1/14/17

Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

UNkulunkulu wokuqala owaba senyameni waphila emhlabeni iminyaka engama-33 kanye nengxenye, nokho wenza inkonzo Yakhe iminyaka emi-3 nengxenye yaleyo minyaka ayiphila. Kokubili ngesikhathi Asebenza ngaso, nangaphambi kokuba Aqale umsebenzi Wakhe, Waba nobuntu obujwayelekile.
Waphila ukuphila komuntu ojwayelekile iminyaka engama-33 nengxenye. Eminyakeni emi-3 nengxenye yokugcina, Wazibonakalisa ukuthi unguNkulunkulu osenyameni. Ngaphambi kokuba aqale ukwenza inkonzo Yakhe, waqale wabonakala enobuntu obujwayelekile engabonisi lutho ngobuNkulunkulu Bakhe futhi kwakungemva kwalapho eseqale khona ngokusemthethweni ukwenza inkonzo Yakhe. Ukuphila Kwakhe kanye nomsebenzi phakathi naleyo minyaka engama-29 konke kwabonisa ukuthi ungumuntu wangempela, indodana yomuntu, osenyameni; kangangokuthi inkonzo Yakhe yaqala ngemva nje kweminyaka engama-29. Incazelo yokuba senyameni iwukuba uNkulunkulu abonakale enyameni. Ngakho, ukuze uNkulunkulu aphinde azalwe, kumele abe senyameni, inyama ejwayelekile esintwini; okungenani lokhu kumele kube yiqiniso. Eqinisweni, isizathu sokuzalwa kukaNkulunkulu siwukuthi Yena uphila futhi usebenza enyameni, ubuntu Bakhe buba ngumuntu. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, Uyaphila ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, Aphile ngendlela ejwayelekile,
Uyazihlonipha izindlela zabantu zokuphila kanye nemithetho yokuphila komuntu okuhlanganisa nezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba Uphila engeyena uNkulunkulu, engumuntu ojwayelekile owenza izinto ezenziwa abantu ajwayelekilebajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokwenza inkonzo Yakhe. Usuke esaphila ebuntwini obujwayelekile Angawabonisi nakancane amandla okungelula ukuwaqonda. Nokho uphila ngobumsulwa ngenxa yenkonzo Yakhe nanokuthi phakathi naleyo nkathi, ubuntu Bakhe obujwayelekile buyaqhubeka ngokuphelele emsebenzini ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngakho ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe busuke sebufike ezingeni lokuthi Ayenze inkonzo Yakhe. Isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, ukuphila kwakho kokubili bomuntu ojwayelekile nobobuNkulunkulu obuphelele. Isizathu salokho, phakathi nesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, usuke Ephila ebuntwini obuphelele siwukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungalungi kahle; kuphela ngemva kokukhula Kwakhe abe mdala, usuke esekwazi ukuqala inkonzo Yakhe futhi ayifeze. Njengoba eseyinyama, kusadingeka akhule futhi avuthwe, njengoba isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, siwubuntu obuphelele kodwa esigabeni sesibili usuke esekwazi ukwenza inkonzo Yakhe ngenxa yokukhula kobuntu Bakhe futhi ukuphila kukaNkulunkulu enyameni akuphila phakathi nenkonzo Yakhe engumuntu futhi enguNkulunkulu ophelele. Uma kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osenyameni waqala inkonzo Yakhe Eqotho, wenza izibonakaliso zamandla kanye nezimangaliso, ngakho Ubengeke aphile emhlabeni. Ngakho, ubuntu Bakhe baba khona ukuze aphile emhlabeni; lapho okungeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu futhi umuntu ngaphandle kobuntu akayena umuntu ongokoqobo. Ngaleyo ndlela, inyama kaNkulunkulu iyindawo uNkulunkulu abonisa kuyo ukuba ngokoqobo Kwakhe. Ukuthi “lapho uNkulunkulu eba senyameni usuke engowaphezulu ngokuphelele, akayena nhlobo umuntu,” kuwukuhlambalaza ngoba lokhu kuyinto engenakwenzeka, okuyinto eyephula uhlelo lokuba senyameni. Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, ubuNkulunkulu Bakhe buhlala kumuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza injongo yokuvumela ubuNkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho ithuluzi lomsebenzi liwukuba uNkulunkulu abe ngumuntu ojwayelekile. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, nokho ubuNkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa ubuNkulunkulu hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Omunye angathi uyindoda futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, abukeke engumuntu ngaphandle, esenyameni yomuntu nokuvelela komuntu kuwukuvelela kukaNkulunkulu. Ngoba Ungumuntu onobuNkulunkulu, Ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kawlabo abasemizimbeni yabantu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osenyameni—bonke labo abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, akukho okunye abantu abadaliwe abayikho ngaphandle kokuba ngabantu, kodwa uNkulunkulu osenyameni Yena ebe ehlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobuNkulunkulu. Ubuntu Bakhe bungabonakala ngaphandle enyameni Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela uma Esemzimbeni womuntu futhi akufani nesimangaliso abantu abangacabanga ukuthi uyiso, kunzima kakhulu ngabantu ukububona. Ngisho nanamuhla kunzima kakhulu ngabantu ukuba bamqonde uNkulunkulu osenyameni. Eqinisweni, nangemva kokukhuluma okungaka, ngilindele ukuba iningi lenu likuthole kuseyinkinga ukukuqonda lokhu. Le nkinga ilula kakhulu: Njengoba uNkulunkulu aba yinyama, Uyinhlanganisela yako kokubili ukuba umuntu nokuba nguNkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo, uNkulunkulu Uqobo emhlabeni.
Ukuphila kukaJesu esemhlabeni kwakuwukuphila okujwayelekile enyameni. Waphila ubuntu obujwayelekile enyameni Yakhe. Igunya Lakhe—ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu nokukhuluma ngezwi likaNkulunkulu, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amademoni, ukwenza ezimangalisa kanjalo—akuzange kuzibonakalise, futhi ikakhulu kwaze kwaba yilapho Eqala khona inkonzo Yakhe. Ukuphila Kwakhe ngaphambi kweminyaka engama-29, ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe, kwasekucace kakhulu ukuthi wayeyinyama ejwayelekile. Ngenxa yalokho, nangenxa yokuthi Wayengakakuqali ukwenza inkonzo Yakhe, abantu abakubonanga ubuNkulunkulu Kuye, akukho okunye ababekubona ngaphandle komuntu nje ojwayelekile—njengoba ekuqaleni abantu babekholelwa kuye njengendodana kaJosefa. Abantu babecabanga ukuthi umane nje eyindodana yomuntu ojwayelekile, akakwazi ukuthi unguNkulunkulu osemzimbeni womuntu; ngisho nalapho enza khona inkonzo Yakhe, wenza ngisho nemisebenzi eminingi, abantu abaningi baqhubeka bethi uyindodana kaJosefa ngoba wayenguKristu osemzimbeni womuntu ojwayelekile. Ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe kokubili kwaba khona ukuze kugcwaliseke ukubaluleka kokuba abe senyameni, abe ngumuntu obonakala ejwayelekile ngokumangalisayo. Ukuthi Waba nobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba Aqale umsebenzi Wakhe kwaba wubufakazi bokuthi ubeyinyama ejwayelekile; nokuthi wasebenza ngemva kwalokho kwabonisa ukuthi Ubeyinyama ejwayelekile ngoba Wenza izibonakaliso nezimangaliso, welapha abagulayo futhi waxosha amademoni enyameni yobuntu obujwayelekile. Isizathu zokuba enze izimangaliso sasiwukuthi inyama Yakhe yayinegunya likaNkulunkulu, kwakuwumzimba owawumboze uNkulunkulu. Waba naleli gunya ngenxa kaMoya kaNkulunkulu, futhi kwakungasho ukuthi Akayona inyama. Ukwelapha abagulayo nokuxosha amademoni kwakuwumsebenzi ayewudinga ukuba awenze enkonzweni Yakhe futhi kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izibonakaliso ayezibonakalisa noma indlela ayebonisa ngayo igunya Lakhe, wayesaphila ebuntwini obujwayelekile futhi esenyameni ejwayelekile. Kwaze kwaba yilapho evuswa khona ngemva kokufa esiphambanweni, Wahlala emzimbeni ojwayelekile. Ukubonisa umusa, ukulapha abagulayo nokuxosha amademoni konke kwakuyingxenye yenkonzo Yakhe. Ngaphabi kokuba aye esiphambanweni, Akakaze aphume emzimbeni wenyama Yakhe kungakhathaliseki ukuthi yini ayeyenza. WayenguNkulunkulu Uqobo, enza umsebenzi kaNkulunkulu, nokho ngenxa yokuthi wayenguNkulunkulu osemzimbeni wenyama, Wayedla ukudla, egqoka izingubo, enezidingo zomuntu ojwayelekile, ecabangisa okomuntu futhi enomqondo womuntu ojwayelekile. Konke lokhu kwakufakazela ukuthi ungumuntu ojwayelekjwayelekile, okubonisa ukuthi umzimba ogqokwe uNkulunkulu, wawuyinyama yomuntu ojwayelekile, hhayi isimangaliso. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuqedela umsebenzi wokuqala kaNkulunkulu esemzimbeni. Ukubaluleka kokuba uNkulunkulu aba senyameni ukuba umuntu ojwayelekile enze umsebenzi kaNkulunkulu uqobo; okuwukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi waphezulu esintwini ngalokho ebhubhisa uSathane. Ukuba uNkulunkulu abe senyameni kusho ukuthi uMoya kaNkulunkulu uba yinyama, okuwukuthi, uNkulunkulu uba inyama; umsebenzi awenza enyameni uwumsebenzi woMoya, oyinto eqapheleka ngenyama futhi oboniswa yinyama. Akukho umuntu ongakwazi ukufeza inkonzo eyenziwa uNkulunkulu osemzimbeni wenyama ngaphandle kukaNkulunkulu osenyameni; okuwukuthi, uNkulunkulu osenyameni khuphela, okulobu buntu obujwayelekile—futhi akekho omunye—ongakwazi okubonakalisa umsebenzi waphezulu. Uma, phakathi nesikhathi sokuza Kwakhe okukuqala, uNkulunkulu engakaze abe senyameni ejwayelekile ngaphambi kokuba abe neminyaka engama-29—uma ayengakwazi ukwenza izimangaliso lapho ayesanda kuzalwa, uma ayefunda ukukhuluma ulimi lwasezulwini lapho esanda kuzalwa, uma nje lapho enyathela khona okokuqala emhlabeni ayesengakwazi ukwazi zonke izinto zomhlaba, akwazi ukuthola yonke imicabango yomuntu kanye nezinhloso—ngokwenza lokho ubengeke abizwe ngomuntu ojwayelekile, futhi inyama Yakhe bekungeke kuthiwe ngeyomuntu. Uma bekunjalo ngoKristu, lokho okushiwo umzimba wenyama kaNkulunkulu bekuyolahleka. Ukuthi waba semzimbeni womuntu ojwayelekile kubonisa ukuthi wayenguNkulunkulu osenyameni; iqiniso lokuthi wadlula ebuntwini obujwayelekile wakhula ngendlela ejwayelekile, libonisa ukuthi ngempela Wayesenyameni ejwayelekjwayelekile; futhi ngaphezu kwalokho, umsebenzi Wakhe uwubufakazi obanele bokuthi wayenguLizwi kaNkulunkulu owaba yinyama. UNkulunkulu uba yinyama ngoba kunesidingo somsebenzi; ngamanye amazwi, lesi sigaba somsebenzi sidinga ukwenziwa enyameni, wenziwe umuntu ojwayelekile. Lokhu kuyimfuneko ukuthi “uLizwi abe inyama,” ngoba “Izwi liba senyameni,” futhi kuyindaba eyiqiniso kaNkulunkulu emzimbeni wenyama kabili. Abantu bangase bakholelwe ukuthi yonke impilo kaJesu yayinezimangaliso kwaze kwaba sekufezeni umsebenzi Wakhe wasemhlabeni engabonisanga ubuntu obujwayelekile, kube ukuthi akazange abe nezidingo ezijwayelekile noma ukuba buthaka noma imizwa yomuntu, engazange abe nezidingo ezijwayelekile zokuphila noma amukele imicabango yomuntu ojwayelekile. Bamane bamcabange njengomuntu onengqondo engaphezu kweyomuntu nobuntu obungabazekayo. Bakholelwa wukuthi uma nje enguNkulunkulu akumele acabange futhi aphile njengomuntu ojwayelekile, umuntu ojwayelekile oyisidalwa esingumuntu, esingacabanga imicabango yomuntu kuphela futhi esingaphila ukuphila okujwayelekile. Yonke lena imibono yomuntu nezinto umuntu agijimela kuyo njengokungathi yizinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Ukucabanga komuntu ojwayelekile okusekela umbono womuntu nobuntu obujwayelekile; ubuntu obujwayelekile, benza inyama yomuntu ojwayelekile ikwazi ukwenza ngendlela ejwayelekile. Kungokusebenza kukaNkulunkulu enyameni kuphela okungamenza akwazi ukufeza injongo yokuba senyameni Kwakhe. Uma uNkulunkulu ebonakala kuphela ngaphandle kwenyama, kodwa engacabangi imicabango yomuntu, ngakho lowo mzimba ngeke ucabange ngendlela yomuntu ejwayelekile. Kungenzeka kanjani ukuba inyama enjena, engenabo ubuntu, ifeze inkonzo leyo okufanele ifezwe uNkulunkulu osenyameni? Umqondo ojwayelekile usekela zonke izingxenye zokuphila komuntu; ngaphandle komqondo ojwayelekile, akekho ongaba ngumuntu. Ngamanye amazwi, umuntu ongabi nemicabango ejwayelekile uyagula ngekhanda. Futhi uKristu ongenabo ubuntu kodwa unobuNkulunkulu kuphela angeke kushiwo ukuthi unguNkulunkulu osenyameni. Ngakho, kungenzeka kanjani ukuba uNkulunkulu osenyameni angabi nobuntu obujwayelekile? Ingabe akukhona ukuhlambalaza ukusho ukuthi uKristu akanabo ubuntu? Zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile zincike ezingqondweni ezisebenza kahle. Ngaphandle kwazo, abantu bangenza izinto ezingamukeleki; bangaze bangakwazi ngisho nokuhlukanisa okumnyama nokumhlophe, okuhle nokubi; futhi abanazo izimiso zobuhle nezokuziphatha. Ngokufanayo, uma uNkulunkulu osenyameni engazange acabange njengomuntu ojwayelekile, lokho kuyosho ukuthi angeke abe senyameni ejwayelekile. Ukungacabangi okunjalo ngeke kukwazi ukwenza umsebenzi waphezulu. Angeke akwazi ukwenza izinto ezijwayelekile zenyama ngakho ukaphilisani kahle nabantu emhlabeni. Ngakho ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe yinyama, ngabe kulahlekile. Ukuba kanjalo kukaNkulunkulu kukhona ukuze umsebenzi wasezulwini esenyameni uqhubeke ngokujwayelekile. Ubuntu bukaNkulunkulu osenyameni baba khona ukuze kulondolozwe umsebenzi waphezulu enyameni; ukucabanga Kwakhe kobuntu obujwayelekile kugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nemisebenzi Yakhe ebonakalayo. Omunye angathi ukucabanga kwakhe komuntu kukhona ukuze kulondolozwe umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni. Ukube lo mzimba awuzange ube nomqondo womuntu ojwayelekile, uNkulunkulu ubengeke asebenze esenyameni nanokuthi lokho afuna ukukwenza enyameni bekungeke kufezeke. Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enengqondo efana neyomuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; uzinikela emsebenzini esesimweni somuntu onomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi ubuntu busengqondweni Yakhe hhayi ngemicabango eyenziwa umuntu ojwayelekile. Kungakhathaliseki ukuthi ilunge kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bokuthi uyacabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awenziwa ingqondo yenyama Yakhe kodwa ubonisa ukuthi uwumsebenzi waphezulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okwenziwe ingqondo Yakhe. Ngokwesibonelo, ukwelapha abagulayo, ukuxosha amademoni nokubethelwa kwakungeyona imiphumela yengqondo Yakhe yomuntu, kwakungeke kufinyelelwe kukho ngomqondo womuntu. Ngokufanayo umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo okumele yenziwe uNkulunkulu osenyameni kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kunalokho umsebenzi uNkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongeke wenziwe umuntu wenyama. Ngakho uNkulunkulu osenyameni kumele abe nomqondo womuntu, abe nobuntu obujwayelekile ngoba kumele enze umsebenzi Wakhe esebuntwini enomqondo ojwayelekile. Lokhu kushiwo umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, uqobo Lwakhe.
Ngaphambi kokuba uJesu enze umsebenzi, wavele waphila ebuntwini Bakhe obujwayelekile. Akekho owayengasho ukuthi wayenguNkulunkulu, akekho owathola ukuthi unguNkulunkulu osenyameni; abantu babemazi njengendoda ejwayelekile kuphela. Wayejwayeleke kakhulu, ubuntu Bakhe obujwayelekile kwakuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu wayebe senyameni futhi ngaleyo Nkathi Yomunsa kwakuyisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, inkathi yomsebenzi Kamoya. Kwakuwubufakazi bokuthi uMoya kaNkulunkulu wawubonakaliswe ngokuphelele enyameni, ngenkathi uNkulunkulu esenyameni, inyama Yakhe yayingenza lonke uhlobo lomsebenzi woMoya. UKristu esebuntwini obujwayelekile okuyilapho uMoya uqashelwa khona, uKristu eba semzimbeni womuntu ojwayelekile, Enengqondo kanye nemicabango ejwayelekile. “Ukuba oqashelwayo” kusho ukuthi uNkulunkulu uba umuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu Uqobo eba senyameni futhi eba nobuntu obujwayelekile kanye nemicabango eveza umsebenzi Wakhe waphezulu—yilokho okushiwo ukuqashelwa noma ukuba semzimbeni womuntu. Phakathi nokushintsha kukaNkulunkulu okokuqala abe ngumuntu, kwakudingekile ngoNkulunkulu ukuba elaphe abagulayo futhi axoshe namademoni ngoba umsebenzi Wakhe wawungukuhlenga. Ukuze ahlenge sonke isintu, kwakudingeka ukuba abe nomusa futhi athethelele. Umsebenzi awenza ngaphambi kokuba abethelwe kwakuwukwelapha noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amademoni, okwakubonisa indlela ayezosindisa ngayo abantu esonweni nasebubini. Ngenxa yokuthi kwakuyiNkathi Yobuhle, kwakufanelekile Ngaye ukuba aphulikise abagulayo, abonise izibonakaliso nezimangaliso, okwakumelela ubuhle bangaleso sikhathi; ngoba iNkathi Yomusa izungezwe ukudluliselwa komusa, okufanekisela ukuthula, injabulo, nezibusiso eziphathekayo nalo lonke ukholo lwabantu kuJesu. Okuwukuthi, ukwelapha abagulayo, ukuxosha amademoni nokuba nesizotha kwakuwukuhlakanipha okungokwemvelo, inyama kaJesu eyayibonakala ngakho eNkathini Yomusa, okwakuyimisebenzi yoMoya eyayiphawuleka enyameni. Kodwa lapho enza le misebenzi, wayephila enyameni, Akazange adlulele ngale kwenyama. Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izenzo zokuphulukisa ayezenza, wayesesemzimbeni womuntu, ephila ukuphila okujwayelekile. Isizathu sokuba ngithi uNkulunkulu osenyameni wenza yonke imisebenzi yoMoya ngenkathi esenyameni siwukuthi kungakhathaliseki ukuthi yimuphi umsebenzi ayewenza, wayewenza esenyameni. Kodwa ngenxa yomsebenzi Wakhe, abantu abazange bambheke njengesidalwa esingokwenyama nesingokomoya, ngoba inyama Yakhe yayenza izimangaliso futhi ngezinye izikhathi ezithile wayenza izinto ezazedlula inyama. Empeleni, zonke lezi zinto ezazenzeka zazenzeka ngemva kokuba eseqale inkonzo Yakhe, njengokuvivinywa Kwakhe izinsuku ezingama-4o noma ukuguqulwa kwesimo Sakhe entabeni. Ngakho ngoJesu, incazelo kaNkulunkulu osenyameni yayingakapheleli, kodwa isagcwaliseke kancane. Impilo ayiphila ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe yayikade ijwayelekile kakhulu, ngazo zonke izindlela. Ngemva kokuba eseqale umsebenzi waligcina kahle ingaphandle lomzimba Wakhe. Ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe wawubonakalisa ubuNkulunkulu, wadlulela ngale kwendlela ejwayelekile yenyama. Ngemva kwakho konke, uNkulunkulu osenyameni wayehlukile kubantu begazi nenyama. Empeleni, wayekudinga njalo ukudla, okokugqoka, ukulala kanye nendawo yokuhlala njengawo wonke umuntu, wayedinga zonke izidingo zokuphila ecabanga njengomuntu ojwayelekile. Abantu basambheka njengomuntu ojwayelekile ngaphandle kokuthi umsebenzi ayewenza wawungaphezu kakhulu kowomuntu. Empeleni, kungakhathaliseki ukuthi wayenzani, wayephila ukuphila okujwayelekile futhi ngaphezu kwalokho njengoba ayenza umsebenzi, ukucabanga Kwakhe kwakujwayelekile, imicabango Yakhe yayicacile ngaphezu kweyabanye abantu abajwayelekile. Kwakubalulekile ngoNkulunkulu osenyameni ukuba acabange ngendlela enengqondo ngoba umsebenzi waphezulu wawudinga ukuvezwa yinyama okucabanga kwayo okwakuzofana kakhulu nokomuntu ojwayelekile futhi omicabango yayo yayizoba ecace kakhulu—yingaleyo ndlela kuphela inyama Yakhe eyayizobonisa ngayo umsebenzi waphezulu. Yonke iminyaka engama-33 kanye nengxenye ayiphila emhlabeni, walondoloza ubuntu Bakhe obujwayelekile kodwa umsebenzi Wakhe phakathi neminyaka emi-3 nengxenye awuchitha enkonzweni Yakhe, abantu babecabanga ukuthi wayedlulele ngale kobuntu obujwayelekile, okuwukuthi wayenamandla angajwayelekile amaningi nakakhulu kunangaphambili. Eqinisweni, ubuntu obujwayelekile bukaJesu abuzange bushintshe ngaphambi nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe; ubuntu Bakhe babufana ngaso sonke isikhathi, kodwa ngenxa yomehluko wangesikhathi sangaphambi nesingemva kokuqala Kwakhe inkonzo, mibili imibono eyavela ngokuphathelene nenyama Yakhe. Ngisho noma abantu babecabangani, uNkulunkulu osenyameni wabulondoloza ubuyena, ubuntu Bakhe obujwayelekile ngaso sonke isikhathi ngoba selokhu uNkulunkulu aba senyameni, wayephila enyameni, inyama eyayinobuntu obujwayelekile. Kungakhathaliseki ukuthi wayenza inkonzo Yakhe noma cha, ubuntu Bakhe obujwayelekile esenyameni akusoze kwaqedwa ngoba ubuntu buyisisekelo senyama. Ngaphambi kokuba uJesu enze inkonzo, inyama Yakhe yayilokhu ijwayelekile, etholakala kuzo zonke izinto ezenziwa ngabantu; akazange abonakale nakancane emandleni angajwayelekile, futhi akazange enze izimangaliso. Ngaleso sikhathi, wayengumuntu nje ojwayelekile owayezikhonzela uNkulunkulu, nakuba lokho ayekuphokophele kwakuwukuthembeka nobuqotho okudlula wonke umuntu. Lena yindlela ubuntu Bakhe obazibonakalisa ngayo. Ngenxa yokuthi awukho umsebenzi Awenza ngaphambi kokuba aqale inkonzo Yakhe, akekho owayemazi ukuthi ungubani, akekho owayengasho ukuthi inyama Yakhe ihlukile kuneyabanye ngoba akenzanga nesisodwa isimangaliso lesi, akenzanga nowodwa umsebenzi kaNkulunkulu. Nokho, ngemva kokuqala Kwakhe inkonzo, walondoloza ubuntu Bakhe obujwayelekile futhi wacabanga njengomuntu kodwa ngenxa yokuthi wayeseqalile ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, waqala inkonzo kaKristu futhi wenza umsebenzi owawungeke wenziwe abantu abafayo, abantu begazi nenyama, abantu babecabanga ukuthi akanabo ubuntu obujwayelekile futhi wayengeyona inyama ejwayelekile kodwa inyama engaphelele. Abantu babethi WayenguNkulunkulu osenyameni kodwa ongazange aqonde ukubaluleka kukaNkulunkulu osenyameni ngenxa yomsebenzi awenza. Lokhu kungaqondi kahle kwaphakanyiswa ukuthi umsebenzi owaboniswa uNkulunkulu esenyameni wawungowaphezulu, oboniswe enyameni enobuntu obujwayelekile. UNkulunkulu wayegqoke inyama, wahlala ngaphakathi kwayo futhi umsebenzi Wakhe ebuntwini Bakhe wawungaqondakali ebuntwini Bakhe obujwayelekile. Ngaleso sizathu abantu bakholelwa wukuthi uNkulunkulu wayengenabo ubuntu obujwayelekile.
UNkulunkulu wokuqala owayesenyameni akazange awuqede umsebenzi wokuba senyameni; waqeda isigaba sokuqala kuphela leso okwakubalulekile ngoNkulunkulu ukuba asenze esenyameni. Ngakho, ukuze aqede umsebenzi wokuba senyameni, uNkulunkulu uye wabuyela enyameni futhi, wabuyela kokujwayelekile nalokho inyama ekwenzayo, okungukuthi, enze iZwi likaNkulunkulu lizibonakalise kuso sonke isintu esijwayelekile, ngalokho ephetha umsebenzi ayewushiye engawuqedanga esesenyameni. Inyama yesibili ayekuyo isafana neyokuqala, kodwa ingokoqobo ngisho nakakhulu, ijwayeleke nakakhulu kuneyokuqala. Ngenxa yalokho, indlela uNkulunkulu wesibili osenyameni akhuthazela ngayo inkulu kakhulu kuneyokuqala, kodwa ukuhlupheka kuwumphumela wenkonzo Yakhe esenyameni okuhlukile kunokuhlupheka komuntu owonakele. Kuphinde kubangele ukuba Kwakhe senyameni ejwayelekile nengokoqobo. Ngenxa yokuthi Wenza inkonzo Yakhe emzimbeni ongokoqobo nojwayelekile, inyama Yakhe kumele ikhuthazelele ukuhlushwa okukhulu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu lapho enza inkonzo Yakhe. UNkulunkulu usebenza enyameni ejwayeleke kakhulu, engesona nhlobo isimangaliso. Ngenxa yokuthi inyama Yakhe ijwayelekile kumele amukele umsebenzi wokusindisa abantu, uhlupheka nakakhulu kunenyama enamandla angajwayelekile—konke lokho kuhlupheka kusukela ekubeni ngokoqobo nasenyameni Yakhe ejwayelekile. Ukuhlupheka kukaNkulunkulu esenyameni koWokuqala nakoWesibili okuye kwenzeka lapho befeza khona inkonzo Yabo, okungenza umuntu abone ukubaluleka kokuba Babe senyameni. Kusukela kulokho kuhlupheka le mizimba emibili eyabhekana nakho njengoba ifeza inkonzo, lokhu kwenza kubonakale ukubaluleka kwayo. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu okumele akukhuthazelele njengoba enza umsebenzi, abantu baba nombono omubi nakakhulu babe yingozi nakakhulu Kuye. Nokho, lapho inyama iba ngokoqobo nakakhulu, yilapho iba nezidingo kanye nobuntu obujwayelekile nakakhulu, kuba yilapho ikwazi khona ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Kwakuyinyama kaJesu le eyabethelwa esiphambanweni, inyama le anikela ngayo njengomhlatshelo wesono; kwakufanele kube yinyama yomuntu onqobe uSathane futhi yasindisa umuntu esiphambanweni ngokuphelele. Futhi kwakuyinyama eyayiphelele leyo uNkulunkulu ayisebenzisa ukuze enze umsebenzi wokunqoba futhi ahlule uSathane. Yinyama ejwayeleke ngokuphelele nengokoqobo engenza umsebenzi wokunqoba ngokuphelele futhi inikeze ubufakazi obuvuthayo. Okuwukuthi, umsebenzi womuntu [a] onqobayo wenziwa ukuba ngokoqobo nangokuvama kukaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngemilingo nangezambulo ezingaqondakali. Inkonzo kaNkulunkulu osenyameni iwukukhuluma, futhi ngaleyo ndlela ukuze kunqotshwe nokuphelelisa umuntu; ngamanye amazwi umsebenzi oqaphelekayo enyameni owenziwa uMoya, umsebenzi wenyama, uwukukhuluma bese uyanqoba, wambule, uphelelise futhi ususe umuntu ngokuphelele. Ngakho, kuwumsebenzi wokunqoba uNkulunkulu awufeza ngokugcwele esenyameni. Umsebenzi wokuqala wokuhlenga wawungukuqala komsebenzi wokuba senyameni kaNkulunkulu; inyama eyenza umsebenzi wokunqoba izoqeda wonke umsebenzi wenyama kaNkulunkulu. Uma siwuhlukanisa ngokobulili, omunye ungowesilisa kanti omunye ungowesifazane; kulokhu, incazelo yale nyama esetshenziswe uNkulunkulu iyaphelela. Le ncazelo iqeda umbono wabantu ngoNkulunkulu: UNkulunkulu angaba yikho kokubili owesilisa nowesivazane, futhi lo Nkulunkulu osenyameni akanabo ubulili. UNkulunkulu wenza kokubili indoda nowesifazane futhi akabehlukanisi ngokobulili. Kulesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu akazenzi izimangaliso nezibonakaliso, ukuze umsebenzi uphumelele ngamazwi. Ngaphezu kwalokho, lesi sikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osenyameni akuwona owokuphulukisa abagulayo nowokuxosha amademoni, kodwa ungowokunqoba umuntu ngokukhuluma, okuwukuthi lokho inyama kaNkulunkulu ekwazi ukukwenza ngokwemvelo, ukukhuluma amazwi nokunqoba umuntu, hhayi ukwelapha abagulayo nokuxosha amademoni. Umsebenzi Wakhe ebuntwini obujwayelekile akukhona ukuba enze izimangaliso, elaphe abagulayo nokuba axoshe amademoni, kodwa ukukhuluma ngakho inyama kaNkulunkulu yesibili ibonakala ijwayeleke kakhulu kubantu kuneyokuqala. Abantu bayabona ukuthi ukuba kukaNkulunkulu emzimbeni womuntu akuwona amanga; kodwa uNkulunkulu osenyameni uhlukile kunoJesu osenyameni nakuba bobabili bengoNkulunkulu abasenyameni, kodwa abafani ncamashi. UJesu waba sebuntwini obujwayelekile, kodwa wayehambisana nezibonakaliso kanye nezimangaliso eziningi. Kulo Nkulunkulu osenyameni, abantu angeke babone izimangaliso noma izibonakaliso, ngisho nokuphulukisa abagulayo nokuxosha amademoni, noma ukuhamba phezu kolwandle, noma ukuzila ukudla izinsuku ezingama-4o…. Akenzi umsebenzi ofana nalowo owenziwa uJesu, kungekhona ukuthi inyama Yakhe ihlukile kwekaJesu, kodwa ngenxa yokuthi akuyona inkonzo Yakhe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amademoni. Akawudicileli phansi umsebenzi Wakhe noma awuphazamise. Njengoba enqoba abantu ngamazwi Akhe angempela, asikho isidingo sokuba silindele kuye izimangaliso futhi phela lesi sigaba singesokuqedela umsebenzi wokuba sebuntwini kukaNkulunkulu. UNkulunkulu osenyameni ombona namuhla uyinyama ephelele futhi akukho simangaliso esingaqondakali Ngaye. Uyagula njengabanye abantu, udinga ukudla nokokugqoka njengabanye, uyinyama ephelele. Uma ngalesi sikhathi, uNkulunkulu osenyameni enza izimangaliso nezimangaliso ezingajwayelekile, uma elapha abagulayo, exosha amademoni noma abulale nje ngezwi elilodwa, umsebenzi wokunqoba ungenziwa kanjani uma kunjalo? Umsebenzi ungasakazeka kanjani kwabeZizwe? Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amademoni kwakuwumsebenzi weNkathi Yomusa, isinyathelo sokuqala emsebenzini wokuhlenga futhi uNkulunkulu uye wamsindisa esiphambanweni, akasawenzi lowo msebenzi. Uma ezinsukwini zokugcina “UNkulunkulu” ofana noJesu eqhamuka, lowo owelaphe abagulayo, waxosha amademoni futhi wabethelwa ngenxa yabantu, okuwukuthi “UNkulunkulu,” nakuba efana nalowo ochazwa eBhayibhelini futhi kulula ngomuntu ukuba amamukele, angeke, empeleni abe inyama egqokwe nguMoya kaNkulunkulu, kunalokho iyobe igqokwe ngumoya omubi. Ngoba kungumbandela womsebenzi kaNkulunkulu ukuba kungalinge kuphindwe lokho asekufezile. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu wesibili osenyameni uhlukile kunalowo wokuqala. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu uqaphela umsebenzi wokunqoba enyameni ejwayelekile; akabelaphi noma aphulukise abagulayo, angeke abethelwe ngenxa yabantu kodwa uyakhuluma nje kuphela amazwi esenyameni, anqobe abantu esenyameni. Inyama enjalo kuphela ebonakalisa ukuba noNkulunkulu; umsebenzi onjalo kuphela osenyameni.
Ngisho noma kuthiwa kulesi isigaba uNkulunkulu osenyameni ukhuthazelela ubunzima noma wenza inkonzo Yakhe, wenza kanjalo ukuze aqedele incazelo yokuba senyameni Kwakhe, ngoba lokhu kungokokugcina esenyameni. UNkulunkulu angaba senyameni kabili kuphela. Angeke kwenzeke okwesithathu. Okokuqala wayeyindoda, okwesibili engowesifazane ngakho umfanekiso wenyama kaNkulunkulu uphelela emqondweni womuntu; ngaphezu kwalokho, yomibili le mizimba kaNkulunkulu isiwumsebenzi kaNkulunkulu osuphothuliwe enyameni. Okokuqala lapho uNkulunkulu eqala ukuba semzimbeni waba nobuntu obujwayelekile ukuze aphelelise incazelo yokuba Kwakhe semzimbeni womuntu. Ngaleso sikhathi waba nasebuntwini obujwayelekile, kodwa incazelo yokuba Kwakhe kumuntu ihlukile: Ijulile, futhi umsebenzi Wakhe ubaluleke nakakhulu. Isizathu sokuba uNkulunkulu aphinde abe yinyama sasiwukuba kupheleliswe incazelo yokuba Kwakhe senyameni. Lapho uNkulunkulu esesiphethe ngokuphelele lesi sigaba somsebenzi Wakhe, okuwukuthi, uNkulunkulu usebenza enyameni, uzobe uphelile futhi uyobe ungasekho umsebenzi okumele wenziwe enyameni. Okuwukuthi, kusukela manje kuqhubeke uNkulunkulu ngeke esaba yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Umsebenzi uNkulunkulu awenza ngokuba abe senyameni wawungukusindisa nokuphelelisa kuphela isintu. Ngamanye amazwi, asikho isizathu sokuba uNkulunkulu asebenze esenyameni ngaphandle kokuba ezele umsebenzi. Ngokuba abe semsebenzini wenyama, ubonisa uSathane ukuthi usenyameni, ungumuntu ojwayelekile—futhi angabusa phezu komhlaba, amqede nya uSathane, ahlenge isintu futhi anqobe isintu. Umgomo womsebenzi kaSathane uwukonakalisa isintu, kodwa okaNkulunkulu wona uwukusindisa isintu. USathane ucupha abantu emgodini wakwalasha ongagcwali, kuyilapho uNkulunkulu ebahlenga kuwo. USathane wenza bonke abantu ukuba bawukhonze, kuyilapho uNkulunkulu ebenza babe ngaphansi kokubusa Kwakhe ngoba uyiNkosi yendalo. Wonke lo msebenzi ufezwa ngokuba uNkulunkulu abe senyameni kabili. Inyama Yakhe eqinisweni inobunye nobuntu nobuNkulunkulu futhi inobuntu obujwayelekile. Ngakho, ngaphandle kokuba uNkulunkulu abe senyameni, ubengeke aphumelele ekusindiseni isintu futhi ngaphandle kobuntu obujwayelekile benyama Yakhe, umsebenzi Wakhe ngabe awuzange uphumelele. Iqiniso lokuba uNkulunkulu abe semzimbeni liwukuthi kumele abe nobuntu obujwayelekile; ngoba ukube kwenzeka ngenye indlela bekuyophikisana nenhloso kaNkulunkulu yasekuqaleni yokuba abe senyameni yomuntu.
Kungani ngithi incazelo yokuba uNkulunkulu abe senyameni yayingeke ipheleliswe umsebenzi kaJesu? Yingenxa yokuthi uMhlaba awubanga yinyama wonke. Lokho uJesu akwenza kwakuyingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni; Wenza kuphela umsebenzi wokuhlenga futhi akazange awuqede umsebenzi wokuzuza umuntu ngokuphelele. Ngalesi sizathu, uNkulunkulu waba yinyama futhi ngezinsuku zokugcina. Lesi sigaba somsebenzi senziwa yinyama ejwayelekile, senziwe umuntu ojwayelekile, obuntu bakhe obungangatshazwa nakancane. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu uye waba umuntu ophelele, futhi ungumuntu obuntu bakhe bungobukaNkulunkulu, umuntu ophelele, inyama ephelele, owenza umsebenzi. Emehlweni omuntu, umane eyinyama nje engenakungatshazwa nhlobo, umuntu ojwayeleke kakhulu okhuluma ulimi lwasezulwini, ongabonisi zibonakaliso, engenzi milingo kunalokho edalula iqiniso ngenkolo emahholo amakhulu emihlangano. Umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni wesibili, ubonakala kubantu ungafani kunokaNkulunkulu wokuqala owayesenyameni kakhulu kangangokuthi akukho nokuncane kuwo okufanayo futhi akukho okwenziwa umsebenzi wokuqala okungabonakala kulesi sikhathi. Nakuba umsebenzi walowo Wesibili uhlukile kunalowo Wokuqala, lokho akusho ukuthi umthombo wabo awuwodwa. Ukuthi umthombo Wabo uhlukile yini, kulele ekutheni uhlobo olunjani lomsebenzi owenziwe ngabantu abangokwenyama hhayi owenzinwe yingaphandle Labo. Phakathi nezigaba ezintathu zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu usebe senyameni kabili futhi kuzo zombili izikhathi umsebenzi kaNkulunkulu uqala inkathi entsha uyiholele emsebenzini omusha; kokubili ukuba senyameni kukaNkulunkulu kuyahambisana. Kuyinto engenakwenzeka ukuba indlela yokubona yomuntu ikubone ukuthi yomibili le mizimba uNkulunkulu aba kuyo empeleni evela emthonjeni owodwa. Akubuzwa, kungaphezu kokubona komuntu noma kokucabanga komuntu. Kodwa empeleni iyafana futhi ivela kuMoya ofanayo. Kungakhathaliseki ukuthi yomibili le mizimba ivela emthonjeni ofanayo angeke yahlulelwe ngesikhathi noma indawo ezalelwe kuyo noma ezinye izinto kodwa umsebenzi waphezulu le mizimba eyibonakalisile. Umzimba wesibili wenyama kaNkulunkulu awenzi nowodwa umsebenzi owenziwa nguJesu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awusondelani nalokho okubonakala eningini njengokulungile, kodwa isikhathi ngasinye uvula indlela entsha. Umzimba wesibili awuhlosile ukujulisa noma ukuqinisa umqondo wokuziveza njengohamba phambili kunowokuqala ezingqondweni zabantu, kunalokho uyawuphelelisa ukuze ulwazi ngoNkulunkulu lujule kubantu, nokuba ugqashule yonke imithetho esezinhliziyweni zabantu nokususa zonke izithombe eziyinkohliso zikaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Kungashiwo kufanele ukuthi asikho nesisodwa isigaba lapho umsebenzi kaNkulunkulu unganikeza khona umuntu ulwazi oluphelele Ngaye; isigaba ngasinye unikeza amazwibela, hhayi lonke ulwazi Ngaye. Nakuba uNkulunkulu ezivezile ukuma Kwakhe ngokuphelele, ngenxa yokuthi ukuqonda komuntu akuphelele, ulwazi ngoNkulunkulu luyohlale lungaphelele. Kuyinto engenakwenzeka ukuba kusetshenziswe ulimi oluqondwa abantu ukuze kuvezwe ukuma kukaNkulunkulu; kuncane kangakanani isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe esimveza ngokugcwele? Usebenza esenyameni embozwe ubuntu Bakhe obujwayelekile futhi umuntu angamazi ngezenzo zobuNkulunkulu Bakhe, kungabi ngomzimba Wakhe obonakalayo. UNkulunkulu uba senyameni ukuze avulele ukuba abantu Bamazi ngemisebenzi Yakhe ehlukahlukene, futhi asikho isigaba esifana nesinye somsebenzi Wakhe esenyameni. Yile ndlela kuphela umuntu angaba khona nolwazi oluphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, hhayi esizweni esisodwa nesisodwa. Nakuba umsebenzi wemizimba emibili yenyama ungafani, okushiwo yiyo le mizimba, ukuthi umthombo Wayo, uyefana, kuwukuthi ibe khona ukuze yenze izigaba ezimbili zomsebenzi futhi ibe ezinkathini ezimbili ezingafani. Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, inyama kaNkulunkulu isuka endaweni efanayo nasemthonjeni ofanayo—leli yiqiniso elingenakuphikwa.
Imibhalo engezansi:
  1. Igama langempela liyawususa “umsebenzi we...”                                                                                                                             UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA

Awekho amazwana:

Thumela amazwana