhlabeni, futhi kwakungenxa yabantu ukuba aqale ngokusemthethweni impi yeminyaka eyinkulungwane yesikhathi eside noSathane, ingelosi enkulu, impi eya ngokushuba kakhulu ngesigaba ngasinye esiyimpumelelo. Ubuninimandla onke nokuhlakanipha Kwakhe kuyabonakala kulezi zigaba ngazinye. Kungalesi sikhathi kuphela lapho konke okusezulwini nokusemhlabeni kubona khona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ubuninimandla onke, ikakhulukazi ubuqiniso bukaNkulunkulu. Usawenza ngale ndlela enobuqiniso nanamuhla umsebenzi Wakhe; phezu kwalokho, njengoba enza umsebenzi Wakhe wembula ukuhlakanipha nobuninimandla onke Bakhe; wenza ukuthi nibone iqiniso langaphakathi kwesigaba ngasinye somsebenzi, ukuze ubone ukuthi ungakuchaza kanjani ukuba umninimandla onke Kwakhe, ikakhulukazi ukuthi ungakuchaza kanjani ubuqiniso bukaNkulunkulu.
Ngabe abantu abakholelwa ukuthi kwakudaliwe ukuthi uJuda uzomthengisa uJesu? Empeleni, uMoya Oyingcwele wakuhlela lokhu ngokweqiniso langaleso sikhathi. Kwenzeka ukuthi kwakunomuntu owayaziwa ngoJuda ohlale ehlisa imali ngomlenze. Wabe esekhethwa ukuthi adlale le ndima abe usizo ngaleyo ndlela. Lokhu yisibonelo sangempela sokusebenzisa izinsiza kusebenza zasekhaya. UJesu wayengazi ngalokhu ekuqaleni; lokhu wakwazi uma uJuda esevezwe obala ekuhambeni kwesikhathi. Uma ngabe kukhona omunye owayengakwazi ukudlala le ndima, ngabe ukhona owayidlala ngaphandle kukaJuda. Lokhu okwakuhlelwe ngaphambili ukuthi kwenzeke empeleni kwenziwa ngasikhathi sinye nguMoya Oyingcwele. Umsebenzi kaMoya Oyingcwele uhlale uzenzekela noma nini; noma ngasiphi isikhathi ehlela umsebenzi Wakhe, uMoya Oyingcwele uzowenza. Kungani ngihlale ngithi umsebenzi kaMoya Oyingcwele uyiqiniso? Ngithi uhlale umusha awubi mdala, futhi uhlale wenziwe ngaleso sikhathi? Umsebenzi kaNkulunkulu wawungahleliwe ngenkathi kudalwa umhlaba; azange kwenzeke kanjalo nhlobo! Zonke izinyathelo zomsebenzi zenzeka ngokwesikhathi sangaleso sikhathi, futhi ayiphazamisani. Ziningi izikhathi lapho izinhlelo engqondweni yakho ezingahambisani sanhlobo nomsebenzi owenziwe nguMoya Oyingcwele kamuva nje. Umsebenzi Wakhe awulula njengoba abantu becabanga, futhi awunzima njengoba abantu bebona sengathi unjalo; ubandakanya ukuhlinzeka abantu noma ngasiphi isikhathi nakuyiphi indawo ngokwezidingo zabo. Akekho owazi ubuqu bomuntu njengoba Yena ebazi, kungenxa yalesi sizathu ukuthi ayikho into eyenelisa izidingo zabantu njengoba kwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, ngokubona kwabantu, umsebenzi Wakhe wahlelwa eminyakeni yenkulungwane eminingi eyedlule. Njengoba esebenza phakathi kwenu manje, ngokwezimo zenu, wenza umsebenzi akhulume noma ingasiphi isikhathi nakuyiphi indawo. Uma abantu besezimweni, ukhuluma lawo mazwi okuyiwo abawadingayo ngqo kubona ngaphakathi. Kufana nomsebenzi Wakhe wezikhathi zokujezisa. Emva kwezikhathi zokujezisa, abantu bakhombisa izindlela ezithile zokuziphatha, bamhlubuka ngezindlela ezithile, izimo ezithile ezinhle zavela, kwavela nezinye izimo ezithile ezimbi, kwathi imikhawulo ephezulu yalezi zinto yafinyelela ezingeni elithile. UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe usekelwe yizo zonke lezi zinto, ngalokho wasebenzisa leli thuba ukuthola imiphumela engcono yomsebenzi Wakhe. Yena nje wenza umsebenzi Wakhe wokuhlinzeka kubantu ngokwezimo zabo zangaleso sikhathi. Wenza isinyathelo ngasinye somsebenzi Wakhe ngokwezimo zabantu zangempela. Indalo yonke isezandleni Zakhe; kungenzeka angayazi? Ngokubona izimo zabantu, uNkulunkulu wenza isinyathelo esilandelayo somsebenzi okumele wenziwe, noma ingasiphi isikhathi nanoma ikuyiphi indawo. Ngeke kwenzeke ukuthi lo msebenzi wawuhlelwe eminyakeni eyizinkulungwane ezedlule; lokhu indlela abantu ababona ngayo! Usebenza ngokubona umphumela womsebenzi Wakhe, futhi umsebenzi Wakhe uyaqhubeka ujule futhi ushintsha; njengoba ebuka umphumela womsebenzi Wakhe, wenza isinyathelo esilandelayo somsebenzi Wakhe. Usebenzisa izinto eziningi ukushintsha kancane kancane nokwenza umsebenzi Wakhe omusha ubonakale kubantu uma isikhathi siqhubeka. Lolu hlobo lomsebenzi luyakwazi ukuhlinzeka izidingo zabantu, ngoba uNkulunkulu ubazi kahle abantu. Lena iyona ndlela enza ngayo umsebenzi Wakhe esezulwini. Kanjalo, uNkulunkulu osenyameni wenza umsebenzi ngendlela efanayo, uhlela ngokuyiqiniso futhi usebenza phakathi kwabantu. Awukho umsebenzi Wakhe owahlelwa ngaphambi kokudalwa komhlaba, futhi azange uhlelwe ngokunembile ngaphambilini. Eminyakeni eyizi-2,000 emva kokudalwa komhlaba uJehova wabona ukuthi abantu sebekhohlakele kakhulu waze wasebenzisa umlomo womphrofethi u-Isaya ukuphrofetha ukuthi uma Iminyaka yoMthetho isiphelile, usezokwenza umsebenzi Wakhe wokuhlenga abantu Eminyakeni yoMusa. Leli kwakuwuhlelo lukaJehova, yebo, kodwa lolu hlelo nalo lwenziwa ngokwezimo azibona ngaleso sikhathi; azange akucabange ngokushesha emva kokudala u-Adamu. U-Isaya waphrofetha nje kuphela, kodwa uJehova azange aqale ngokwenza amalungiselelo alokhu ngesikhathi seNkathi yoMthetho; kunalokho, wawuqala lo msebenzi ekuqaleni kweNkathi yoMusa, ngenkathi isithunywa sifika kuJosefa ngephupho simkhanyisela, simtshela ukuthi uNkulunkulu uzoba yinyama, ngalokho kwaqala umsebenzi wakhe wokuba senyameni. UNkulunkulu azange, njengoba abantu becabanga, awulungiselele umsebenzi Wakhe wasenyameni emva kokudala umhlaba; lokhu kwanqunywa kuphela ngokwezinga lokushintsha kwabantu kanye nesimo sempi Yakhe noSathane. Ngenkathi uNkulunkulu eba yinyama, uMoya Wakhe wehlela kubantu; ngamanye amazwi, uMoya kaNkulunkulu wembozwe yinyama. Wenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi kunokuthi eze nezinye izinyathelo ezinemikhawulo, lo msebenzi awunamkhawulo. Umsebenzi owenziwa uMoya Oyingcwele enyameni namanje usanqunywa imiphumela yomsebenzi Wakhe, futhi usebenzisa lezi zinto ukunquma ubude besikhathi azokwenza ngaso umsebenzi Wakhe ngenkathi esenyameni. UMoya Oyingcwele uyazivezela izinyathelo ngasinye somsebenzi Wakhe; uhlola umsebenzi ebe eqhubeka; akusiyo into engaphezulu kwamandla endalo okungaze kunwebe umkhawulo wezingqondo zabantu. Lokhu kufana nomsebenzi kaJehova wokudala amazulu nomhlaba nakho konke; wayehlela ebe esebenza. Wahlukanisa ukukhanya nobumnyama, kwaba khona ikuseni nobusuku – lokhu kwathatha usuku olulodwa. Ngosuku lwesibili wadala isibhakabhaka, nakho okwathatha usuku olulodwa, wase edala umhlaba, ulwandle nezinto ezihlala kukho, nakho okwathatha olunye usuku. Lokhu kwaqhubeka kwaze kwaba usuku lwesithupha, lapho umuntu adala khona umuntu wathi makaphathe zonke izinto ezisemhlabeni, kwaze kwaba usuku lwesikhombisa, lapho ayeseqede ukudala zonke izinto, wase eyaphumula. UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walwenza lwaba ngcwele. Walunquma lolu suku ukuthi lube ngcwele emva kokuba esedale zonke izinto, hhayi ngaphambi kokuthi azidale. Nalo msebenzi wenziwa ngaleso sikhathi; ngaphambi kokudala zonke izinto, azange anqume ukudala umhlaba ezinsukwini eziyisithupha bese eyaphumula ngolwesikhombisa; iqiniso alinjalo neze. Akazange akusho lokhu, futhi azange akuhlele. Azange asho ukuthi ukudala zonke izinto kuzophela ngosuku lwesithupha nokuthi uzophumula ngosuku lwesikhombisa; kunalokho, wadala ngokubona okwakukuhle Kuye. Uthe eseqedile ukudala zonke izinto, kwase kuwusuku lwesithupha. Ukube kwaba usuku lwesihlanu aqeda ngalo ukudala zonke izinto, ngabe wenza usuku lwesithupha lwaba ngcwele; kodwa-ke, waqeda ukudala zonke izinto ngosuku lwesithupha, ngalokho walwenza lwaba ngcwele, olwamenyezelwa kwaze kuze kube yinamuhla. Ngalokho, umsebenzi Wakhe wamanje wenziwa ngale ndlela efanayo. Ukhuluma ahlinzeke izidingo zenu ngokwezimo zenu. Lokhu ukuthi, uMoya ukhuluma usebenze ngokwezimo zabantu; uMoya ubheka konke usebenze noma ingasiphi isikhathi nanoma ikuyiphi indawo. Lokhu engikwenzayo, engikushoyo, engikubeka phezu kwenu nenginipha kona, ngaphandle kokukhetha, ilokhu enikudingayo. Yingakho Ngithi awukho umsebenzi Wami ohlukene nokuyiqiniso; konke kuyiqiniso, ngoba nonke niyazi ukuthi “uMoya kaNkulunkulu ubona konke.” Uma ngabe konke lokhu kwakunqunyiwe ngaphambilini, ngabe azange kube sobala? Nicabanga ukuthi uNkulunkulu wasebenza iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha wase enza ukuthi abantu bamhlamuke, baqine, babe nobuqili, nokuba nenyama, babe nesimo sikaSathane esikhohlakele, inkanuko yamehlo, kanye nokuzenzela. Lokhu kwakungahleliwe kuqala, kodwa kwakungenxa yenkohlakalo kaSathane. Abanye bazothi, “Isandla sikaNkulunkulu sasingafinyeleli kuSathane? UNkulunkulu wayehlelile ukuthi uSathane uzokhohlakalisa umuntu ngale ndlela, bese emva kwalokho enza umsebenzi Wakhe kubantu.” UNkulunkulu angakuhlela ngempela ukuthi uSathane akhohlakalise abantu? Yena ufisa nje ukuthi abantu baphile izimpilo ezijwayelekile; engazihlukumeza izimpilo zabantu? Uma kunjalo ukunqoba uSathane nokusindisa abantu angeke kube umzamo weze leze? Kungahlelwa kanjani ukuhlubuka kwabantu? Empeleni kwakungukuhlukumeza kukaSathane, kungahlelwa kanjani lokho uNkulunkulu? USathane osesandleni sikaNkulunkulu nina enikuqondayo kanye nosathane esandleni sikaNkulunkulu lo mina engikhuluma ngaye behlukile kakhulu. Ngokwezitatimende zenu ezithi “uNkulunkulu ungusomandla, futhi uSathane usezandleni Zakhe,” uSathane ubengeke amdayise. Anizange nisho ukuthi uNkulunkulu ungusomandla? Ulwazi lwenu olwengqondo kuphela kanti aluhambisani nobuqiniso bempilo; alunasisindo futhi alusebenzi! UNkulunkulu ungusomandla; lokhu akulona neze iphutha. Ingelosi enkulu yamdayisa uNkulunkulu ngoba uNkulunkulu waqala wayinika ingxenye yegunya. Yebo, lokhu kwakuyisenzo esingalindelekile, njengoba no-Eva awela esilingweni senyoka. Kodwa-ke, noma uSathane angakwenza kanjani ukukhohlakala kwakhe, akafani noNkulunkulu akunawo amandla onke. Njengoba nishilo, uSathane unamandla; noma ngabe yini ayenzayo, igunya likaNkulunkulu liyakunqoba. Lena iyona ncazelo yeqiniso esishweni esithi “uNkulunkulu usomandla, kanti uSathane usezandleni Zakhe.” Ngakho-ke, impi phakathi Kwakhe noSathane kumele iliwe isinyathelo ngasinye ngesikhathi; okunye, ukuthi umsebenzi Wakhe uwuhlela ngoba ephendula emaqhingeni kaSathane. Lokhu kungukuthi, ngokweminyaka, usindisa abantu bese embula ukuhlakanipha Kwakhe nokuba ngusomandla Kwakhe. Kanjalo, umsebenzi wezinsuku zokugcina wawungahleliwe ngaphambi kweMinyaka yoMusa; azange uhlelwe ngokulandela lolu hlelo: Okokuqala, ukwenza isimo somuntu sangaphandle sishintshe; okwesibili, ukwenza umuntu athole isijeziso nokushushiswa kwakhe; okwesithathu, ukwenza abantu babone ukufa; okwesine, ukwenza abantu babone izikhathi zokuthanda uNkulunkulu nokusho izinqumo zomuntu odaliwe; okwesihlanu, ukwenza umuntu abone intando kaNkulunkulu nokwazi umuntu ngokuphelele, bese uphelelisa umuntu. Azange azihlele zonke lezi zinto ngesikhathi seNkathi yoMusa; kunalokho, waqala ukuzihlela kule minyaka yamanje. USathane uyasebenza, kanjalo noNkulunkulu. USathane umbula isimo sakhe senkohlakalo, kanti uNkulunkulu ukhuluma ngqo bese embula izinto ezinobuqu obuthile. Lona ngumsebenzi owenziwa namuhla, futhi lo mgomo wokusebenza wawusetshenziswa kudala, emva kokudalwa komhlaba.
UNkulunkulu waqala wadala u-Adamu no-Eva, wase edala nenyoka. Phakathi kwazo zonke izinto, inyoka yiyo eyayinobuthi; umzimba wayo ubunobuthi obubizwa ngesihlungu, uSathane yena wasebenzisa lobu buthi ekwenzeni kwakhe. Kwakuyinyoka eyalingela u-Eva esonweni. U-Adamu wona emva kokuthi u-Eva onile, bobabili base bekwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Uma uJehova wayazile ukuthi inyoka izolinga u-Eva, nokuthi u-Eva uzolinga u-Adamu, wayebabekelani bonke phakathi ensimini? Uma wayekwazi ukuzibona lezi zinto zingakenzeki, wayeyidalelani inyoka bese eyibeka phakathi eNsimini yase-Edene? Kungani iNsimu yase-Edene yayinezithelo zesihlahla sokwazi okuhle nokubi? Wayeqonde ukuthi badle isithelo? Uma uJehova eza akekho phakathi kuka-Adamu no-Eva owalokotha wamqonda ngalokhu, kungalesi sikhathi uJehova azi khona ukuthi badle isithelo somuthi wokwazi okuhle nokubi bawela esilingweni senyoka. Ekugcineni wayiqalekisa inyoka, waqalekisa no-Adamu no-Eva. UJehova azange azi ngenkathi bobabili bebedla isithelo sesihlahla sokwazi. Abantu bakhohlakala baze baba nobubi bangaba nasimilo kwezocansi, kwaze kwaba ukuthi nezinto abazigcine ezinhliziyweni zabo zaziwububi zingalungile; zazingcolile zonke. UJehova ngalokhu wazisola ngokudala abantu. Emva kwalokho wenza umsebenzi Wakhe wokubhubhisa umhlaba ngozamcolo, lapho okwasinda khona uNowa namadodana akhe. Ezinye izinto azikho phezulu kakhulu futhi azikho ngaphandle kwamandla ajwayelekile njengoba abantu becabanga. Abanye bayabuza: Njengoba uJehova wayazi ukuthi ingelosi enkulu izomdayisa, wayeyidalelani? Nanka amaqiniso: Ngenkathi umhlaba ungakabibikho, ingelosi enkulu yayiyingelosi enkulu kunazo zonke ezulwini. Yiyo eyayinegunya phezu kwezinye izingelosi ezulwini; leli igunya uNkulunkulu ayinika lona. Ngaphandle kukaNkulunkulu, yiyo eyayinkulu kunezinye izingelosi ezulwini. Emva kwesikhathi uma uNkulunkulu esedala abantu, ingelosi enkulu yaba nokungathembeki okukhulu kuNkulunkulu emhlabeni. Sithi azange ithembeke kuNkulunkulu ngoba yayifuna ukuphatha abantu nokuba namandla angaphezulu kukaNkulunkulu. Kwakuyingelosi enkulu eyalinga u-Eva ukuthi one; yakwenza lokhu ngoba yayifuna ukusungula owayo umbuso emhlabeni yenze abantu baphendukele uNkulunkulu bahloniphe yona. Lokhu kwakungenxa yokuthi zaziningi izinto ezaziyihlonipha; izingelosi zaziyihlonipha, kanjalo nabantu emhlabeni. Izinyoni nezilwane zasendle, izihlahla, namahlathi, izintaba, nemifula nakho konke okwakusemhlabeni kwakunakekelwa umuntu – lowo kwakungu-Adamu no-Eva – njengoba u-Adamu no-Eva bebeyihlonipha. Ingelosi enkulu yabe isinxanela ukudlula igunya likaNkulunkulu nokumdayisa. Ekuhambeni kwesikhathi yaholela ekutheni nezinye izingelosi zingathembeki kuNkulunkulu, okwaba yimimoya eminingi emibi eyehlukene. Ngabe ukushintsha kwabantu kuze kube yimanje akuzange kubangelwe inkohlakalo yengelosi enkulu? Abantu bayilokhu abayikho namuhla ngenxa yokuthi ingelosi enkulu ayithembekanga kuNkulunkulu yase ikhohlakalisa abantu. Lesi sinyathelo ngesinyathelo somsebenzi asikho engqondweni futhi asilula njengoba abantu becabanga. USathane wenza ukungathembeki kuNkulunkulu ngesizathu. Abantu abakwazi ukuqonda into elula ngalolu hlobo. UNkulunkulu wayelidalelani izulu nomhlaba nakho konke, waphinde wadala noSathane? Njengoba emnyanya kangaka uSathane, noSathane eyisitha Sakhe, wayemdalelani uSathane? Ngokudala uSathane, wayengazidaleli isitha? UNkulunkulu azange adale isitha; kunalokho, wadala ingelosi, kwathi emva kwesikhathi ingelosi yangathembeka Kuye. Yayinegama elikhulu yaziwa yaze yanxanela ukungathembeki kuNkulunkulu. Omunye angathi lokhu kwaziqondanela nje, kodwa kwakuyinto eyayingeke igwemeke. Kuyafana nokuthi omunye ngeke akugweme ukufa ngesikhathi esithile; izinto sezishintshile esikhathini esithile. Bakhona nalabo abangenangqondo abathi: Njengaoba uSathane eyisitha Sakho, wawumudalelani? Wawungazi ukuthi ingelosi enkulu izokudayisa? Awukwazi ukubona kusuka kungunaphakade kuya kungunaphakade? Awuyazi ukuthi injani? Njengoba wawazi ukuthi izokudayisa, wayenzelani yaba ingelosi enkulu? Noma ngabe siyakuziba ukungathembeki kuNkulunkulu kwayo, yayihola izingelosi eziningi yehlela ezweni labafayo yazokhohlisa abantu; kuze kube manje, awukakwazi ukuqeda uhlelo Lwakho lokuphatha umsebenzi lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngabe kuyiqiniso lokhu? Awuzifaki enkingeni engenasidingo? Abanye basathi: Ukube uSathane azange akhohlakalise abantu kuze kube manje, uNkulunkulu ngabe akabasindisanga abantu ngale ndlela. Uma kunjalo ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuba ngusomandla Kwakhe ngabe azange kubonakale; ukuhlakanipha Kwakhe bebuzozimbula kuphi? Ngalokho-ke uNkulunkulu wadala abantu ebadalela uSathane; esikhathini esizayo uNkulunkulu uzombula ukuba ngusomandla Kwakhe – kungenjalo abantu bazokwazi kanjani ukuhlakanipha kukaNkulunkulu? Ukube abantu azange bamnqabe bamhlamuke, sasingeke sibe khona isidingo sokuthi imisebenzi Yakhe ibonakale kubo. Uma zonke izidalwa bezimkhonza zimhlonipha, ngabe akanawo umsebenzi angawenza. Lokhu kuqhelelene kakhulu neqiniso lezinto, ngoba ayikho into engcolile ngoNkulunkulu, ngakho-ke ngeke adale ukungcola. Izenzo Zakhe uzembula manje ngoba esefuna ukunqoba isitha, ukusindisa abantu, abadala Yena, ukunqoba amademoni noSathane, omzondayo Yena, omdayisayo omnqabayo, owayengaphansi kombuso Wakhe engowakhe kusukela ekuqaleni; ufuna ukunqoba lawa mademoni ngokwenza lokhu abonakalise ukuthi ungusomandla kuzo zonke izinto. Abantu nakho konke okusemhlabeni manje bangaphansi kukaSathane ngaphansi kobubi. UNkulunkulu ufuna ukumbula izenzo Zakhe kuzo zonke izinto ukuze abantu bazomazi, ngalokho anqobe uSathane anqobe nezitha Zakhe. Wonke lo msebenzi uzofezeka ngokwembula izenzo Zakhe. Zonke izidalwa Zakhe zingaphansi kukaSathane, ngalokho-ke ufisa ukuveza ukuthi ungusomandla kubo, ngokunqoba uSathane. Ukube ubengekho uSathane, ubengeke adinge ukuthi aveze izenzo Zakhe. Ukube bekungekona ukuhlupha kukaSathane, ngabe wadala abantu wabaholela ekuphileni eNsimini yase-Edene. Kungani engazimbulanga izenzo Zakhe phambi kwezingelosi noma kwengelosi enkulu ngaphambi kokuthi uSathane angathembeki Kuye? Ukube izingelosi kanye nengelosi enkulu zamazi Yena, zamhlonipha kwasekuqaleni, ngabe azange azenze lezi zenzo ezingenamsebenzi. Ngenxa yokuba khona kukaSathane namademoni, abantu bayamnqaba base begcwalisa imiqondo yabo ngesimo sokuhlubuka, ngalokho uNkulunkulu ufuna ukwembula izenzo Zakhe. Ngoba ufuna ukungena empini noSathane, kumele asebenzise igunya Lakhe ukuze anqobe uSathane asebenzise izenzo Zakhe ukunqoba uSathane; ngale ndlela, umsebenzi Wakhe wokusindisa awenza kubantu uzokwenza abantu babone ukuhlakanipha nokuba ngusomandla Kwakhe. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu namuhla mkhulu futhi awusikho lokhu abanye abakushoyo: “Umsebenzi owenzayo awuphikisani? Ngabe lolu chungechunge lomsebenzi akukona nje ukuzihlupha Wena ngokwakho? Wadala uSathane, myeke akudayise angakufuni. Wadala abantu, wabanikela kuSathane, wayekela u-Adamu no-Eva balingwe. Njengoba zonke lezi zinto wazenza ngenhloso, kungani ubenyanya abantu? Kungani umenyanya uSathane? Akuzona izinto ezenziwa Nguwe lezi? Yini ngempela oyizondayo? Abantu abaningi abangenangqondo bengakusho lokho. Bayathanda ukuthanda uNkulunkulu, kodwa ezinhliziyweni zabo bayakhalaza ngoNkulunkulu – kwaze kwaphambana!Aniliqondi iqiniso, ninemicabango eminingi yokungaphezulu kwamandla endalo, nize nithi lokhu yiphutha likaNkulunkulu – aniphilile! Yinina enadlala ngeqiniso; akusilo iphutha likaNkulunkulu! Abanye abantu balokhu bekhalaza: Nguwe owadala uSathane, Nguwe owanikela abantu kuSathane. Abantu banesimo sikaSathane; esikhundleni sokuthi ubaxolele, ubanyanya kakhulu. Ekuqaleni wabathanda abantu. Waletha uSathane emhlabeni wabantu, manje usuyabenyanya abantu. Nguwe onyanya nothanda abantu – ukuchaza kanjani lokhu? Ngabe akusikho ukushayisana lokhu? Noma ngabe ukubuka kanjani, yilokhu okwenzeka ezulwini; ingelosi enkulu yenza ukungathembeki kuNkulunkulu ngale ndlela, nabantu bakhohlakaliswa ngale ndlela basaqhubeka kuze kube manje ngale ndlela. Noma ngabe ukubeka kanjani, luphelele lolu daba. Kodwa-ke, kumele niqonde ukuthi uNkulunkulu wenza umsebenzi wanamuhla ukuze asindise nina, nokuthi anqobe uSathane.
Ngenxa yokuthi ingelosi yayibuthaka futhi ingenakhono, yayizozikhukhumeza uma inikwa igunya, ikakhulukazi ingelosi enkulu, eyayinegama eliphakeme kunezinye izingelosi. Ingelosi enkulu yayiyinkosi yezinye izingelosi. Yayihola izigidi ngezigidi zezingelosi, kanti ngaphansi kukaJehova igunya layo lalingaphezulu kwelezinye izingelosi. Yayifuna ukwenza lokhu nalokhuya, nokuhola izingelosi ziye ezweni labantu ukuyophatha umhlaba. UNkulunkulu wathi Nguye ophethe umhlaba jikelele; ingelosi enkulu yathi umhlaba jikelele uphethwe yiyo, ngalokho-ke, yangathembeka kuNkulunkulu. Ezulwini, uNkulunkulu wadala omunye umhlaba. Ingelosi enkulu yayifisa ukuphatha lowo mhlaba nokuphinda yehle ize ezweni labantu. UNkulunkulu ubengayivumela yenze lokhu? Yikho-ke ayiwisela phansi emkhathini. Selokhu akhohlakalisa abantu, uNkulunkulu wasusa impi nayo ukuze azosindisa abantu; usebenzise le minyaka yezinkulungwane eziyisithupha ukumnqoba. Ulwazi eninalo ngosomandla uNkulunkulu lungeqhathaniswe nomsebenzi uNkulunkulu awenzayo manje; awusebenzi ngokwenza futhi awenzi mqondo! Empeleni, uNkulunkulu wathi ingelosi enkulu iyisitha Sakhe emva kokuthi yenze ukungathembeki Kuye. Kwakungenxa yokungathembeki kwakhe okwenza awele kubantu emva kokufika emhlabeni wabantu, kungenxa yalokhu ukuthi abantu bashintshe kuze kube manje. Emva kwalokhu, uNkulunkulu wenza isifungo noSathane: Ngizokunqoba ngisindise abantu, izidalwa Zami. Ekuqaleni uSathane akakholwanga wathi, Ungangenzani ngempela mina? Ungangiwisela ngempela emkhathini? Unganginqoba ngempela? Emva kokuthi uNkulunkulu emwisele emkhathini, wamyeka wangamnaka waqala wasindisa abantu wenza nomsebenzi Wakhe, yize uSathane eqhubeka emhlukumeza. Konke lokhu uSathane ayekwazi ukukwenza sibonga amandla awanikwa uNkulunkulu; wazithatha lezi zinto waya nazo emkhathini wazigcina kwaze kwaba yimanje. UNkulunkulu wamwisela emkhathini kodwa akazange alibuyise igunya lakhe, ngalokho waqhubeka nokukhohlisa abantu. UNkulunkulu Yena kolunye uhlangothi, waqala wasindisa abantu, laba ababekhohlakaliswe uSathane emva kokudalwa kwabo. UNkulunkulu azange aziveze izenzo Zakhe ngenkathi esesezulwini; kodwa-ke, ngaphambi kokuthi adale umhlaba, wenza ukuthi abantu babone izenzo Zakhe emhlabeni wadala izulu wase ehola abantu esezulwini. Wabanika ukuhlakanipha nobuhlakani, wabaholela ukuthi bahlale kulowo mhlaba. Ngokujwayelekile, akekho kini owake wakuzwa lokhu. Ekuhambeni kwesikhathi, emva kokuthi uNkulunkulu edale abantu, ingelosi enkulu yaqala ukukhohlakalisa abantu; emhlabeni, bonke abantu babesesiphithiphithini. Kulapho-ke aqala khona impi Yakhe noSathane, futhi kungalesi sikhathi lapho abantu babona khona izenzo Zakhe. Ekuqaleni izenzo Zakhe zazifihliwe kubantu. Emva kokuthi uSathane ewiselwe emkhathini, Wanaka izindaba zakhe, noNkulunkulu wanaka umsebenzi Wakhe, eqhubeka elwa noSathane, kwaze kwaba sezinsukwini zokugcina. Manje isikhathi okumele uSathane abhujiswe. Ekuqaleni uNkulunkulu wamnika igunya, ekuhambeni kwesikhathi uNkulunkulu wamwisela emkhathini, kodwa waqhubeka nokungalaleli. Emva kwesikhathi, emhlabeni, wakhohlakalisa abantu, kodwa uNkulunkulu wayesemhlabeni ephethe abantu. UNkulunkulu usebenzisa ukuphatha Kwakhe abantu ukunqoba uSathane. Ngokukhohlakalisa abantu, uSathane wenza abantu bafune ukuqeda nokuhlukumeza umsebenzi kaNkulunkulu. Kolunye uhlangothi umsebenzi kaNkulunkulu ukusindisa abantu. Yisiphi isinyathelo emsebenzini kaNkulunkulu esingadalelwe ukusindisa abantu? Yisiphi isinyathelo esingahloselwe ukuhlambulula abantu, ukubenza benze izinto ezilungile baphile ngendlela eyenza isithombe esingathandeka? USathane, kodwa, akakwenzi lokhu. Ukhohlakalisa abantu; uyaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wokukhohlakalisa abantu emhlabeni jikelele. Yebo, noNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe. Akamnakile uSathane. Noma angaba negunya elingakanani uSathane, igunya walinikwa uNkulunkulu; uNkulunkulu azange amnike lonke igunya Lakhe, ngakho-ke noma ngabe wenzani, angeke kumedlule uNkulunkulu futhi uhlale esesandleni sikaNkulunkulu. UNkulunkulu azange aziveze izenzo Zakhe esasezulwini. Wanika nje uSathane ingxenyana yegunya Lakhe ukuze akwazi ukulawula izingelosi. Ngakho-ke, noma ngabe wenzani, angeke kuledlule igunya likaNkulunkulu, ngoba igunya uNkulunkulu alinika yena ekuqaleni lincane. Uma uNkulunkulu esebenza, uSathane uyahlupha. Ezinsukwini zokugcina, kuzophela ukuhlupha kwakhe; kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu uzophela. UNkulunkulu wenza abantu benze izinto ezinhle; impilo Yakhe amanzi okuphila, ingelinganiswe futhi ayinamkhawulo. USathane usekhohlakalise kakhulu abantu; ekugcineni, amanzi okuphila azomphelelisa umuntu, ngalokho kuzoba nzima ukuthi uSathane agxambukele enze umsebenzi wakhe. Ngalokho, uNkulunkulu uzobazuza ngokuphelele laba bantu. USathane akafuni ukukwamukela lokhu manje; uyaqhubeka nokumbela uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu akamnakile. Wathi, Ngizonqoba wonke amandla obumnyama kaSathane nayo yonke imimoya emibi. Lona umsebenzi okumele wenziwe enyameni, futhi kusho ukuthi kumele uNkulunkulu abe yinyama. Ukuze ezoqedela isigaba somsebenzi wokunqoba uSathane ezinsukwini zokugcina, ukubhubhisa konke okungokukaSathane. Ukunqoba kukaNkulunkulu enqoba uSathane yinto engeke ibalekelwe! USathane wahluleka kudala. Ngenkathi ivangeli liqala ukusabalala ezweni likadrako omkhulu obomvu, lokhu, ingenkathi uNkulunkulu esenyameni eqala ukusebenza lo msebenzi waqalwa, uSathane wanqontshwa, ngoba inyama kwakumele inqobe uSathane. USathane wabona ukuthi uNkulunkulu usephinde waba yinyama waqala futhi ukwenza umsebenzi Wakhe, wabona ukuthi akunamandla angavimba umsebenzi. Ngalokho-ke, washaqeka uma ebona lo msebenzi wangasalingi ukwenza omunye umsebenzi. Ekuqaleni uSathane wacabanga ukuthi naye uhlakaniphile, waphazamisa wahlukumeza umsebenzi kaNkulunkulu; kodwa-ke, wayengalindele ukuthi uNkulunkulu usephinde waba inyama, nokuthi emsebenzini Wakhe, uNkulunkulu usebenzise ukuhlubuka kwakhe ukuletha isambulo nokwahlulela kubantu, ngalokhu wanqoba abantu wanqoba naye. UNkulunkulu unobuhlakani ngaphezu kwakhe, futhi umsebenzi Wakhe mkhulu kunowakhe. Ngakho-ke, nasekuqaleni ngikushilo lokhu: Umsebenzi engiwenzayo ngiwenza ngokuphendula amaqhinga kaSathane. Ekugcineni ngizokwembula ukuba usomandla Kwami nokungabinamandla kukaSathane. Uma uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, uSathane umlandela ngemuva, kuze kube ukuthi ekugcineni uyabhujiswa – angeke azi nokuthi kwenzekeni! Iqiniso uzolibona kuphela uma eseshayiwe wanyathelwa; ngaleso sikhathi uzobe esevutha echibini lomlilo. Uzobe engakakholwa nangaleso sikhathi? Ngoba uzobe engasenawo amaqhinga azowenza!
Isinyathelo ngesinyathelo somsebenzi wangempela okwehlisa inhliziyo kaNkulunkulu ikhathazeka ngabantu, okwenze impi Yakhe noSathane ithathe iminyaka eyizi-6000. Ngalokho uNkulunkulu wathi: Angeke ngiphinde ngidale umuntu, noma nginike izingelosi igunya. Kusukela lapho, uma izingelosi zizosebenza emhlabeni, bezilandela uNkulunkulu ezokwenza umsebenzi. Azange anike izingelosi igunya. Izingelosi ezabonwa ama-Israyeli zawenza kanjani umsebenzi wazo? Zazizimbula emaphusheni zidlulisa amazwi kaJehova. Uma uJesu evuswa emva kwezinsuku ezintathu kade ebethelwe, kwakuyizingelosi ezaginqa itshe zaliyisa eceleni; uMoya kaNkulunkulu azange uzenzele Wona lo msebenzi. Izingelosi zenza lolu hlobo lomsebenzi; zazingabasizi ezindimeni ezazizidlala kodwa zingenagunya, ngoba uNkulunkulu ngeke aphinde azinike igunya. Emva kokusebenza isikhashana, abantu abasetshenziswa uNkulunkulu emhlabeni bathatha indawo kaNkulunkulu bathi, ngifuna ukudlula umhlaba jikelele! Ngifuna ukuma ezulwini lesithathu! Sifuna izintambo zamandla amakhulu! Bazozikhukhumeza emva kwezinsuku ezimbala besebenza; bebefuna amandla amakhulu emhlabeni, bebefuna ukwakha esinye isizwe, bebefuna zonke izinto ezingaphansi kwezinyawo zabo befuna nokuma ezulwini lesithathu. Ngabe uyazi ukuthi ungumuntu nje osetshenziswa nguNkulunkulu? Anganyukela kanjani ezulwini lesithathu? UNkulunkulu uza emhlabeni ezosebenza, buthule engadinge sizo, aphinde ahambe futhi ngesinyenyela emva kokuqeda umsebenzi Wakhe. Akaze acele usizo njengoba kwenza abantu, kodwa ngokweqiniso wenza umsebenzi Wakhe. Futhi akaze angene esontweni amemeze, ngizonibhubhisa! Ngizoniqalekisa nginijezise! Wenza nje umsebenzi Wakhe, ahambe uma eseqedile. Labo bafundisi bezenkolo abaphilisa abantu bakhiphe namademoni, befundisa abanye besepulipiti, bekhuluma izinkulumo ezinde eziphakamisa bona bekhulume ngezinto ezingeke zenzeke, banokuzikhukhumeza! Bayisizukulwane sengelosi enkulu!
Emva kokwenza umsebenzi Wakhe weminyaka eyizi-6,000 kuze kube yimanje, uNkulunkulu ubesenze izenzo eziningi, okukhulu kuwukunqoba uSathane nokusindisa abantu. Usebenzisa leli thuba ukuvumela konke okusezulwini, konke okusemhlabeni, konke okusolwandle nakho konke okudalwe uNkulunkulu emhlabeni ukuthi kubone ukuba ngusomandla Kwakhe babone nezenzo zikaNkulunkulu. Uthatha ithuba lokunqoba uSathane ukuze aveze izenzo Zakhe kubantu ukuze abantu bezomdumisa baphakamise ukuhlakanipha Kwakhe kokunqoba uSathane.
Konke okusemhlabeni, ezulwini, nangaphansi kolwandle kudumisa Yena, kubabaza ubukhulu Bakhe, kubonga izenzo Zakhe zonke kumemeza igama Lakhe elingcwele. Lobu ubufakazi bokunqoba Kwakhe uSathane; okubaluleke kakhulu, kungubufakazi bokusindisa Kwakhe abantu. Yonke indalo kaNkulunkulu iyamudumisa, imukhonzela ukunqoba Kwakhe isitha nokuphumelela Kwakhe bambonge njengeNkosi enkulu enqobile. Inhloso Yakhe akusikho ukunqoba uSathane kuphela, ngakho-ke, umsebenzi Wakhe uqhubeke iminyaka eyizi-6,000. Usebenzisa ukunqoba Kwakhe uSathane ukusindisa abantu; usebenzisa ukunqoba uSathane ukuveza izenzo Zakhe nokwembula udumo Lwakhe. Uzoluthola udumo, nezingelosi zonke zizobona udumo Lwakhe. Izithunywa ezulwini, abantu emhlabeni nayo yonke indalo emhlabeni izobona udumo lukaMdali. Lona ngumsebenzi awenzayo. Zonke izidalwa Zakhe ezulwini nasemhlabeni zizobona udumo Lwakhe, uzobuya enqobile emva kokuhlula uSathane bese abantu beyamdumisa. Uzobe esephumelele ekufezeni kokubili. Ekugcineni bonke abantu bazonqontshwa Nguye, uzobe esebhubhisa bonke abamnqabayo noma abahlubukayo, okungukuthi, uzobhubhisa bonke abangabaSathane. Niyakubona lokhu kwenza kukaNkulunkulu manje, kodwa nisamenqaba niyahlubuka animthobeli; nigcine izinto eziningi ngaphakathi kwenu futhi nenza noma yini eniyifunayo; nilandela izinkanuko zenu, nokunjalo – okuwukuhlubuka; ukumelana Naye. Ukukholelwa kuNkulunkulu okwenziwa yinyama, okwezinkanuko zomuntu, nokuthandwa umuntu, okomhlaba, nokukaSathane, kungcolile; kuwukumelana nokuhlubuka uNkulunkulu. Ziningi izinhlobo zokukholwa manje: Abanye bafuna indawo yokucasha ukuze bazophepha ezinhlekeleleni, abanye bafuna ukuthola izibusiso, abanye bebe befisa ukuqonda izimfihlakalo kanti abanye basazama ukuthola imali. Konke lokhu yizinhlobo zokumelana; zonke ziwukuhlambalaza! Ukuthi umuntu uyamelana noma uyahlubuka – kusuke kungashiwo lokhu? Abantu abaningi manje bayakhalaza, noma bahlulele. Kukhona izinto ezenziwa ababi; bangabantu abamelanayo nabahlubukayo; abantu abafana nalaba bangenwe futhi banoSathane. Abantu abazuzwa uNkulunkulu ilabo abamthobela ngokuphelele, labo abakhohlakaliswe uSathane kodwa abasindisiwe banqontshwa umsebenzi Wakhe manje, ababekezelele ukuhlushwa kwathi ekugcineni bazuzwa ngokuphelele uNkulunkulu abangasaphili ngaphansi kwesandla sikaSathane asebekhululekile ekungalungini, abafisa ukuphila impilo yobungcwele – laba abantu abangcwele ngcwele; bangabangcwele. Uma ukwenza kwakho kungahambisani ngisho nengxenye eyodwa kokudingwa uNkulunkulu, uzosuswa. Lokhu akubuzwa. Yonke into yenziwa ngenamuhla; yize ekuhlelele ngaphambilini wakukhetha, izenzo zakho namuhla yizo ezizokhipha umphumela wakho. Uma ungasakwazi ukubekezela manje, uzosuswa. Uma ungakwazi ukubekezela manje, ungathemba kanjani[a] ukuthi uzokwazi esikhathini esizayo? Manje ngoba isimanga esikhulu sesivelile phambi kwenu, anikakholwa. Ngitsheleni, nizomkholwa kanjani esikhathini esizayo, uma eseqede umsebenzi Wakhe engasawenzi umsebenzi ofana nalona? Ngaleso sikhathi kuzobe sekunzima kakhulu ngisho nokumlandela! Esikhathini esizayo uNkulunkulu uzothembela endleleni yakho yokubuka izinto kanye nolwazi lwakho ngomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni futhi lokhu okubonile nodlule kukho kuzoveza ukuthi unesono noma ulungile, noma ukuthola ukuthi ungophelelisiwe noma osusiwe. Kumele nibonisise manje. UMoya Oyingcwele uyasebenza ngakho-ke: Umphumela wakho uwuthola ngokwendlela oziphethe ngayo manje. Ubani okhuluma amazwi anamuhla? Ubani owenza umsebenzi wanamuhla? Ubani onqumayo ukuthi uzosuswa namuhla? Ubani onqumayo ukukuphelelisa? Akusikho lokhu engikwenza Mina uqobo? Yimi okhuluma lawa mazwi; Yimi owenza lo msebenzi. Ukuqalekisa, ukujezisa nokwahlulela abantu konke lokhu kuyingxenye yomsebenzi Wami. Ekugcineni, ukunisusa kuzoba umsebenzi Wami. Konke kuyindaba Yami! Ukuniphelelisa kuyindaba Yami, ukuniyeka nithokozele izibusiso nakho kuyindaba Yami. Konke lokhu umsebenzi Wami. Imiphumela Yenu azange ihlelwe ngaphambilini nguJehova; itholwa uNkulunkulu wanamuhla. Itholwa manje; azange itholwe ngaphambi kokudalwa komhlaba. Abanye abantu abangenangqondo bathi, mhlawumbe kukhona okungalungile ngamehlo Akho, futhi awungiboni ngendlela okumele ungibone ngayo. Ekugcineni uzobona ukuthi uMoya Oyingcwele uzenza kanjani zonke izinto! Ekuqaleni uJesu wakhetha uJuda njengomfundi Wakhe. Abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu wenza iphutha ngaye. Wayemkhethelani umfundi ongeke athembeke Kuye? Ekuqaleni uJuda wayengenazinhloso zokudayisa uJesu. Lokhu kwenzeka ekuhambeni kwesikhathi. Ngalesi sikhathi, uJesu wayembuke wamamukela; wenza ukuthi amlandele wabuye wamenza kwaba nguye obheka izimali zabo. Ukube wayazi ukuthi uJuda uzoyikhwabanisa imali, ngabe azange ambeke ukuthi abheke izimali. Singathi ekuqaleni uNkulunkulu wayengazi ukuthi le ndoda ayilungile futhi ingumkhohlisi futhi ibikhohlisa abafowabo nodadewabo. Ekuhambeni kwesikhathi, emva kokuthi uJuda eselandele isikhathi eside, uJesu wambona ekhohlisa abafowabo nodadewabo, wakhohlisa noNkulunkulu. Abantu baphinde bathola nokuthi ubesebenzisa imali esesikhwameni semali, base betshela uJesu. UJesu wazi ngalokhu ngalesi sikhathi. Ngenxa yokuthi uJesu kwakumele enze umsebenzi wokubethelwa futhi edinga umuntu ozomdayisa, uJuda kwamfanela ukudlala le ndima, uJesu wathi, Kukhona omunye phakathi kwenu ozongikhaphela. Indodana yomuntu izosebenzisa lokhu kukhashelwa ukuze ibethelwe bese iyavuka ezinsukwini ezintathu. Ngalesi sikhathi, uJesu akazange akhethe uJuda ukuze amkhaphele; kunalokho, wayefisa ukuthi uJuda abe umfundi othembekile. Wamangala uma uJuda eseba umuntu omubi ongathembeki kuNkulunkulu, wabe esesebenzisa lesi simo wakhetha uJuda ukuze enze lo msebenzi. Ukube bonke abafundi bakaJesu bobayishumi nambili bathembeka, kwangaba khona ofana noJuda phakathi kwabo, umuntu owayezokhaphela uJesu kwakuzoba ngumuntu ongekho phakathi kwabafundi. Kodwa-ke, ngalesi sikhathi kwenzeka ukuthi kube khona phakathi kwabo ojabulela ukufunjathiswa – uJuda. UJesu ngalokho wasebenzisa le ndoda ukufeza umsebenzi Wakhe. Kwakulula kanjani lokhu! UJesu azange akuhlele ngaphambilini ekuqaleni komsebenzi Wakhe; lesi sinqumo wasenza emva kokuthi izinto sezishintshe zaba kwesinye isinyathelo. Lesi kwakuyisinqumo sikaJesu, siphi, isinqumo sikaMoya kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ngaleso sikhathi kwakuwuJesu owakhetha uJuda; ekuhambeni kwesikhathi uma uJuda esengathembeki kuJesu, lokhu kwase kuwukwenza kukaMoya Oyingcwle ukuze ezofezekisa okungumsebenzi Wakhe; kwakuwumsebenzi kaMoya Oyingcwele ngalesi sikhathi. Ngenkathi uJesu ekhetha uJuda Iskariyothe. Imiphumela yakho itholakala nangokwezinga lakho lokuthoba namuhla nangokwezinga lokukhula empilweni, hhayi ngokombono wabantu ngendlela ababona ngayo yokuthi “wahlelwa ngaphambilini ekudalweni komhlaba.” Kumele niziqaphelisise lezi zinto. Wonke lo msebenzi awenziwa ngendlela enicabanga ngayo.
Imibhalo yaphansi:
- Umbhalo wasekuqaleni awukufaki ukuthi “uze uthembe”. UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA
Awekho amazwana:
Thumela amazwana