Iyiphi indlela uNkulunkulu adlulisa kuyo umuntu ukuze alungisiseke ngokufanele? Yiziphi izingxenye ezifakiwe? Ingake uzimisele ukulungiswa nguNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukwamukela isahlulelo kanye nesijeziso sikaNkulunkulu? Yini oyaziyo ngale mibuzo?
Uma ungeke ukhulume ngalolu lwazi olunjalo, ngakho lokhu kukhombisa ukuthi awukawazi namanje umsebenzi kaNkulunkulu nokuthi awukakhanyiseleki nhlobo ngoMoya Oyingcwele. Uhlobo olunjalo lomuntu alupheleliseki ngokufanele. Bangathola inani elincane lomusa ukuba balithokozele isikhashana futhi angeke lwagcineka isikhathi eside esizayo. Uma umuntu ejabulela nje umusa kaNkulunkulu, ngeke apheleliseke ngokufanele. Abanye bangeneliseka ngokuthula kanye nokujabula kwenyama, impilo elula engenabo ubunzima noma ishwa, ukuhlala ngokuthula nomndeni wabo ngaphandle kokulwa noma izingxabano. Bangaze bakholwe ukuthi lokhu kuyisibusiso sikaNkulunkulu, kodwa eqinisweni, kungumusa nje kaNkulunkulu. Angeke ugculiseke ngokujabulela nje umusa kaNkulunkulu. Lokhu kucabanga okunjalo kuyinhlamba. Ngisho noma ungafunda izwi likaNkulunkulu nsuku zonke, ukhuleka nsuku zonke, nomoya wakho uzizwa unenjabulo kanye nokuthula, kepha ekugcineni ngeke ukwazi ukukhuluma nganoma yiluphi ulwazi lukaNkulunkulu nomsebenzi Wakhe noma unganabo ubungcweti ngokunjalo, futhi akukhathaleki noma lingakanani izwi likaNkulunkulu osulidlile noma oliphuzile, uma kungukuthi nje uzizwela ukuthula nenjabulo emoyeni wakho kanye nokuthi izwi likaNkulunkulu limnandi ngokungelinganiswe, kube sengathi awulithokozeli ngokwanele, kodwa ungenabo ubungcweti futhi ungenasiqiniseko sezwi likaNkulunkulu, bese kuba yini ongayithola kuleyo ndlela yokholo kuNkulunkulu? Uma ungeke uyiphile ingqikithi yezwi likaNkulunkulu, ukudla kwakho nokuphuza kanye nokuthandaza konke kuthintene nokholo lwakho. Ngakho uhlobo lomuntu onjalo ngeke apheleliswe futhi ngeke azuzwe nguNkulunkulu. Bonke labo abazuzwe nguNkulunkulu yilabo abalandela iqiniso. Lokho uNkulunkulu akuzuzayo akuyona inyama yomuntu noma lokho okuyizinto zakhe, kodwa lokho okungaphakathi kuye okungokuka Nkulunkulu. Yingakho ngithi lokho uNkulunkulu akuphelelisayo akuyona inyama yomuntu kepha inhliziyo Yakhe, ukuze inhliziyo yomuntu izozuzwa nguNkulunkulu. Ngamanye amazwi, ingqikithi yokuthi uNkulunkulu ulungisa umuntu ngukuthi uNkulunkulu ulungisisa inhliziyo yomuntu ukuze ikwazi ukubuyela kuNkulunkulu futhi ithande Yena.
Inyama yomuntu ingeyomhlaba. Akufezekisi inhloso kaNkulunkulu ukuzuza inyama yomuntu, ngoba iyilokho okugcina kubolile nakanjani. Angeke yakwazi ukwamukela ifa likaNkulunkulu noma izibusiso Zakhe. Uma uNkulunkulu ezuza inyama yomuntu ebese eyigcina inyama yomuntu emfuleni, umuntu angaba kulomfula ngegama, kodwa inhliziyo yomuntu iyoba ngekaSathane. Ngakho akukhona kuphela ukuthi umuntu angeke akwazi ukuba umfanekiso kaNkulunkulu, kunalokho uyoba ngumthwalo Wakhe. Ngakho-ke ukukhetha kukaNkulunkulu umuntu kuyoba yize leze. Labo abayopheleliswa nguNkulunkulu yilabo abayothola izibusiso zikaNkulunkulu kanye nefa Lakhe. Lokhu kungukuthi, bayofaka ngaphakathi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, ukuze kube yilokho abanakho phakathi; banawo wonke amazwi kaNkulunkulu esetshenziwe kubo; noma ngabe yini engekaNkulunkulu, uyakwazi ukukufaka konke phakathi njengoba kunjalo, ngaleyondlela uliphile iqiniso. Lolu uhlobo lomuntu opheleliswe nguNkulunkulu futhi wazuzwa nguNkulunkulu. Yilolo hlobo lomuntu kuphela ofanelekile ukwamukela ifa nalezi zibusiso ezehliswa nguNkulunkulu:
1. Ukwamukela lonke uthando lukaNkulunkulu.
2. Ukwenza ngokwentando kaNkulunkulu kuzo zonke izinto.
3. Ukwamukela ukuqondiswa nguNkulunkulu, ukuphila ngaphansi kokukhanya kukaNkulunkulu, kanye nokukhanyiselwa nguNkulunkulu.
4. Ukuphila ngokomfanekiso othandwa nguNkulunkulu emhlabeni; ukuthanda uNkulunkulu njengoba uPetru enza, ukubethelelwa uNkulunkulu kanye nokufanelwa ukufa njengenkokhelo yothando lukaNkulunkulu; uthole udumo olufana noluka Petru.
5. Ukuthandwa, ukuhlonishwa, nokunconywa yibo bonke emhlabeni.
6. Ukwehlula konke ukucindezelwa ngukufa kanye neHayidesi, ukunganikezi ithuba lomsebenzi kaSathane, ukuba ube ngokaNkulunkulu, ukuphila phakathi komoya oncwaba nojabulisayo kanye nokungabi nakuzizwa ukhathele.
7. Ukuba nomuzwa omangalisayo wentokozo nokuthakasela ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakho, kube sengathi usubona ukufika usuku lodumo lukaNkulunkulu.
8. Ukuthola udumo noNkulunkulu, kanye nokuba nobuso obufana nabangcwele abathandwa nguNkulunkulu.
9. Ukuba yilokho uNkulunkulu akuthandayo emhlabeni, lokho okungukuba, yindodana kaNkulunkulu ethandiweyo.
10. Isimo sokuguquka kanye nokukhuphukela ezulwini lesithathu noNkulunkulu, ukwedlula enyameni.
1. Ukwamukela lonke uthando lukaNkulunkulu.
2. Ukwenza ngokwentando kaNkulunkulu kuzo zonke izinto.
3. Ukwamukela ukuqondiswa nguNkulunkulu, ukuphila ngaphansi kokukhanya kukaNkulunkulu, kanye nokukhanyiselwa nguNkulunkulu.
4. Ukuphila ngokomfanekiso othandwa nguNkulunkulu emhlabeni; ukuthanda uNkulunkulu njengoba uPetru enza, ukubethelelwa uNkulunkulu kanye nokufanelwa ukufa njengenkokhelo yothando lukaNkulunkulu; uthole udumo olufana noluka Petru.
5. Ukuthandwa, ukuhlonishwa, nokunconywa yibo bonke emhlabeni.
6. Ukwehlula konke ukucindezelwa ngukufa kanye neHayidesi, ukunganikezi ithuba lomsebenzi kaSathane, ukuba ube ngokaNkulunkulu, ukuphila phakathi komoya oncwaba nojabulisayo kanye nokungabi nakuzizwa ukhathele.
7. Ukuba nomuzwa omangalisayo wentokozo nokuthakasela ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakho, kube sengathi usubona ukufika usuku lodumo lukaNkulunkulu.
8. Ukuthola udumo noNkulunkulu, kanye nokuba nobuso obufana nabangcwele abathandwa nguNkulunkulu.
9. Ukuba yilokho uNkulunkulu akuthandayo emhlabeni, lokho okungukuba, yindodana kaNkulunkulu ethandiweyo.
10. Isimo sokuguquka kanye nokukhuphukela ezulwini lesithathu noNkulunkulu, ukwedlula enyameni.
Labo kuphela abakwazi ukudla ifa lezibusiso zikaNkulunkulu yilabo abapheleliswa nguNkulunkulu futhi bazuzwa nguNkulunkulu. Ingabe kukhona okuzuzile? Kuze kwafika kuliphi izinga ukupheleliswa kwakho nguNkulunkulu? UNkulunkulu akamphelelisi umuntu ngokungahlelekile nje. Kunemibandela kanye nemiphumela ecacile engabonwa ngumuntu. Akunjengalokhu umuntu ekholelwa, okungukuthi inqobo nje uma umuntu enokholo kuNkulunkulu, angabe esepheleliswa futhi wazuzwa nguNkulunkulu, nokuthi angemukela izibusiso adle nefa likaNkulunkulu esesemhlabeni. Izindaba ezinjalo zilukhuni ngokwedlulele, futhi kungaphezu kwalokho uma sekuziwa ekushintsheni ukwenza. Njengamanje, lokho okumele ukuba uyakufuna njengokuphambili ukuba upheleliswe nguNkulunkulu kuzo zonke izinto, nokuba upheleliswe nguNkulunkulu kubo bonke abantu, ezindabeni, nakuzo zonke izinto obhekene nazo, ukuze lokho okuningi okungokukaNkulunkulu kuyakufakwa kuwe. Kumele wamukele ifa likaNkulunkulu kuqala usesemhlabeni ngaphambi kokuba ufaneleke ukudla ifa nezinye zezibusiso ezinkulu ezivela kuNkulunkulu. Zonke izinto ezinjalo yilezo okumele uzifune kanye nalezo okumele uziqondisise kuqala. Ngenkathi ufuna ukupheleliswa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto, yingenkathi lapho uzokwazi ukubona isandla sikaNkulunkulu kuzona zonke izinto, ngokwenza njalo ukhombise ukufuna ukungena kobukhona bezwi likaNkulunkulu kanye neqiniso lezwi Lakhe ngokwemibono ehlukene kanye nangezindaba ezahlukene. Angeke waneliseke ngezimo ezingezinhle ezifana nokumane ungenzi izono, noma ukungabi nambono, umqondo ojulile ngempilo, kanye nokungabi nasifiso somuntu. UNkulunkulu uphelelisa umuntu ngezindlela ezahlukene, futhi kungenzeka ukuthi ezintweni zonke, umphumela wazo kube ukuthi wena upheleliswe. Akukhona kuphela ukuthi uyopheleliswa ngendlela enhle, kodwa futhi nangokubi, ngaleyondlela uhlumeleliseke. Nsuku zonke kunamathuba okuba upheleliswe kanye nesikhathi sokuba uzuzwe nguNkulunkulu. Emuva kwesipiliyoni sangaleso sikhathi, uyoba ngoshintshile kakhulu. Njengamanje ngokwemvelo usuzokwazi ukuthola umbono wokukhanyiseleka ngezinto eziningi obungaziqondisisi ngaphambilini; ngaphandle kokuba udinge abanye ukuba bakufundise, ngokungazi, uyobe usukhanyiselwe nguNkulunkulu, ukuze ube nokukhanyiseleka ezintweni eziningi kanye nokuthi zonke izipiliyoni zenabe ukwazi. UNkulunkulu uyokuqondisa ukuze ungaphambukeli kunoma yiluphi uhlangothi. Ngakho uyobe ususemgudwini wokupheleliswa Nguye.
Ukuthi sewuphelelisiwe nguNkulunkulu angeke kuphelele ekutheni upheleliswe ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu. Lendlela yesipiliyoni nayo iwuhlangothi olulodwa futhi ayihlanganisi konke ngokuphelele; kuyamnqanda umuntu endaweni encane kuphela. Kulesi simo, umuntu usashoda ngokuhlunyeleliswa ngokuka moya okudingekayo. Uma ufuna ukupheleliswa nguNkulunkulu, kumele wedlule ekutholeni isipiliyoni sazo zonke izinto kanye nokukhanyiseleka ezintweni zonke ozohlangabezana nazo. Ngaso sonke isikhathi uhlangabezana nento ethize, noma elungile noma embi, kumele uzuze kukho nokuthi akumele kukubangele ukuthi ungenzi lutho. Noma ngabe kunjani, kumele ukubheke ngokuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, ungakuhlaziyi noma ukucwaninge ngokokubuka komuntu (lokhu kungukuphambuka esipiliyonini sakho). Uma lokhu kuyindlela yesipiliyoni sakho, inhliziyo yakho iyobe isithathwa yimithwalo yakho; uyophila ngaphansi kwemvume yokukhanya kukaNkulunkulu sonke isikhathi futhi angeke ugudluke ezemweni zakho. Lolo hlobo lomuntu olunjalo lunamathuba amaningi okuqhubekela phambili. Maningi amathuba okupheleliswa nguNkulunkulu. Konke kuncike ekutheni ingabe wena ungumunye othanda uNkulunkulu ngeqiniso kanye nokuthi ngabe usuthathe isinqumo sokupheleliswa nguNkulunkulu, ukuzuzwa nguNkulunkulu, kanye nokuthola izibusiso Zakhe kanye nefa. Angeke kukusize ukuba nesinqumo nje kuphela. Kumele ube nolwazi olunzulu, ngale kwalokho uyophambuka ezenzweni zakho. UNkulunkulu uzimisele ukuphelelisa umuntu ngamunye phakathi kwenu. Njengoba izinto zinjalo njengamanje, nakuba abaningi sebevele bewemukelile umsebenzi kaNkulunkulu isikhathi eside, bazinqumele bona ngokwabo ukumane bathamele umusa kaNkulunkulu futhi bebe bezimisele ngokwamukela ukuphatheka kahle kwenyama okuthile okuvela Kuye. Abazimisele ngokwamukela ezinye nezambulelo eziphakeme, ukukhombisa ukuthi inhliziyo yomuntu isengaphandle sonke isikhathi. Nakuba umsebenzi womuntu, ukusebenza kwakhe, kanye nenhliziyo yothando lukaNkulunkulu kunakho ukungabi ngcwele, uma sekuziwa ngasengqikithini yomuntu ngaphakathi kanye nokucabanga okungakhanyiselekile, umuntu usahlala efuna ukuthula nenjabulo yenyama, engakushayi ndiva ukuthi zithini izimiso nokuthi ziyini izinhloso zikaNkulunkulu zokuphelelisa umuntu. Ngakho izimpilo zabaningi ziselokhu ziyisethuko nokungcola, zingenayo ngisho inhlasana yoguquko. Kalula nje, abaluthathi ukholo kuNkulunkulu njengendaba esemqoka. Kunalokho, kuba sengathi banokholo nje ngoba benzela omunye, benze ngaphandle kokuzimisela noma ukuzinikela, baqhubeke nokuncane esilinganisweni, uzulane ebukhoneni obungenanhloso. Bambalwa labo abafisa ukungena ezwini likaNkulunkulu kuzo zonke izinto, bazuze izinto ezibacebisayo, babe yilabo abanothe kakhulu endlini kaNkulunkulu kunamuhla, babuye bathole ezinye izibusiso zikaNkulunkulu. Uma ufisa ukupheleliswa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto futhi ukwazi ukuhlomula efeni lesethembiso sikaNkulunkulu emhlabeni; uma ufuna ukukhanyiselwa nguNkulunkulu kuzo zoke izinto futhi ungafuni ukuba iminyaka yedlule uhlezi, lena yindlela encomekayo yokuba ungene ngaphakathi. Yile ndlela kuphela lapho ufanelekile futhi ukulungele ukupheleliswa nguNkulunkulu. Ingabe ngokweqiniso ungomunye ofisa ukupheleliswa nguNkulunkulu? Ingabe ngokweqiniso ungomunye ozimisele ngempela kuzo zonke izinto? Ingabe unawo umoya wothando lukaNkulunkulu ofanayo nokaPetru?
Ingabe unakho ukuzimisela ukuthanda uNkulunkulu njengoba uJesu enza? Ube nothando lukaJesu iminyaka eminingi; ingabe ukubonile ukuthi uJesu umthanda kanjani uNkulunkulu? Kuyiqiniso yini ukuthi uJesu nguye okholelwa kuye na? Ukholelwa kuNkulunkulu wezenzo wanamuhla; ingabe sewuke wambona ukuthi uNkulunkulu osenyameni umthanda kanjani uNkulunkulu osezulwini? Unokholo eNkosini uJesu Kristu; lokhu yingoba ukubethelwa kukaJesu kwakungokokuhlenga isintu kanti nezimangaliso Azenzayo zingamaqiniso ajwayelekile emukelekile. Nakuba kunjalo, ukholo lwakho aluveli ekumazini nasekumqondeni ngeqiniso uJesu Kristu. Nikholelwa egameni likaJesu kuphela kodwa aninalo ukholo kuMoya Wakhe Ongcwele, ngokuba anikhombisi nhlonipho ngokuthi uJesu wayemthanda kanjani uNkulunkulu. Ukukholwa kwenu kuNkulunkulu kungubungane kakhulu. Nakuba nibe nakho ukukholelwa kuJesu iminyaka eminingi, aninalwazi lokuthi uthandwa kanjani uNkulunkulu. Ingabe lokhu akukwenzi isiphukuphuku esikhulu emhlabeni? Lokhu kukhomba ukuthi eminyakeni eminingi nikudlele ize leze “ukudla kweNkosi uJesu Kristu.” Akukhona nje kuphela ukuthi ngiyabazonda abantu abanjalo, ngiyethemba kunjalo neNkosi uJesu Kristu, lowo enimkhonzayo. Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu onjalo apheleliswe? Akukubangeli amahloni lokhu? Awuzizwa uphoxekile? Ingabe usenaso isibindi sokubhekana neNkosi yakho uJesu Kristu? Ingabe nonke niyayiqondisisa incazelo yamazwi Ami?
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA
Awekho amazwana:
Thumela amazwana