1/24/17

Izwi Lesikhombisa

Wonke amagatsha asentshonalanga kufanele alalele iphimbo Lami:
Nike nethembekela yini Kimi ngaphambilini? Ngabe niye nawahlonipha amazwi okuyala Kwami amahle? Ngabe ninawo yini amathemba aphilayo futhi angekho mfiliba futhi naqinisekisiweyo? Ubuqotho bomuntu, uthando lwakhe, ukholo lwakhe— kungebe khona kumuntu uma kungaveli Kimina, angeke kube khona nakunye ngaphandle kwalokho akunikezwe Yimina. 

Bantu Bami, uma nilalela amazwi Ami, ngabe niyayiqonda yini intando Yami? Ngabe niyayibona yini inhliziyo Yami? Phambilini, njengalokhu benihamba kule ndlela yokungisebenzela, nihlangabezane nobuhle nobunzima, naqhubeka, nakhubeka, kanti futhi kuye kwaba nezikhathi lapho naba sengozini yokuwa nangokuthengisa Ngami uqobo; kodwa ngabe nanazi yini ukuthi ngaso sonke isikhathi ngangenza umsebenzi wokunihlenga? Nokuthi ngaso sonke isikhathi ngangihlala njalo ngikhuluma ngezwi Lami nginibiza ukuze nginisindise? Ngabe zingaki izikhathi lapho nike nawela khona ogibeni lukaSathane? Ngabe sekuyizikhathi ezingaki lapho niye nangena khona ogibeni lwezihibe zabantu? Kanti futhi, ngabe sekukangaki, lapho nehluleka khona ukuziyekela, naba nokubanga okungenamkhawulo phakathi kwenu na? Ngabe sekuyizikhathi ezingaki imizimba yenu iba sendlini Yami kepha izinhliziyo zenu zikwenye indawo engingayazi Kwamina ukuthi ikuphi? Nakuba kunjalo, ngabe sekuyizikhathi ezingaki nginelulela isandla Sami esisindisayo ukuze nginiphakamise; ngabe sekukangaki nginitshalela imbewu yomusa; ngabe sekukangaki ngingakwazi ukubekezelela ukubona isimo esingesihle nesidabukisayo sokuhlupheka kwenu? Ngabe kukangaki … kanazi?
Kodwa namhlanje, ngenxa yokuba kwenu ngaphansi Kwami, nikwazile ekugcineni ukunqoba bonke ubunzima nakwazi ukungena entokozweni kanye Nami; lokhu-ke kuwukukhanyiswa nokucaciswa kobuhlakani Bami. Nakuba kunjalo-ke, kukhumbuleni kahle lokhu! Ngabe ubani phakathi kwenu oye wawa kodwa ebe esaqhubeka nokuba namandla? Ubani lapha phakathi kwenu oye waba namandla ngaphandle kokuthi abe nezikhathi zokuba buthakathaka? Phakathi kwabantu, ngabe ubani oye wathokozela isibusiso esingazange sivele Kimina na? Ubani oye waba nanoma yiliphi ilishwa kepha elingaveli Kimina na? Ngabe kungenzeka yini ukuba bonke labo Abangithandayo bathola izibusiso kuphela? Ngabe kungenzeka yini ukuba amashwa avelela uJobe ngoba wehluleka ukungithanda kepha wangiphika? Ngabe kungenzeka yini ukuba uPawulu wangisebenzela ngobuqotho ngikhona ngoba wayekwazi ukungithanda ngeqiniso? Yize ningakwazi ukuthi nibambelele ebufakazini Bami, ngabe angaba khona yini omunye phakathi kwenu onobufakazi obufana negolide elimsulwa, obungangcolisiwe ukungalungi? Ngabe umuntu angakwazi yini ukwethembeka ngokuyiqiniso? Ukuthi ubufakazi benu Bunginikeza ukuthokoza akushayisani “nobuqotho,” benu ngoba Mina angikaze ngifune lutho olungaphezu kwamandla kunoma wubani. Ukuba bekuya ngokwenhloso yohlelo Lwami lokuqala, nonke beniyothathwa ngokuthi “ningamasekeni nje—kanenelisi.” Ngabe lokhu kakusisona yini isibonelo salokho enganitshela khona “ukutshala imbewu yomusa”? Ngabe lokhu enikubonayo akusiyona yini insindiso Yami?
Nonke nifanelwe ukucabanga nibheke emuva: Kusukela ngabuya endlini Yami, ngabe ukhona yini umuntu lapha okuthi, ngaphandle kokubheka ukuzuza noma ukulahlekelwa kwakhe, akwazi ukungazi ngendlela uPetru angazi ngayo? Nina ninomthombo weBhayibheli kepha ngabe nikwazile yini ukuphuza okuthile okubalulekile kuwona? Ngisho noma kunjalo, namanje nisaphokophelele ukubambelela “efeni lenu,” anifuni ukulidedela. Uma ngiphimisa amazwi, ngikhuluma nani ubuso nobuso, ngubani phakathi kwenu oye wafaka “umgoqwane” ovaliwe ukuba athole amazwi okuphila enginivezele wona? Niwashaya indiva amazwi Ami, futhi aniwathokozeli. Okunalokho amazwi Ami niwasebenzisa njengesibhamu esiwumshini ozishintshayo ukudubula izitha zenu khona nizokwazi ukugcina izikhundla zenu; anizami ngisho nakancane ukwamukela ukwahlulela Kwami ukuze ningazi… Wonke umuntu phakathi kwenu ukhomba omunye esweni, omunye uvikela iso lakhe, futhi nonke “aninamuhobholo”, nonke “nicabangela abanye abantu” kuzona zonke izimo, ngabe akusikhona yini lokho ebenikwenza izolo? Namhlanje khona-ke? “Ubuqotho” benu sebenyuke kancane ngamanenjana athile, nonke senikhulile kunakuqala, seniqala ukuvuthwa kancane, futhi ngenxa yalokhu “ukungesaba” kwenu kuye kwathi ukukhula kancane futhi akukho namunye “ongenza yinoma yikanjani.” Pho kungani nisesimweni lapho nilokhu niqhubeka nokungenzi lutho? Kungani ngaso sonke isikhathi kuhlale kungekho okuhle okutholakalayo kinina? Maye, bantu Bami! Okudala kwedlulile; akusafanele ukuthi nibambelele kokwedlule. Njengoba nikwazile ukuma nethembeka izolo, namhlanje yithuba lenu futhi lokuthi nibonakalise ubuqotho benu beqiniso Kimi, kanti futhi ngaphezu kwalokho kumele kube yinina eninobufakazi obuhle Ngami kusasa, nokuyilapho-ke niyoba nesabelo kwisibusiso sami ngomuso. Yilokhu-ke okumele nikuqonde.
Nakuba ngingekho phambi kwenu, kepha uMoya wami uyakuninika umusa. Ngiyethemba ukuthi niyakusigcina isibusiso sami, futhi nikwazi, ngokwethembela kulokhu, ukuthi nizazi nina uqobo. Ningakuthathi lokhu nikwenze ifa lenu, kodwa, kunalokho kumele nikusebenzisele ukugcwalisa lokho eningenakho phakathi kwamazwi Ami, bese kuthi kulokhu, nikwazi ukuthola izithelo ezinhle enizidingayo. Lona-ke umyalezo enginishiya nawo!
kuNhlolanja 28, 1992
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA

Awekho amazwana:

Thumela amazwana