Kumele uzinakisise izindaba ezithinta okukaMoya; nasemazwini Ami kumele uqaphelisise. Kumele ulwele ukufinyelela esigabeni lapho uzobona khona uMoya Wami nobumina Bami obuyinyama, amazwi Ami nobumina obuyinyama, njengento eyodwa ephelele engehlukaniswe, ukwenze lokhu ngendlela abantu abazokwazi ukungigculisa ngayo ebukhoneni bami.
Nginyathelile umkhathi ngezinyawo zami, ngelulela ukubuka Kwami ezinzulwini zomkhathi, ngahambahamba phakathi kwabantu nginambitha ubumnandi, ubumuncu, ukubaba kanye nokunambitheka kwezinhlobonhlobo zobukhona babantu, nakuba kunjalo abantu abazange bengibone, abangangibona ngihambahamba phakathi kwabo. Ngenxa yokuthi bengithule, angizange ngenze misebenzi engaphezu kwamandla emvelo, ngenxa yalokhu akekho okwaze ukungibona ngeqiniso. Izinto azisenjengoba zazinjalo kudala: Ngizokwenza izinto, lezo okwathi ukusukela ekuqaleni kwendalo, abantu ababengakaze bazibone, ngizokhuluma amazwi, lawo eminyakeni, ngeminyaka abantu abangakaze bawezwe, ngoba ngifuna ukuthi bonke abantu bafinyelele ekungazini enyameni. Lezi yizinyathelo zokuphatha Kwami, lezi abantu abangazazi nakancane. Yize ngikhuluma ngazo ngokuvuleleka, umuntu usadidekile engqondweni yakhe ngangokuthi akulula ukucacisa yonke imininingwane kuye. Kulokhu, umuntu uphansi ngokwesabekayo, akunjalo? Lokhu yikho kanye engifisa ukukulungisa kuye, akunjalo? Yonke le minyaka, akukho engikwenzile kumuntu; yonke le minyaka, ngisho nalabo akade bexhumene ngqo nenyama Yami ngisesimweni somuntu abakaze balizwe izwi liphuma kubo ubuNkulunkulu Bami. Ngakho-ke ngeke sikubalekele ukusho ukuthi abantu baswele ulwazi Ngami, kodwa le nto iyodwa ayikaluthikamezi uthando lwabantu Kimi kule minyaka. Nokho, ngisebenzile umsebenzi omningi omangazayo nongenakuqhathaniswa nalutho, ngakhuluma futhi kini amazwi amaningi. Kodwa namanje, ngisho ngaphansi kwezimo ezifana nalezi, basebaningi abantu abangiphikisa ebusweni Bami. Mangikunike izibonelo ezimbalwa:
Nsukuzonke uthandaza kuNkulunkulu ozenzele yena engqondweni, uzama ukuqonda izinhloso Zami, uzwe ukuthi kunjani ukuphila. Kodwa uma amazwi Ami ehla, uwabuka ngenye indlela: Uthatha amazwi Ami noMoya wami njengento eyodwa engenakuhlukaniswa, kodwa ukhipha umuntu inyumbazane, ucabanga ukuthi umuntu enginguye akakwazi ukusho amazwi afana nalawa, kanti angumphumela wokwenziwa nguMoya Wami. Wenza kanjani ukuthi usiqonde isimo esifana nalesi? Nikholelwa emazwini Ami nigcine ezingeni elithile, kodwa inyama le engiyembatha kakhulu noma kancane, nibheka indlela enibona ngayo, enizindla ngakho usuku nosuku, nithi: “Kungani enza izinto ngale ndlela? Kungenzeka yini ukuthi lokhu kuvela kuNkulunkulu? Ngeke kwenzeke! Ngokubona Kwami, uyafana nje nami – ungumuntu ojwayelekile naye.” Nalapha, usichaza kanjani isimo esifana nalesi?
Mayelana nalokhu engikusho ngenhla, ukhona phakathi kwenu ongazange ahlonyisiwe ngakho? Ukhona ongenakho? Kubukeka sengathi yinto enibambelele kuyo eningasoze nayidedela, kanti sonke lesi sikhathi niyanqikaza ukuyidedela. Namanje, isemincane imizamo yenu yokuphikelela; kunalokho nilinda mina ukuthi ngiwenze ngokwami umsebenzi. Lihle iqiniso, akekho noyedwa umuntu okwazi ukufinyelela ekungazini uqobo ngaphandle kokungifuna. Akuwona amazwi alula nje lawa empeleni okungathiwa nginishumayeza ngawo, ngizonitholela isibonelo esiseceleni ukuze niqonde kangcono: Igama likaPetru libanga wonke umuntu agcwale indumiso, akhumbule zonke izindaba zakhe – ukuthi wamphika kanjani kathathu uNkulunkulu ngaphezu kwalokho wasebenzela uSathane, elinga uNkulunkulu, kodwa ekugcineni wabethelwa esiphambanweni ebhekiswe phansi ngenxa yakhe, nokunye. Manje ngibona kubalulekile kakhulu ukunixoxela ukuthi wangazi kanjani uPetru ngize ngiveze nomphumela wakhe wokugcina. Le ndoda enguPetru beyibalulekile kakhulu, kodwa impilo yakhe ayifananga nekaPawulu. Abazali bakhe bangihluphile, babengabamadimoni kaSathane, ngaleso sizathu umuntu angeke akwazi ukuthi athi bakwenza nakuPetru lokho. UPetru wayecabanga ngokushesha, enobuhlakani bokuzalwa, abazali bakhe bakufisa lokhu kusukela esengumfanyana; uthe esekhulile waba yisitha kubo, ngoba wayehlala efuna ukwazi mina kabanzi, lokhu kwabangela ukuthi abashiye abazali bakhe. Kwakubangwa ukuthi, okokuqala, wayekholwa ukuthi amazulu nomhlaba nakho konke kusezandleni zikaSomandla, nokuthi konke okuhle kuvela kuNkulunkulu nokuthi kuqhamuka ngqo kuye, kuthintwanga yizandla zikaSathane. Uma sibhekisa kuye simenza isibonelo somuntu ohlukile kubazali bakhe, siyathola ukuthi lokhu kwamsiza ukuthi aluqonde kabanzi uthando lwami kanye nomusa Wami, kwamenza abe nentshisekelo enkulu yokungifuna. Wanakisisa ukuthi kungabi kuphela ukudla nokuphuza amazwi Ami, kodwa kube nokuqonda izinhloso Zami, waba nobuhlakani nokuqwasha emicabangweni yakhe, ngalokho wahlala ejulile ngokukhalipha emoyeni wakhe, yikho ayekwazi ukungigculisa kukho konke ayekwenza. Empilweni ejwayelekile, waqikelela ukuhlala eziqoqile wakwenza kwaba yisifundo kuye okwenziwa ngabangazange baphumelele ngasekuqaleni ukuze yena alungele ukuhlangabezana nenselelo yezinto ezinkulu, enokwethuka ukuthi angahle agaxele kunoxhaka wokufeyila. Uphinde waqinisekisa ukuthi uyalugcina ukholo nothando lwabo bonke abake bathanda ngalo uNkulunkulu esikhathini esiyiminyaka. Akabhekisisangaizinto ezingezinhle zodwa, kodwa wanakisisa ezinhle ukuze akhule masinya, kwaze kwaba ufinyelela ebukhoneni bami, wangiqonda ngokwengeziwe Ngenxa yalokhu, akunzima ukubona ukuthi ukubeke kanjani konke ayenakho ezandleni zami, wayengasazilawuli ngokwakhe ngisho ekudleni, ekugqokeni, ekulaleni, noma endaweni ahlala kuyo, kodwa wenza okungigculisayo okuyisisekelo sokuthokozela inala yami. Zaba ningi izikhathi ngimlinga, okwamenza wacishe wafa, kodwa nangaso les0 sikhathi elingwa kayikhulu, akakaze aphelelwe ukholo ngami noma adumazeke kimi. Nangenkathi sengithe sengimlahlele eceleni, akazange aphelelwe yisibindi noma aphelelwe yithemba, kodwa waqhubeka njengaphambilini wagcina izimiso zakhe ukuze alubone uthando analo Ngami. Kuthe uma ngimtshela lokho - ukuthi nakuba engithanda anginakumncoma, kunalokho ngingamnikela ezandleni zikaSathane, nokho angangakwenza kodwa ngagcina ngokukusho; akayekanga ukukhuleka Kimi: Kodwa, Nkulunkulu! Emazulwini nasemhlabeni kanye nasezintweni zonke, ingabe ukhona umuntu, noma isidalwa, noma yini-ke enye ekungekho ezandleni zakho, wena Somandla? Uma ufisa ukungenzela umusa, inhliziyo yami iyothokoza njalo ngawo umusa Wakho; uma ufisa ukungahlulela, nakuba kungafanele, ngiyayizwa imfihlakalo ejulile yemisebenzi yakho, ngoba ugcwele igunya nobuhlakani. Yize inyama yami ihluphekile, nokho ngiduduzekile emoyeni wami. Ngingenza kanjani ukuthi ngingabuphakamisi ubuhlakani nemisebenzi Yakho? Noma ngingafa emva kokukwazi, ngizobe sengikulungele ngikufisa futhi. Kodwa, Somandla! Ngiyazi ukuthi akusikho ukuthi awufuni ngikubone. Ngiyazi ukuthi ngempela akusikho ukuthi angikufanele ukwahlulelwa nguwe. Kukho konke lokhu wabonakala uPetru ukuthi akaziqondi ngokunembayo izinhloso Zami, wakuthatha njengokumele kumqhoshise kuphinde kumuphe inkazimulo ukusetshenziswa Yimi (akanganaka nokuthi angehlulelwa ngalokho ukuze abantu babone ubukhulu Bami kanye nolaka Lwami) akwangamdumaza ukunikelwa Yimi ezilingweniNgenxa yokuthembeka kwakhe ebukhoneni Bami, nangenxa yezibusiso Zami phezu kwakhe, ube yisibonelo kubantu iminyaka eyizinkulungwane. Ingabe lokhu akusona isibonelo okumele nisilandele? Kumele nicabangisise nibone ukuthi kungani ngichaze kabanzi kangaka ngoPetru. Lokhu kumele nikwenze indlela yokuziphatha.
Yize kubonakala ukuthi bambalwa abantu abangaziyo, angeke ngalokho ngikhulume ngentukuthelo Yami kubantu Bami, ngoba banamaphutha amaningi, okwenza kube nzima kubo ukufinyelela ezingeni engilifunayo. Sengibe nobubele kubantu iminyaka eyizinkulungwane ngezinkulungwane, empeleni kusukela lapho kuze kube yimanje. Kodwa ngethemba ukuthi angeke, ngenxa yobubele Bami, nilungele ukuzimela ngokwenu; kodwa kumele ngoPetru, ningazi futhi ningifune ngenxa yazo zonke izindaba zikaPetru, nikhanyiseleke ngendlela engakaze ibe khona, ngaleyo ndlela nifinyelele endaweni ababefike kuyo abantu. Emhlabeni jikelele, ezindaweni ezingenamkhawulo emkhathini, kuyo indalo eningi ngokungenakubalwa, nakuzo izinto zasemhlabeni eziningi ngokungenakubalwa, nakuzo futhi izinto zasezulwini eziningi ngokungenakubalwa, bazingcwelisela isigaba sokugcina somsebenzi Wami. Ngiqinisekile ukuthi anifuni ukusala niyizibukeli eceleni kwendlela, nibalekela izindlela zonke nibalekela amandla kaSathane? USathane uhlale elushwabadela ulwazi abantu abanalo ezinhliziyweni zabo Ngami, ekhiphe njalo amazinyo nezinzipho, ezabalaza kabuhlungu azi ukuthi ekugcineni uzofa. Ingabe uyafisa ukuthunjwa amaqhinga akhe agcwele inkohliso? Ingabe uyafisa, ukuthi njengamanje isigaba sokugcina somsebenzi wami sesiphelile, uzilimazele wena impilo yakho? Nginesiqiniseko sokuthi awulindele ukuthi ngikwenzele ububele futhi. Ukungifuna kuyinto ebalulekile, kodwa akumele ukhohlwe ukwenza konke okuneqiniso. Ngiveza ukuqonda kwami ngqo kuwe ngamazwi Ami, ngethemba lokuthi uzokwazi ukuzinikela ekukholweni Yimi, uyeke ukulandela amaphupho akho noma amacebo akho.
kuNhlolanja 27, 1992
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wasekuqaleni awukufaki ukuthi “empilweni yakhe.”
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wasekuqaleni awukufaki ukuthi “empilweni yakhe.”
UMFULA OHLANZEKILE WAMANZI OKUPHILA
Awekho amazwana:
Thumela amazwana