1/23/17

Izwi Leshumi Nesithupha

Kuningi kakhulu engifisa ukukusho kubantu, ziningi kakhulu izinto engabe ngizitshela umuntu. Kodwa amandla omuntu okukwazi ukwamukela mancane kakhulu. Umuntu akakwazi ukubamba ngokupheleleyo amazwi Ami ngalokho engikushoyo nengikuhlinzekayo, kepha umuntu uqonda okukodwa kuphela bese engazi lutho ngalokhu okunye.

 Naphezu kwakho konke lokho, Mina angimbulali umuntu ngenxa yokungabi namandla kwakhe, futhi angithukutheliswa ukuba buthakathaka kwakhe. Mina nje kuphela ngizenzela umsebenzi Wami, bese futhi ngikhuluma njengalokhu ngihlale ngenza, yize umuntu engayiqondi intando Yami; kepha uma usuku selufikile, abantu bayongazi ekujuleni kwezinhliziyo zabo, futhi bayohlala bengikhumbula njalo emicabangweni yabo. Lapho kufika isikhathi sokuba Mina ngihambe kulo mhlaba, kuyoba yisikhathi esifanayo ncamashi nesikhathi engingena ngaso embusweni wenhliziyo yomuntu, okusho ukuthi, kuyoba yisikhathi lapho bonke abantu bezongazi. Futhi kuyoba yisikhathi lapho khona amadodana Ami nabantu Bami bezobusa emhlabeni. Labo abangaziyo Mina nakanjani bayoba yizinsika zombuso Wami, futhi bayoba nelungelo lokubusa nokuba namandla embusweni Wami. Bonke labo abangaziyo Banami uqobo, futhi bayokwazi ukungiphila naphakathi kwabantu. Angikhathali ukuthi umuntu ungazi kangakanani: Akukho namunye ongakwazi ukuvimba umsebenzi Wami nganoma yingayiphi indlela, futhi akukho lusizo umuntu anganginika lona futhi angeke angenzele lutho. Umuntu angakwazi ukulandela umyalelo wokukhanya Kwami bese efuna intando Yami kulokhu kukhanya. Namhlanje, abantu sebezenze abafanelekile, sebecabanga ukuthi bangahamba baze badadlaze phambi Kwami, bese behleka bephinda bencokola Nami bengenakho ngisho nokuncane ukuzithiba, konke kwenzeke udede nje, bese bekhuluma Nami noma kanjani nje kube sengathi bakhuluma nontanga yabo. Namanje umuntu akakangazi Mina, kusho ukuthi namanje usakholelwa wukuthi sicishe sifane nje, ucabanga ukuthi Mina naye singabenyama negazi futhi sobabili sihlala emhlabeni wabantu. Inhlonipho anayo umuntu Ngami yincane kakhulu; umuntu ungihlonipha kuphela uma ephambi Kwami, kodwa akakwazi ukungisebenzela phambi koMoya. Futhi kuba sengathi, ngokokwenza komuntu, uMoya yinto engekho ngisho ukuba khona. Ngalokho, akekho umuntu oke wazi uMoya, bonke abantu bazibonela igazi nenyama kuphela ekuzibonakaliseni Kwami kanti abawunakile nokuwunaka uMoya kaNkulunkulu. Ingakwazi yini ukufezekiswa intando Yami ngale ndlela? Abantu bangochwepheshe ekungikhohliseni Mina; kubukeka sengathi uSathane ubaqeqeshe kahle kakhulu ukuthi benze Mina isilima. Yize kunjalo, Mina anginandaba noSathane lowo. Ngizosebenzisa ubuhlakani Bami ukunqoba bonke abantu bese ngehlula umedukisi wabo bonke abantu ukuze kwakheke umbuso Wami emhlabeni.
Phakathi kwabantu, kukhona abaye bazama ukuqinisekisa ubungako bezinkanyezi, noma ubungako bomkhathi wonkana. Yize kunjalo lokho kucwaninga kwabo akukaze nakanye kuthele izithelo ezinempumelelo, okusho ukuthi akukho abangakwenza ngaphandle kokugebisa amakhanda benamahloni futhi bazi ukuthi behlulekile. Uma ngibabheka bonke abantu futhi ngibuka nesimo sokuma kwabo nokungaphumeleli kwabo, angiboni ngisho namunye phakathi kwabo othatheke ngokuphelele Ngami, akukho namunye ongihloniphayo futhi ozithobile Kimi. Maye ngokuduka nokulahleka komuntu! Ngenkathi ubuso bonke bokujula nokushona bumnyama, phakathi kwabantu, ngaqala ukunambitha ukubaba komhlaba. Umoya Wami uhamba emhlabeni wonke ubheka izinhliziyo zabo bonke abantu, yebo kepha nalapho, ngabe ngiyakwazi ukunqoba umuntu ngokuphila kwenyama Yami. Umuntu akangiboni Mina, ngoba uyimpumputhe; umuntu akangazi Mina, ngoba akasezwa lutho; umuntu umelene Nami, ngoba akalaleli; umuntu uyeza ukuzoguqa phambi Kwami, ngoba ngimahlule; umuntu uyakubonisa ukungithanda; ngoba ngokwendalo Yami ngifanelwe wuthando lomuntu; umuntu uphila impilo yami futhi abonise Ubumina, ngoba amandla Ami kanye nobuhlakani Bami kwenza ukuthi abe wumuntu ofuna inhliziyo yami. Mina nginendawo enhliziyweni yomuntu, kodwa angikaze nanini ngithole uthando lomuntu Oluyimi emoyeni wakhe. Yebo kanjalo, kukhona izinto emoyeni womuntu azithanda ukwedlula zonke ezinye izinto, kepha Mina angiyona ingxenye yalezo zinto, kanti lokho kusho ukuthi uthando lomuntu lufana namagwebu ensipho. Lapho umoya uvunguza, ayahlakazeka bese kuba wukushabalala kwawo njalo, angaphinde abonakale. Mina ngaso sonke isikhathi bengingashintshi nhlobofuthi ngingayishintshi indlela engibuka ngayo umuntu. Ngabe ukhona yini phakathi kwenu ongakwazi ukwenza njengoba Mina ngenza? Emehlweni omuntu, ngibukeka ngiyinto engaphili futhi engabonakali njengomoya, kanti kungenxa yalesi sizathu-ke abantu abaningi bengifuna esibhakabhakeni esingenamngcele, noma bangifune olwandle olugubhukayo noma bangifune emachibini amile, noma bangifune phakathi kwezincwadi nezimfundiso ezingenalutho. Akukho namunye umuntu owazi ubunjalo bomuntu, angiyiphathi-ke eyokwazi okwenzeka ngaphakathi Kimi, ngakho-ke Mina angilindele ukuthi umuntu afike ezingeni eliphezulu kakhulu leli acabanga ukuthi ngiyalidinga kuye.
Amazwi Ami awisa izintaba, ahlehlise nemifula, enza umuntu azithobe, amachibi achichime ngokungaphezi. Nakuba izilwandle zikwazi ukugubha zihhahhame ngokucasuka zibheke esibhakabhakeni, kepha uma zizwa amazwi Ami, lezo zilwandle zizithoba njengephansi lechibi. Ngokunyakaza okuncane nje kwesandla Sami, imimoya emikhulu enamandla iyashabalala ingishiye, umhlaba womuntu uthole ukuthula nokuthobeka. Kepha uma ngiqala ngidedela ulaka lwami, izintaba ziqhekeka ngokushesha, umhlaba uqhaqhazele, amanzi ome nke, bese umuntu eqala ehlelwa yizinhlekelele. Ngenxa yolaka lwami, angikunaki ngisho ukukunaka ukukhala komuntu, angimhlinzeki ngazimpendulo umuntu ekukhaleni kwakhe, ngenxa yokuthi ukuthukuthela Kwami kuyaphakama. Uma ngiphakathi kwamazulu, akukaze ngisho nakanye kwenzeke ukuthi izinkanyezi zitatazeliswe wubukhona Bami. Kunalokho, izinkanyezi zenza ukuthi izinhliziyo zazo zingisebenzele, ngalokho, ngizinikeze ukukhanya okwengeziwe zikhanye kakhulu kunakuqala, ukuze zingitholele inkazimulo. Uma amazulu ekhanya kakhulu, lokho kusho ukuthi umhlaba ongaphansi kwawo uya ngokuya uba mnyama kakhulu; ngakho-ke abantu abaningi baye bakhalaza ngokuthi indlela engihlela ngayo izinto ayifanele, ngakho iningi labo selivele langishiya layozenzela imibuso yalo, neliyisebenzisela ukuthengisa Mina, ukuze lishintshe isimo sobumnyama esikhona njengamanje. Nakuba bekwenzile lokhu, kepha ngubani okwazile ukuphumelela ngokwakhe na? Ngabe ngubani oye waphumelela esifisweni sakhe na? Ubani ongakwazi ukuhlehlisa lokho okuhlelwe yisandla Sami na? Uma intwasahlobo ingenisa ezweni, Mina ngithumela ukukhanya ngokuyimfihlo kungezwa muntu ezweni, ukuze, umuntu esemhlabeni, akwazi ukuba nomuzwa womoya omnandi. Bese futhi kuthi ngaso leso sikhathi, Mina ngivala amehlo omuntu ukuze abone inkungu kuphela ingena emhlabathini, bonke abantu nazo zonke izinto kuthathwe ngokuthi kumfiliba, akucacile. Abantu bangakwazi ukulokhu bezibuza bona ukuthi, Kungani ukukhanya kube umzuzwana nje? Kungani uNkulunkulu enika umuntu inkungu kanye nokungaqondi kuphela? Kuthi lapho abantu besamangele, inkungu ivele inyamalale ngokuphazima kweso, bese kuthi lapho bebona amanenjana okukhanya, ngivele ngidedele izikhukhula zemvula kubona, bese izindlebe zabo zivaleka ngci ngenxa yokuduma kwezulu ngenkathi besalele. Kuthi besethukile benjalo, bengenaso ngisho nesikhathi sokukhosela, besembozwe ukuna kwemvula, ngokuphazima kweso, zonke izinto ezingaphansi kwamazulu zihlanzeke zibe msulwa kulo ulaka Lwami. Abantu ababe besakhalaza ngokuqala kwemvula enkulu, kanti kubona konke kuba yinhlonipho efika kabusha. Ngenxa yalokhu kushaywa yimvula ngokushesha, iningi labantu ligcina seliminza emanzini avela esibhakabhakeni, liphenduke izidumbu ezintantayo. Mina bese ngibheka umhlaba wonkana ngibone abantu abaningi bevukile, abaningi bephenduka ezonweni zabo, abaningi befuna umthombo wamanzi ezikebheni ezincane, ngibone ukuthi abaningi bayazithoba phambi Kwami bafuna intethelelo yami, ngibone ukuthi abaningi sebekubonile ukukhanya, ngibone ukuthi abaningi sebebubonile ubuso Bami, bese ngibona ukuthi abaningi banesibindi sokuphila, ngibone nokuthi umhlaba wonke usushintshile. Ukulandela lezi zikhukhula zemvula enkulu kangaka, zonke izinto sezibuyele esimweni engangivele ngisicabanga emqondweni Wami, seziyalalela. Kungakapholi maseko, umhlaba wonke usugcwele umsindo wohleko, yonke indawo emhlabeni kunomuzwa wokudumisa, kanti akukho ndawo engenankazimulo Yami. Ubuhlakani Bami bukhona kuyo yonke indawo emhlabeni kanye nasezwenikazi jikelele. Phakathi kwazo zonke izinto kukhona izithelo zobuhlakani Bami, phakathi kwabo bonke abantu kukhona imisebenzi emihle yobuhlakani Bami; yonke into ifana nazo zonke izinto embusweni Wami, bonke abantu bahlala ngokuphumula ngaphansi kwamazulu Ami njengezimvu emadlelweni Ami. Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akukho muntu futhi obukeka enjengoba ayenjalo. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika emhlabeni wonkana, nganeliseke ngokugcwele, ngoba zonke izinto sezikwazile ukubuyisa ubungcwele bazo ngingakwazi ukuphinda ngihlale ngokuthula ngaphakathi eSiyoni, futhi nabantu emhlabeni bangakwazi ukuphila impilo enokuthula nenokujabula ngaphansi kobuholi Bami. Izizwe zonke zikwazile ukulawula okusesandleni Sami, zonke zikwazile ukubuyisa ubuhlakani bazo kanye nokubukeka kwazo kwaphambilini; azisamboziwe wuthuli manje, kepha, embusweni Wami zimsulwa njengejaspi, kanti isizwe ngasinye ebusweni singcwele njengenhliziyo yomuntu, ngoba umbuso Wami umisiwe phakathi kwabantu.
kuNdasa 14, 1992
 UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA

Awekho amazwana:

Thumela amazwana